zulu.2310.legal
Uthini Umthetho
Ngingabuyelwa kanjani yimpahla yami"
INKINGA: Ngesikhathi ngiboleka R5 000 kumashonisa, wangicela ukuba ngisayine ikontileka lapho ngangivuma khona ukubambisa ngemoto yami ngize ngikhokhe imali.
Ngesikhathi sengiyikhokhile yonke - kanye nenzalo - wenqaba ukungibuyisela imoto yami wathi yalimala ngesikhathi isegaraji eyipakile wathi ufuna ukuyilungisa.
Njengamanje emva kwezinyanga eziningana, usenqaba ukungibuyisela imoto yami kanti futhi akakayilungisi lapho yalimala khona. Ngenzenjani"
ISELULEKO SOFEZELA: Ngenhlanhla umthetho ubeka ngokucacile ngale nkinga onayo.
Wasayina isivumelwano esasibambisa ngemoto yakho kumuntu owayekuboleka imali.
Wabambisa ngemoto yakho ngokwesivumelwano, ukuze ayigcine ngokwegunya lomthetho.
Kulokhu, umuntu owakuboleka (simbiza nge-"pledgee") kudingeka ukuba ayinakekele ayibheke leyo nto okubanjiswe ngayo (kulokhu okuyimoto yakho) kanti konke okwenzeka kuyo kuba ngumthwalo wakhe.
Uma isikweletu sesikhokhwe saqedwa oyi-pledgee kufanele ayibuyise impahla okwakubanjiswe ngayo isesimweni eyayikuso ngesikhathi eyinikwa. Kungakuhle uma lowo mashonisa unga-mbhalela incwadi erejistiwe umcele ukuba abuyise imoto yakho zingakapheli izinsuku ezingu-7. Qiniseka ukuthi uyabubeka ubufakazi bokuyirejista.
Uma umashonisa engayibuyisi imoto yakho, kuzodingeka ubonane nommeli akusize.
Enkantolo uzothola ithuba lokucela ukuba aphoqelelwe ukuyibuyisela kuwe ngokushesha.
Ummeli wakho kufanele amkhiphele amasamanisi okuba akubuyisele imoto yakho nokuba uthole amademeshe.
Kufanele kube yimali yokukhanda imoto yakho. Kufanele wenze ama-quote ezindawo ezintathu ezihlukene ezikhandayo.
Ngaphandle kokungabaza uzophumelela. [z]
BONA ZULU - October 2006
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
ESITHOMBENI KULINGISIWE
