zulu.2306.yourman_motoring
Ngabe yimoto yabantu lena?
Uma ufuna imoto yomndeni ephephile engabizi, yiLogan engakulungela
I-Logan yakhiwa emva kokuba uLouis Schweitzer wakwaRenault ebone ukuthi iyadingeka imoto yomndeni ekahle engabizi kakhulu.
I-Logan yethulwa ngokusemthethweni ngo-2004 kanti namuhla idayiswa emazweni ehlukahlukene ngaphansi kweRenault, Nissan, Dacia kanye neMahindra. Manje isiyatholakala naseSA.
Le moto ayiyinhle kangako kodwa nazi izizathu ezintathu ezenza ukuba siyithande:
1 IPHEPHILE
Ziningi izinhlobo zayo kodwa iLogan edayiswa eSA ibalwa kulawo aphephile, yakhiwa e-India ngabakwaMahindra, kodwa idayiswa njengeRenault.
I-Logan 1.6 Expression ine-airbag, ABS brakes, power steering ne-air-conditioning.
Ezinye izinto ezinhle kule moto amawindi asebenza ngogesi angaphambili nangemuva, umsakazo odlala amaCD neMP3 onama-speaker amane, ilambu elibonwa kalula yizimoto ezikulandelayo, amalambu enkungu, uyishintsha nge-remote kanti ine-immobiliser.
2INENDAWO ENKULU
I-Logan inebhuthi enkulu kanti ivuleke kahle ngaphakathi. Kukhona izinto ezenza uhambo lwabantu obagibelisile lube mnandi. Ukwenza isibonelo, amabhathini owacindezelayo ukuze kuvuleke amawindi aphakathi kwezihlalo zangaphambili.
3 IKAHLE EMIGWAQWENI YETHU
I-Logan ihamba kahle emigwaqweni emibi. Ihlala izinze emgwaqweni kanti iphakeme okusho ukuthi ngeke ufike kubuhlungu izinqe lapho uya khona!
Injini yayo ihamba kahle kanti kuphetroli idla u-8,5 wamalitha ngo-100km.
ISIPHETHO
I-Renault Logan 1.6 Expression ibiza R106 900 inewaranti yeminyaka emithathu noma ibanga lika-100 000km kanti iyimoto enhle ebiza kahle engajabulisa imindeni eminingi.[z]
Indaba: Gavin Foster
EZEZIMOTO
I-Logan ikahle emi-gwa-qweni- emibi
OKUFANELE UKUQAPHELE EMOTWENI YAKHO
Njengoba imali ingabonwa, iningi labantu abanezimoto alinamandla okusevisa izimoto ngendlela efanele. Kodwa nazi izinto okungafanele uzishaye indiva:
Amabhuleki namathayi. Awukwazi ukungazilungisi lezi zinto ngoba ngokungazinaki ungabeka impilo yabantu engozini. Shintsha amathayi ngokushesha uma eklayekile noma equmbile. Zama ukugwema amathayi angamasekeni, kodwa uma ungenamandla okuthenga amasha, shayela ngokucophelela ukhumbule ukuthi ngeke ahlale isikhathi eside njengamasha. Hlola amabhuleki akho ufake ama- pads kungaze kukhuhlane izinsimbi.
Injini. Noma ungangazishintsha ezinye izinto kodwa qiniseka ukuthi uwoyela wenjini ne-filter ukushintsha njalo - uma ungakwenzi lokho injini yakho izosheshe ikhathale. Buza kumuntu ofundele ukukhanda imoto ukuthi ungazishintsha kangaki lezi zinto.
I-cam belt. Shintsha i-cam belt ngesikhathi esifanele, ngisho noma ingabukeka iseyintsha. Ama-cam belts enzelwe ukuhamba ibanga lika-100 000km, kanti uma ungakwenzanga lokho iyagqashuka. Uma igqashukile, ama-pistons angathinta ama-valves agobe kudaleke umonakalo ozodla ephaketheni lakho.
Okokugcina, uma kukhona okungahambi kahle emotweni yakho, ungakhohlwa wukuyiyisa kumuntu okhanda izimoto othembekile uma usunemali, ahlole imoto ayilungise ngendlela eyiyo.
