zulu.2299.blockpuzzle
BONA ZULU – May 2007
Block Puzzle
Zithokozise uthuthukise ulwazi lwakho lwesiNgisi. Phendula ngokuyikho ulandele imicibisholo uzothola igama lomshayi-sibhakela wakuleli ezikweleni ezimnyama.
Usuku lokuvala ngumhlaka: 31 May 2007
WINA!
NGENELA namuhla uzibeke ethubeni lokuwina ihampa eyodwa kwangu-35 e-movie kulo lolu shicilelo.
n 15 amahampa eFreedom Writers, iyinye ine-blackboard noshoki, imagi, into yokufaka amaCD kanye ne-poster.
n 15 amahampa eNorbit, iyinye inepeni, i-notebook kanye ne-poster ye-movie.
n 5 izikhwama nama-notebook eHot Fuzz
I-Freedom Writers, okudlala phambili kuyo uHilary Swank osahlabana kabili kuma-Academy Award, isuselwe endabeni eyenzeka ngempela entsheni yaseLong Beach ngezikhathi zezibhelu eLA.
Njengoba bebaningi ababoshwa, oyisikhulu samaphoyisa uNicholas Angel (Simon Pegg) wenza umsebenzi wakhe kahle kangangoba ozakwabo baze babonwe njengabantu ababi. Kwi-Hot Fuzz, okuyi-movie enomnyakazo futhi enamahlaya, u-Angel uyadingiswa uyiswa endaweni engenabo ubugebengu yaseSandford, kodwa futhi usezithola esephakathi kokujahana kwezimoto, ukudubulana kwamaqembu nokunye.
Emva kokulaxazwa emasitebhisini esitolo samaShayina esidayisa ukudla, uNorbit (Eddie Murphy) ukhuliswa nguMr Wong waphoqwa ukuba ashade noRasputia. Kwathi lapho impilo yakhe isisezinkingeni, kwaqhamuka uKate intokazi ayethandana nayo beseyizingane.
Ukuze uwine
Ukuze uzibeke ethubeni lokuthola ihampa, gcwalisa izikwele ukuze uthole igama elifihlekile kwezimnyama. Bhala impendulo kwi-postcard, igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, uyithumele kuleli kheli: BONA/May Block Puzzle No 67, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe MAY MOVIES ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.) [z]
Amahampa ezinto zama-movie ezibiza
R6 000
