zulu.1166.BEC feedback
IZINKUMBI zabantu basePort Elizabeth zatheleka ziliqhamukisa kuzo zonke izinkalo kuleli dolobha zizoba mdibi munye noBONA e-Edward Hotel. Ukufika kwabo kusasele amahora amabili ngaphambi kokuqala komcimbi kwafakazela ukuthi bakulangazelele ukuba yingxenye ye-Empowerment yethu.
ULulu Haarmans woMhlobo Wenene owayenguMphathi woHlelo uyabazi abalaleli bakhe. Wabakitaza ngamahlaya wabathembisa ukuthi bazobhema bakholwe. Ubuso bukaForce Khashane onguMhleli bujwayelekile kule micimbi. Nguye owayesihola sekuculwa iculo lesizwe laseSouth Africa ababekulo mcimbi abalamukela ngenkulu inhlokomo sabona nelinye ithalente lakhe ebesingalazi!
UNopinkie Nqalo wayeyisikhulumi sosuku kanti ungumeluleki wakwa-ABSA eNelson Mandela Metropolitan University.
UNopinkie wethula inkulumo enohlonze mayelana nemibuzo evame ukufika engqondweni uma uvula ibhizinisi lakho. Okwakuhlomisa kakhulu enkulumweni yakhe kwaba ngukuthi wayenezimpendulo emibuzweni efana nethi, “Libhuntshiswa yini ibhizinisi lami? Sinqatshelwani isicelo sami semali-mboleko? Ngizoziholela malini?” Wathi uma ungenalo uhlaka lwebhizinisi, uzithola usubhekene nalezi zinselelo.
Kusemqoka ukubhala iholo ongaziholela lona ohlakeni lwebhizinisi. UNopinkie wagcizelela iphuzu lokuthi kumele uthembeke ungafihli lutho ohlakeni lwebhizinisi ukuze uhlelo lokubolekwa kwemali luhambe kahle uphathe konke okudingekayo okuzohambisana nohlaka lwebhizinisi lakho.
Ababekulo mcimbi babuye bezwa nangempumelelo yosomabhizinisi abathathu. Kuhle ukubona abantu osekufezeke izinjongo zabo empilweni. Kwakuyizintokazi ezintathu ezazigcwele intokozo ngesikhathi zibikela izihambeli ngamabhizinisi azo. Zathokoza kakhulu sezamukela obhulankethi be-Aranda.
U-Karin Fritz wakwaMageu Number One watshela izihambeli ngamathuba abo okuvulwa kwamabhizinisi. Okumele ukwenze wukuzifikela mathupha kwi-empowerment ugcwalise amafomu eMageu.
ULulu wabuye watshela izihambeli ngabanye abaxhasi be-Empowerment Club. Wabalula i-Aranda Textiles wachaza ngamathuba enawo kwezamabhizinisi.
Ngesikhathi izihambeli sezihlezi phansi zilungiselela ukuzitika ngezidlo, azizange zikholwe sezibona u-Arthur Mafokate nabadansi bakhe abangoNestum, Chomie noHlengiwe. Zajabula zadela sezithola amaCD! Omama basePort Elizabeth ngeke ubathinte uma kukhulunywa ngentokozo! Babemi kolayini befuna izithombe zika-Arthur nokusayinelwa igama lakhe.
I-BONA Empowerment Club isazimisele ngokushaya ibuya kwelaseBhayi! [z]
BONA ZULU – February 2006
Kwi-workshop yeCooking
and Baking
For Profit eyayiseP.E. kwakukhona, kusukela kwesobunxele: Sis Dano, Nothobile Norushau, Khangelwa
Zinto noNoncedo Zinto.
I-BONA Empowerment
Club ivakashele
idolobha elinechweba
elidala ePort Elizabeth
NGEZANSI: Abafundi baseP.E. uNelisa Tshazibane, Nolwandle Macuba, Monica Fiyane noFundisa Tshazibane.
NGENHLA: Kwakumnandi kudelile kuLydia Bonani, Nkk F. Bonda, Gloria Jones noNombulelo Rasmen.
BONA ZULU – February 2006
U-Sylvia Dyo Komba, Lorraine Kolele noVirginia Cila belinde u-Arthur.
BONA – Febuary 2006
