zulu.2327.yourstories_crime
Wayengeke esalinda ukuba abazali bakhe bazifele, wabona kungcono ababulale
WABULALA UMNDENI WAKHE EFUNA IFA
EZOBUGEBENGU
Injinga yomfana uDan Ewell (ngenhla) wakhokhela umngani wakhe wasenyuvesi uJoel Radovcich (kwesobunxele) ukuze abulale abazali bakhe nodadewabo.
UDALE EWELL wazicebisa ngokudayisa amabhanoyi amancane. Ngo-1992 yena nonkosikazi wakhe uGlee nendodakazi yabo uTiffany (31) bachitha impelasonto yePhasika emzini wabo owawusebhishi. Ngesonto ebusuku babuyela emzini wabo oseFresno eCalifornia. Indodana yabo uDan (21) yayisenyuvesi.
Ngosuku olulandelayo umsizi wasendlini wafika endlini. Ngesikhathi engakwazi ukungena ngaphakathi, wabona ukuthi kukhona okwenzekile wabiza amaphoyisa.
Angena ngaphakathi athola uDale, Glee noTiffany befile benamanxeba okudutshulwa.
Ngabe umbulali noma ababulali - bangena ngaphakathi endlini bacisha i-alamu ukuze lingezwakali enkampanini yonogada"
Amaphoyisa asola ukuthi umndeni wakwa-Ewell wabulawa ngesonto ebusuku ubuya ekhaya lawo elisebhishi.
UGlee noTiffany babehamba ndawonye emotweni kanti yibo ababulawa kuqala ekubeni uDale Ewell wafika ekhaya cishe emva kwehora nesigamu.
"Kuyacaca umbulali emva kwalokho wacasha endlini isikhathi esingangehora nesigamu waze wababulala bonke," kusho umseshi uChris Curtis owayephenya leli cala.
Ngesikhathi amaphoyisa angososayensi ehlola izidumbu, athola izintanjana ezingajwayelekile ezisarabha ezibenyezelayo ebumnyameni.
Kwakukhona nebhokisi elalinezinhlamvu kwelinye lamatafula aseceleni kombhede. Kwatholakala futhi ukuthi izinhlamvu ezasetshenziswa ekubulaleni lo mndeni zaphuma kulo lelo bhokisi.
Lokho nje kuhlangene nokucishwa kwe-alamu kwacaca ukuthi yitulo langaphakathi.
"Owenza lokhu ngowayenolwazi ngekhodi ye-alamu nowayazi kahle ngalowo mndeni ukuze azi ukuthi kukhona ibhokisi elinezinhlamvu ekameleni," kusho umseshi uCurtis.
Ubani owayengaba nesifiso sokubulala uDale Ewell" Njengosozigidi nosomabhizinisi - kuyacaca wayenezitha. Amaphoyisa aqala aphenya.
UDan oyindodana yalo mndeni wayengekho ekhaya ngalobo busuku ngoba wayezikhiphile nentombi yakhe kanye nabomndeni wayo (intombi) endaweni eqhele ngo-200km.
"Kwakungekho nokuncane ukusola ukuthinteka kukaDan kulokhu noma ukungabaza ukuthi wayekuphi ngesonto lePhasika ngesikhathi abazali bakhe bebulawa," kusho umseshi uCurtis.
Kodwa uDan wavele waziphatha ngendlela esolisayo. Wayesezitholele ummeli - nokwase kudingeka amaphoyisa akhulume naye kuqala uma kukhona ayefuna ukukwazi.
"Wayekwenza kube nzima ukuba sithole ababulali bomndeni wakhe," kusho umseshi uCurtis.
Kwacaca ukuthi uDan Ewell wayenenhloso ngokubulawa komndeni wakhe.
"Wayezohlomula ifa
lika-R64 million," kusho uCurtis.
"Kwakuzokuba ngu-32 million ukube udadewabo akabulawanga."
Amaphoyisa athola ukuthi uDan nasezivivinyweni zakhe esikoleni wabanjwa ekopela futhi wayengumuntu owayengenabo abangani. Munye kuphela umngani wakhe - uJoel Radovcich.
Ngesikhathi amaphoyisa eyokhuluma noJoel, into yokuqala ayibuza ngukuthi: "Nizongibopha yini""
"Lena yinto esingajwayele ukuyizwa," kusho umseshi uCurtis.
Amaphoyisa amqapha uJoel emlandela amahora angu-24.
Into ayiqaphela wukuthi wayengalusebenzisi ucingo lwasefulethini lakhe kodwa esebenzisa olomphakathi esitolo esiseduze. Ngabe wayecabanga ukuthi amaphoyisa alucuphile ucingo lwakhe" Uma kwakunjalo yini eyayimkhathaza" Yini le ayeyifihla"
Ngokulandelayo uJoel eyosebenzisa ucingo, omunye wamaphoyisa owayengabonakali wasondela kuye ngenhloso yokuzwa ingxoxo.
UJoel wayefuna R2 million komunye umuntu, efuna neseluleko sokuyizalisa ngohlelo lotshalo-zimali.
Ngesikhathi amaphoyisa ethola amarekhodi ocingo ephuma enkampanini yocingo, kwacaca ukuthi uJoel wayekhuluma noDan.
Ngesikhathi kubhekwa izitatimende zasebhange zikaJoel, zazikhombisa ukuthi wayeyisaphaza imali nakuba wayengasebenzi.
"Wayenza futhi nezifundo zokushayela amabhanoyi amancane ekhokha imali
engu-R4 000 ngehora kodwa engasebenzi," kusho umseshi uCurtis.
Amaphoyisa futhi athola nokuthi ngaphambi kwalokhu kubulala, uJoel wa-oda incwadi ekukhombisa ukuthi uyenza kanjani i-silencer yesibhamu. Le ncwadi wayithumelela umngani wakhe uJack Ponce (23).
Amarekhodi akhombisa ukuthi uJack wayenesibhamu esasifana nesasetshenziswa ekubulaleni.
Ngesikhathi efakwa imibuzo, uJack wathi isibhamu sintshontshiwe.
Okumangazayo wukuthi ngaleso sikhathi kwase kuphele iminyaka emithathu. Abaseshi ababeqopha izinkulumo zezingcingo zikaDan babemlalele ngesikhathi etshela uJeff ukuthi amaphoyisa ayizilima kangakanani.
"Sathi siyobe asisile ukuyekela ingane ihlekise ngathi kanjena."
Amaphoyisa ayenabasolwa abathathu: indodana yakwa-Ewell nomngani wayo wasenyuvesi uJoel Radovcich nomngani kaJoel uJack Ponce.
Sebenencwadi ebagunyaza ukuba baphenye, abaseshi bathola izinto eziningi ezazizobasiza egumbini likaJoel kubandakanya amabhola ethenisi ayisithupha ayenezimbobo lapho kuhlala khona uJoel.
Izintambo ezazikulawa mabhola ethenisi ezifana nalezo ezatholakala ezidumbini zabafi - nokungubufakazi bokuthi amabhola ethenisi ayeyingxenye ye-silencer yesibhamu yokuzakhela.
UJack Ponce noJoel Radovcich baboshwa kodwa uDan wayengabonwa nangokhalo.
UJoel Radovcich akukho akuvumayo kodwa uJack Ponce wayengafuni ukubhekana nesigwebo sokufa, ngaleyo ndlela wabona kungcono abambisane namaphoyisa. Wayethe isibhamu sakhe santshontshwa - manje useyavuma ukuthi wasidayisela uJoel.
Waphinde wathi uJoel wamtshela ukuthi nguye owabulala abomndeni wakwa-Ewell. Wachaza nengaphakathi lomuzi nokuthi wayekuphi, wakwenza kanjani lokhu, kanjalo nokulandelana kwezigigaba - wanika noJack ulwazi olwalungekho emaphepheni.
UJoel watshela uJack ukuthi wasihlukanisa kanjani isibhamu wathatha izingxenye zaso wazilahla ezindaweni ezahlukene. Ngeshwa umbhobho wesibhamu wawusesigangeni esivulekile lapho awulahla khona.
Kwase kuphelile ngoDan Ewell. Amaphoyisa ayesazi ukuthi wayefuna imali yabazali bakhe engasazimisele ngokubalinda ukuba bazifele ngokwabo. Wayengafuni futhi ukuba ayehlukanisele udadewabo. Ngaleyo ndlela waqasha umngani wakhe uJoel Radovcich ukuba ababulale bonke.
UJack Ponce wakhululwa ngokunika ubufakazi obasiza ekuthethweni kwecala.
UDan Ewell wagcina ezilethe ngokwakhe emaphoyiseni.
Ngo-1995 yena noJoel Radovcich bagwetshelwa ukubulala ngenhloso yokuthola imali. Bobabili badonsa isigwebo sokudilikelwa yijele esingenashwele.
Ekhuluma ngoDan Ewell umseshi uCurtis uthe: "Wayenekhanda eliqinile ecabanga ukuthi uhlakaniphe kunabo bonke abantu. Wayehlakaniphile, ningangizwa kabi, kodwa wayengahlakaniphile kunamaphoyisa ayaziyo impilo yasemgwaqweni.[z]
Indaba: Marissa Charles/Splash News
1. Izinhlamvu ezatholakala endaweni yesehlakalo.
2. Isikhali esasetshenziselwa ukubulala.
3. Amabhola ethenisi asikwa ohhafu asetshenziselwa ukwenza i-silencer yesibhamu.
Wa-oda incwadi ekho-mbisa ukuthi yenziwa kanjani i-silencer yesi-bhamu
