zulu.2312.henry cele
U-Henry Cele ungumqemane kanti uphezu kwamalungiselelo okudlala komunye umdlalo...
UGOGO owayelima ensimini endaweni esogwini oluKwaZulu-Natal wethuswa yisililo somzukulu wakhe owayenamasonto ayisithupha ezelwe. Wacabanga ukuthi kwakungenzeka ukuthi wayeselambile efuna ukudla.
Kwathi uma ingane ikhala ingathuli, ugogo waya ekhaya eyobheka ukuthi ngabe kwenzenjani.
Wathola umzukulu wakhe ngaphansi kwesihlahla sikagwava. Wazibuza ukuthi ngabe indodakazi yakhe ikuphi"
UGogo wathatha umzukulu wambeletha kodwa lutho ukubonakala umama wengane. Kwagcina kubonakele ukuthi ngeke esabuya.
Lowo mfana kwakunguHenry Cele - kanti wakhula engabazi abazali bakhe.
Akazi ukuthi wazalwa nini kanti ngokukagogo wakhe wazalwa ngesikhathi sempi yamaZulu namaNdiya ngo-1949.
Ukulahlwa kwakhe abazali kungenzeka ukuthi kwaba nomthelela ekudumeni kwakhe njengoShaka ekubeni engahlobene nomndeni wasebukhosini baKwaZulu. Uma abalandeli bakhe bembingelela ezitaladini zaKwa-Mashu lapho ehlala khona bathi, "Sawubona Shaka!"
UHENRY CELE usedlale indawo yeNkosi uShaka kaningana kusukela aduma edlala ochungeni lweSABC TV oluthi Shaka Zulu. Ngaleso sikhathi wayesevele ezakhele igama njengomdlali webhola oqavile owayedume ngoBlack Cat Cele.
Emva kweminyaka ezisebenzela namaqembu entsha ebhola, manje ungomunye walabo abaqokwe yiHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal ukuze baphucule umdlalo webhola ezindaweni ezisemaphandleni ingakaqali imidlalo ka-2010.
"Kuboshelwe thina zinkunzi ezaziwayo!"
Umzimba wakhe usesimweni esihle kanti uzilolonga ngokuzimisela njengamadoda angaphansi kwakhe ngeminyaka. Lokho uzokubona uma esedlala eThekwini naseGoli njengoShaka kwiBayede Shaka!
UKUSEBENZISA kukagogo wakhe imithi kwenza ukuba abantu bamnuke bathi ungumthakathi kanti ngenxa yalokho ugogo wabaleka nomzukulu balibhekisa eSydenham, ngaseBerea eThekwini.
"Wasebenzela umndeni wamaNdiya kanti sasihlala endaweni eyayingaphansi kuleli khaya. Kwakuhlala kumnyama endlini emini nasebusuku. Ngangisemncane kodwa ngangikwazi ukuma ngiqonde ngaphakathi endlini."
Kwathi uma ugogo wakhe esephelelwa amandla okusebenza, baxoshwa kuleli khaya. Ugogo kaHenry washona uHenry eneminyaka engu-12. Wayefunda uStandard 2 ezimisele ngokuqhubeka afunde.
Wakhombisa ukuba nethalente emdlalweni webhola edlala eqenjini labasebancane kuSomtseu Road eThekwini.
"Kwangikhanyela ngaleso sikhathi ukuthi umngani wami omkhulu kufanele kube ngubuchopho bami ngafunda ngaze ngafika kuStandard 6."
U-Henry waqhubeka wabekezela wafunda ngeposi waze wafika kuStandard 8. Kwaba yisifiso sakhe ukufundisa izingane zakhe kanti indodana yakhe isingumcwaningi-mabhuku ofunde wagogoda, indodakazi ingu-land surveyor kanti enye inebhizinisi layo lokupheka.
KODWA kukhona okunye okubuhlungu ngempilo kaHenry. "Indodana yami angiyiboni kalula kanti indodakazi yami encane isanda kuqala ukungivakashela," kuchaza uHenry.
"Ngesikhathi siqala ukubonana ngangigcine ukuyibona isencane. Kodwa kwasheshe kwangikhanyela ukuthi yigazi lami leli.
"Ufana nami,' Amagama engawasho kuyona lawo, 'kodwa wena umuhle.' Yangidabukela ngoba ngangihlala ngedwa kodwa ngathi kuyona, 'Ngiyazi ukuthi ungithanda ngenhliziyo yakho yonke. Sobabili siyazi ukuthi uyohlale uyindodakazi yami.'"
U-Henry unentombi kanti uthi uyangabaza ukuphinda ashade njengoba esedivose kabili.
Unkosikazi wakhe wesibili wafaka isehlukaniso yena engekho eyodlala efilimini eNamibia.
Izingane zabo zabuyela ngakumama wazo uHenry wasala nesitolo ayesakhele unkosikazi wakhe ekhaya.
"Abazali bami bahlukana ngisemncane kakhulu ngakhula ngaphandle kwabo. Ngangingafuni ukuthi lokho kwenzeke ezinganeni zami."
"Umhlaba ugcwele umona kanti kufanele siqaphele. Ngingumuntu odumile nogqamayo esixukwini ngenxa yobude bami. Abangani bami abahlali nami. Ungathi ngazalwa nokuthile okuthe xaxa. Lokho kuthanda ukuba ngumthwalo onzima kimina."
ABANTU abathembekile kuyena ngabalandeli bakhe. Kusukela ezinsukwini lapho ayesadlala khona ibhola edume ngelikaBlack Cat Cele kuze kube yimanje lapho esebizwa khona ngeleNkosi uShaka, abalandeli bakhe abakhohlwa wukumbingelela, bamlandele bamenze azizwe ethandwa.
Kungenzeka ukuthi mhlawumbe sasingeke senzeke isigameko esamehlela eGoli ukuba wayengadumile.
"NgangiseGoli ngesikhathi uKansas City owayenguDJ exhumana nami ekuRadio Zulu ethi: 'Abasesibhedlela saseMurchison bazama ukuxhumana nawe. Kukhona indoda egulela ukufa kuleso sibhedlela ethi ingubaba wakho kanti akekho umuntu ongayingcwaba ingakafiki indodana yayo eyayithola emshadweni ukuze iyikhulule.'
"Angizange ngikukholwe lokho. Kodwa leyo ndawo yayiseduze kwalapho ugogo ayehlala khona... Kwadingeka ukuba ngiluthathe lolo hambo.
"Ngafika eseshonile kodwa kwangikhanyela ukuthi kwakungubaba ngempela. Kwaba sengathi ngibuka isithombe sami.
"Wayeselale esibhedlela isikhathi esingangenyanga."
"Ngesikhathi ngifihla ubaba ngamtshela ukuthi siyohlangana kwelizayo." [z]
Izimfihlo zikaShaka Zulu mayelana nemali
U-Henry wadlala ibhola ngesikhathi abadlali bebhola beqala ukuba bakhokhelwe eSA kanti usakhumbula ngesikhathi ecelwa ukuba adlalele amaqembu amakhulu ezohola u-R5 ngesonto.
"Lokho kwangenza ngazizwa ngingumuntu ocebe kakhulu. Kodwa ngaleso sikhathi izinto zazibiza kahle impilo ilula kunalokhu eyikho."
Ngesikhathi eqala ukudlala indawo kaShaka, waholelwa uR25 000 ngokudlala kulolo chunge. Njengoba ayeseyimfunda kulo msebenzi akakwazanga ukuthola isabelo enzuzweni eyayenziwa yilo mdlalo. Kodwa wathola isifundo ngokushesha wayiphatha kahle imali ayeyithola.
"Ngathola ukuthi izimpahla zokugqoka ezinhle engangizibona zigqokwe abantu ababedlala kwiTV zazithathwa egumbini elalihlala izingubo! Labo engangibahlonipha babehlala ezindlini ezazinamagumbi amane noma emijondolo. Babengenayo into ephathekayo.
"Ngathola isifundo sokuthi akufanele ngisaphaze imali ngethemba lokuthi ngisazothola enye.
"Ngayonga ngayibeka ngagcina sengithola imadlana engcono ngokudlala kuma-movie amancane kunaleyo engangiyithola kuShaka Zulu."
Okusha okuhloswe nguBlack Cat Cele
indaba nguPATRICIA McCRACKEN
KWESINGENHLA NAKWESISHUTHEKIWE: Ubuso obubili bukaHenry "Shaka" Cele ...
Abalandeli bami bangumndeni wami
BONA ZULU - March 2007
u
t
Ukudlala indawo kaShaka kwahlanganisa uHenry nobaba wakhe
BONA ZULU - March 2007
Ikhaya likaHenry lihlala lihlanzekile lihlotshiswe ngokwase-Africa.
