zulu.1167.underwear
Khetha okuyikho kwangaphansi
Ibhulukwe elimhlophe
■ Okumnyama kwangaphansi kokugqoka kuhambisana kahle nebhulukwe elimhlophe. Okumhlophe noma okukhanyayo kwangaphansi kuyabonakala kunoma yini emhlophe yokugqoka.
■ Gwema ama-panty othi uwafakile abonakale, khetha afihlekayo. Uma ufaka lawo angama-briefs, qiniseka angaphansi kwezinqe awanqamuli phakathi kuzona.
Iseluleko: Uma uthenga ibhulukwe elimhlophe, ikakhulu le-linen, qiniseka ukuthi indwangu ayikhanyi kakhulu.
I-T-shirt
■ I-T-shirt bra kufanele iwasekele kahle amabele akho ukuze angakhombisi ukuqumba nokugcwala.
■ Cabanga ngokuthenga i-sports bra, okungenzeka futhi ibize kodwa engawasekela kahle amabele akho.
Iseluleko: Qiniseka ukuthi ubuza kumuntu oqondene nezokuthengisa esitolo ukuze uhlole usayizi ka-bra ngaphambi kokuwuthenga.
Ungoni ukubukeka kahle kwakho ngokugqoka okwangaphansi okungabukeki kahle.
Izitayela: Lethu Nxumalo Izithombe: Peter Whitfield.
Ama-top avulekile
■ Amabhande ka-bra abonakalayo enza kungabukeki kuma-top avulekile. U-bra ongenamabhande ungaba yikhambi lale nkinga.
■ Uma unamabele amakhulu okungelula ukuwatholela u-bra ongenamabhande, kungcono uthenge onamabhande owafasa abe ngusayizi owufunayo.
Iseluleko: Faka ama-top noma izingubo ezivulekile ezino-bra owakhelwe khona uma unamabele amakhulu.
Ama-low-rise denim jeans
■ Gqoka ama-low rise jeans akho nama-underwear angama-low rise.
■ I-underwear mayihambisane ne-low-rise jeans ukuze kungaveli umzimba.
Iseluleko: Faka ibhande kuma-low rise jeans.[z]
AMACEBO EZEFESHINI
