zulu.2318.smoking
Uthini Umthetho
BONA ZULU - April 2006
Inkunzi yenkomo
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngaya eMthatha ngiyobonana noyi-agent yokudayiswa kwemfuyo ngoba ngifuna ukuthenga ezinye izinkomo nezinkunzi ezimbili. Wangithatha wangiyisa komunye umlimi bangikhombisa izinkunzi ezimbili. Eyodwa yayibomvu enye imnyama ngathanda emnyama ngaze ngayikhomba nokuyikhomba. Baxoxa bobabili wase ethi umlimi ngingayithenga ngo-R1 000.
Ngabanika imali savumelana ngokuthi ngiyoyilanda lapho sengithole into yokuyithutha. Emva kwamasonto ambalwa ngaphindela kulowo mlimi neloli lokuyithwala. Ngeshwa kwabe sekukhona inkunzi emnyama kuphela. Ngenqaba ukuyilayisha emotweni ngahamba ngayoxoxisana nomlimi.
Wamangala uma ngimtshela ukuthi ngathenga ebomvu kodwa yena wagcizelela wathi ngakhomba emnyama.
Ngabuyela emumva ngiyobonana noyi-agent kwezokuthengiswa kwemfuyo, yena owavele wakhumbula ukuthi ngathenga inkunzi ebomvu wethembisa nokuthi uzongisiza uma kwenzeka lolu daba luya enkantolo.
Namanje angikayitholi imali yami ekubeni nenkuzi ayikho kimina. Ngiyavuma ukuthi kwenzeka iphutha, kodwa ngifuna ukubuyiselwa imali noma ngithole inkunzi engayithenga.
Xolise X, Mthatha
lAbantu bayawenza amaphutha uma benza amabhizinisi kodwa umthetho uhlale ukhona ukubhekana namaphutha avelayo.
Miningi imikhakha yokwenzeka kwamaphutha: ukwenza isibonelo, kungenzeka iphutha lenziwe wumuntu oyedwa noma bobabili abathintekayo. Iphutha ngalinye lithathwa ngendlela ehlukile.
Uma kungabantu bobabili abenze iphutha, lokho kwaziwa ngokuthi yi "mutual mistake."
Emthethweni i-mutual mistake kulapho oyedwa enze iphutha esivumelwaneni sekontileka, ngoba omunye engaqondi ukuthi isicelo sakhe asizwakalanga kahle komunye.
Uma bobabili befinyelela esivumelwaneni esincike emcabangweni owodwa ngento yamanje noma eyedlule futhi lowo mcabango ungesilo iqiniso, ikontileka ithathwa njengengekho.
Uma umuntu kukhona akucabangayo, ukuthatha kancane lokho okwamukeleka njengeqiniso ngaphandle kobufakazi. Lokhu kusho ukuthi uzokwazi ukubeka eceleni noma ukusula ikontileka ngezizathu zephutha.
Kufanele ube nobufakazi bokuthi ikontileka yayiphezu kwemibandela yomcabango owodwa; umcabango wawungesilo iqiniso; ekubeni ingqikithi yalo mcabango yayibalulekile esivumelwaneni sokuthenga nokudayisa.
Lokhu kusho ukuthi ukube wena noma umdayisi nabona kwakuyinkunzi okungesiyo, ngabe akuzange kuthengiselwane.
Kuyacaca kufanele umangalele umlimi ukuze akubuyisele imali yakho. Thola ummeli, uma unenkinga ngalokho - shayela ehhovisi labeScorpion eliseduze nawe. [z]
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
indaba ngu- ANNE ZUMA
isithombe ngabeGREAT STOCK!
KADE wawutshelwa, uzwa ufunda ngakho ukuthi ukubhema akuvumelekile emphakathini akuyilungele nempilo yakho kanti kugulisa noma iyiphi ingxenye yomzimba. Alusakucasuli lolu lwazi"
Okungakucasuli ukuvakashela esibhedlela ubone ukuthi baningi kangakanani ababhemayo abagulayo, nabemindeni yabo bekhathazekile ngabo.
Ukubhema kubeka ababhemayo engcupheni yokuthola izifo eziningi. Isexwayiso ebhokisini singafundeka kanje: "kwenyusa amathuba okuphathwa isifo senhliziyo noma umdlavuza," kodwa lokho kungenxa yobuncane bebhokisi. Uhlu lwezexwayiso lukhulu kangangoba ludinga ibhokisi elikhulu.
Ngabe ukubhema kwenzani empilweni yakho"
I-Nicotine ne-tar yizona zinto ezimbili ezibulalayo.
I-Tar: Ukubhema kugwayi ongena-filter kuno-five billion particles nge-cubic millimetre. Uma lokhu sekuhlanganiswa kungadala isigaxa esi-brown esinamfukayo esaziwa ngokuthi i-cigarette tar.
Amanye amakhemikhali akwi-tobacco tar amataniswa nokuqubuka komdlavuza.
I-Nicotine: Isidakamizwa esikhubaza umqondo - kanti ingubuthi uma isiningi.
Ukubhema kwehlisa iHDL, okungamafutha abalulekile kwenyuse amathuba okuqala kwamahlulu egazi okungaholela ekuphathweni i-stroke.
Ungaphathwa futhi amaphaphu, umphimbo, umlomo, isisu, isinye, izinso namanyikwe.
Uma ukhulelwe kukhubaza ukukhula kwengane kanti kungaholela ekubeletheni isikhathi singakafiki, ekufeni komntwana ubeletha noma kuphuphume isisu.
Ukuhogela intuthu kagwayi yikona okungumbulali omkhulu. Ine-DDT (esetshenziswa njengento yokubulala izinambuzane), arsenic, formaldehyde ne-carbon monoxide.
Lokhu kuxhunyaniswa kakhulu ne-pneumonia yezingane, i-sudden infant death syndrome (SIDS), isifuba somoya, ukuphathwa yizindlebe ezinganeni.
Kwabadala kungadala i-asthma, stroke, i-cardiovascular, umdlavuza nobunzima ekuphefumuleni.
Yini ongayenza ukuze ushintshe"
Uma ungumzali:
uYiba yisibonelo esihle ngokungabhemi.
uUma ubhema, bonisana nezingane zakho ngomzabalazo wakho wokuzama ukuyeka.
uZichazele ngobungozi bako.
uKhumbuza izingane zakho ngokubiza kwawo nokuhlukumeza impilo kwawo.
uIningi labantu liqala ukubhema ngoba lithi liqeda i-stress - fundisa izingane zakho ezinye izindlela zokumelana nengcindezi.
Uma ubhema:
uQonda ukuthi ugwayi uyisidakamizwa nokuthi ngeke kuze kube lula ukuwuyeka. Zilungiselele ukubhekana naleyo nselelo.
uUma kunzima ukuwuyeka yehlisa isibalo sowubhemayo kuze kube awusabhemi nowodwa.
uZithokozise noma nini lapho ufeze isifiso sakho.
uThola izindlela ongaqeda ngazo i-stress - ukubhukuda noma ukugijima.
uQala ukuzivocavoca - kuyasiza.
uUyazi uma uvame ukubhema - ukwenza isibonelo nekhofi noma isiphuzo - uzame ukugwema lezi zimo. Ukwenza isibonelo, suka etafuleni ngokushesha emva kwesidlo.[z]
Umkhuba omubi
Kungani kufanele uyeke ugwayi...
BONA ZULU - April 2006
Ungazikhohlisi...
... azikho ezinye izindlela eziphephile noma ezingcono ngasekubhemeni:
uUgwayi one-tar encane ne-nicotine akuwehlisi amathuba okugula.
uIntuthu kagwayi yimbi njengokubhema ugwayi kanti ingadala umdlavuza emlomeni nasemphinjeni.
uUkubhema inqawe kwenyusa kakhulu amathuba omdlavuza wezindebe nomlomo.
uUkuhlafuna ugwayi nesinefu akuwehlisi amathuba okugula kanti kungaholela ekuphathweni umdlavuza womlomo, wolimi nowomphimbo.
Isexwayiso sezempilo
