zulu.2307.yourworld_tvguide
YISIKHATHI SE-TV!
UYASHISA!
U-Will Smith uxoxa nge-Hitch, umdlalo wamahlaya okhuluma ngothando (SABC1 ngo-8pm, March 22)
KwiHitch kukhona iziqephu zothando – ngabe uJada (Pinkett Smith unkosikazi kaWill) ucabangani ngawo?
Siyethembana. Into engenza ukuba umuntu abe nesikhwele noma angamethembi omunye wukungabaza – sisusa konke ukungabaza emshadweni wethu.
Ngabe akhona amathiphu abesilisa abangawacosha kule-movie?
Ngicabanga ukuthi sonke sinokuthile okuyikhwalithi esingakuthanda kanti uthando lusho ukuthola leyo khwalithi – ngingashoke ukuthi akhona. Le movie isitshela ukuthi umuntu wesilisa angathandana nanoma yimuphi umuntu wesimame!
KwiHitch unekhono lokweshela izintombi – ngabe wawunjani ngesikhathi ungakashadi?
Ngangingenalo neze ikhono. Ngangivame ukuthuma omunye umuntu ukuba angikhulumele entombini – ngangicela odadewethu noma abangani bami besimame. Sengake ngaphoxeka kanti ngangiqale ngenze ucwaningo ngalowo muntu ngingakamesheli ukuze ngingaphoxeki.
Ngabe waphoxeka kanjani?
Ngangineminyaka engu-10, uStacey Brooks wangethembisa ukuthi uzodansa nami kwi-birthday party kaSean Haw. Ngangisalinde ukuba afeze isethembiso sakhe ngesikhathi ngimbona edansa noDavid Brandon – ngabesaba kusukela lapho abantu besimame.
(UMTHOMBO: www.indielondon.co.uk)
Sin City (March 1, 10pm, SABC1)
Le yi-movie eyindida enodlame kodwa ethathwa njengevelele.
Johnson Family Vacation (March 14, 8pm, e-tv)
Amaholide omndeni angamgqilaza umuntu wesilisa, kodwa uCedric The Entertainer uzama ngawo wonke amandla ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu bathokozile ngokwenza okuzobajabulisa.
Fantastic Four (March 22, 8pm, e-tv)
Zibonele uJessica Alba edlala njengosethimbeni lamaqhawe asemkhankasweni wokuphephisa umhlaba.
ONGAKUBUKELA
YESTERDAY
(March 21, 10pm, SABC3)
Zibonele uLeleti Khumalo omunye wabadlali abanekhono lokudlala eSA enza ezibukwayo.
AMA- MOVIE OKUBUKWA
BAKHOHLAKELE!
Sibheka ukuthi abadlala kuma-soapie balele kumuphi umqondo
Cabanga kahle uma kungukuthi ubuzitshela ukuthi uStephanie usephume waphela ekhaya lakwaForrester. Uzosebenzisa isigameko sokudutshulwa kwakhe atshele uDonna ukuthi makahlukane no-Eric uma engafuni ukuthi umfowabo aboshwe. Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6pm, SABC1
U-Farrow uzimisele ngokwenza noma yini ukuze abe sesicongweni, ngisho noma lokho kungasho ukubambisana noGeorgie Zamdela ebhizinisini. Ngabe uFarrow unethemba lokuthi uBarker uzobona ikhono lakhe amkhuthaze? Zibonele! Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6.30pm, SABC3
U-EJ uzolalela imiyalo kababa wakhe ezosusa uthuthuva olukhulu eSalem. U-Sami uyena muntu wokuqala ozozibonela ukuthi indodana kaStefano ikhohlakele kangakanani. Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6.55pm, SABC3
U-Abigail useziphethe kahle kodwa ungakhohliseki. Uma esevuselele ubudlelwane bakhe nendodana yakhe uTino, uzocekela phansi impilo yomuntu osondelene noDaniel. Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu, 7.30pm, e-tv
U-David Genaro uyaphika ngesikhathi uDiphuka etshela uLucila ukuthi uya naye ocansini. Ngabe uDavid uzohlala abuke uDiphuka efa ukuze aqinisekise ukuthi uphuma uyaphela empilweni yakhe? Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6.30pm, e-tv
ULufuno ononya akazi ukuthi yini azoyenza njengoba enezesheli eziningi kodwa lokho akusho ukuthi usezoyeka ukwenza okungasile. Bheka indlela adlala ngayo ngo-Agnes. Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu 9pm, SABC2
Muhle, kodwa ubuhle buyakhohlisa. Ngabe uDineo uzowahlawulela amacala akhe? Kubukeka sengathi kuzoba njalo ngoba umyeni wakhe uKenneth useyaqala ukululama. Ngabe uKenneth uzokwenzani uma ezwa imikhuba uDineo abeyigila? Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu, 8pm, SABC1
EZAMA-SOAPIE
ESIKU-KHE-THAYO
U-TOP 10 WETHU
Zibusise ngama-video omculo wakuleli nowaphesheya ubuke abaculi becula bukhoma.
Uma ungumthengi odunyazwe yisitolo esithile, lolu hlelo akufanele lukuphuthele.
Kulolu hlelo sibona abantu nezinto eziyindida ezimangalisayo.
Zizwele umgosi wosaziwayo bakho obathandayo.
Zibonele abantu behlangana nabathandiweyo babo bexolelana bekhohlwa okwedlule.
Kulolu hlelo kuhlanganiswa imindeni.
Wuhlelo lwaseSA lomculo woKholo olumnandi kakhulu.
Ukuthi lo mdlalo awusiko lokhu okubonayo akusho ukuthi awumnandi.
Wumdlalo okufanele uwubukele lona owashuthelwa eJozi osifundisa ukuthi impumelelo ayizi kalula.
Yizwa ezakamuva ngama-movie, izincwadi, i-theatre nomculo.
Umdidiyeli: Slash Luthando
