Zulu.2296.scavengers
BAZIPHILISA NGODOTI
IMPILO
BONA ZULU September 2008
Bafika ekuseni ngovivi bavule opulasitiki abamnyama bokufaka izibi. Obani laba? Baphila kanjani? Kwenziwa yini ukuthi baphile impilo enje? UBONA uvakashele abaseSA abaphila "ngezibi..." Indaba nguDon Makatile, izithombe nguMatia Komako
NJALO ekuseni ngoMsombuluko abantu abahlala eMindalore, indawo yabadla izambane likapondo esentshonalanga yeGoli bakhipha imigqomo yabo yezibi ukuze iqoqwe amaloli kamasipala aqoqa izibi.
Kodwa kuyaye kuthi lapho ingakathuthwa le migqomo, kubonakale amadoda nabesimame, kokunye basuke behamba nezingane zabo, bevula imigqomo befuna okulahliwe abangakusebenzisa.
Yinto esesiyijwayele eSA lena ngosuku lokuthuthwa kwezibi. Abanye basitshela ukuthi kuyenzeka bathole nezingubo. Bathola namabhodlela kabhiya angenalutho abangawadayisa - abiza 50c lilinye ebhodlela-sitolo.
Kodwa abakugada kakhulu yizinsimbi ezingasasebenzi - ungathola imali enhle ngazo uma uzidayisela labo abasebenzisa izinsimbi. UNomakhaya Mbulaleko waqala ukuphila le mpilo emva kokudilizwa emsebenzini ngenxa yobuthaka bempilo yakhe.
Kwadingeka ukuba ancenge abomndeni wakhe ekhaya e-Elliotdale ukuba bathathe izingane zakhe ezine kweziyisithupha bamkhulisele zona. Izingane zakhe ezimbili ahlala nazo emjondolo eSoul City ziyafunda kanti uNomakhaya uchitha cishe usuku lonke ebheka izibi emadolobheni ukuqinisekisa ukuthi izingane zakhe ziyaya esikoleni.
"Ngibheka izimpahla isonto lonke ngizidayise ngoMgqibelo," kuchaza yena. "Ngenza lokhu ukuze izingane zami zilale zidlile."
Amanani ezimpahla zakhe uwazi kahle - i-kilogram lamabhodlela epulasitiki angamalitha amabili angenalutho ulidayisa u-60c, isisindo esifanayo samakani eziphuzo namabhodlela obisi akudayise u-50c.
"Ngiyayithola impuphu namakhandlela njengoba indawo esihlala kuyona ingenagesi."
Kuyenzeka athole amatoho, kodwa ubuthaka bempilo yakhe buyamthikameza. I-ID yakhe wayithola emva kwesikhathi afaka isicelo sayo.
Yafika igama lakhe lingabhaliwe kahle kodwa uthi ngeke ayishintshe. "Kungenzeka ngiphuze ukuyithola," kusho yena.
Enye yezindawo ezintsha ebatholisa inzuzo yindawo yaseSaratoga eseMindalore.
Iphunga alisamhluphi. Eliqandula ikhanda namuhla elenhlanzi ebolile. Akufunayo yizinto angazidayisa kanti uzilayisha ebhaleni aliphiwa yinsizwa yaseDutywa.
U-ISAAC MOKOENA uneminyaka engu-38 kanti kufanele ukuba ngabe wenza umsebenzi ongcono angaziphilisa ngawo kodwa ukuhlushwa kwakhe yisifuba kwenza ukuba angawutholi umsebenzi.
Kodwa ufunga uyagomela ukuthi ngeke ahambe ecela kubantu.
Kwezinye izindawo izibi zikhishwa ngeMisombuluko, kwezinye zikhishwe ngoLwezibili, ngoLwezithathu noma ngoLwezine. "Okusho ukuthi kuphela izinsuku ezine ngifuna izibi," kusho yena.
"Kokunye ngiyawuthola u-R30. Ngiyaluthola ubisi nobhanana, ukudla odokotela abathi kufanele ngikudle."
Uhamba ibanga lika-10km esuka eKagiso, afike izibi zingakathathwa abanye abantu noma amaloli.
Wayeseqoqe amakesi amabili amabhodlela kabhiya ngesikhathi abakwaBONA bexoxisana naye!
"Ngizothenga insipho yokugeza namuhla," kusho yena ngentokozo.
Abambisene naye kulo msebenzi nguBoesman Mmega oneminyaka engu-65, othi ulinde ukuthola imali yakhe yempesheni aseyibhalisele. "Lokhu kungcono kakhulu kunokungatholi lutho. Kuyalixosha ikati eziko," kusho yena ephawula ngomsebenzi wabo wokufuna izibi.
UMmega ufunga uyagomela uthi ngeke antshontshe.
UVusi Dlamini ubalwa "kwabadla kahle" kuleli bhizinisi. Uyawenza u-R150 ngokusho kwakhe. "Ngifuna izinsimbi kuphela."
"Kusasa ngizobe ngikwenye indawo."
KULO msebenzi kumqoka ukuba nebhala. Kodwa u-Abram Ditsi oneminyaka engu-34, okhubazekile, usebenzisa inqola yasesuphamakethe.
"Ngenza phakathi kuka-R30 no-R60 ngosuku," kusho yena.
Isandla sakhe sangakwesokudla sanqamuka ngesikhathi kuqhuma into ethile ebheka angakudayisa lapho kulahlwa khona izibi ngo-1988.
Kubantu abanjengo-Ohaletse Bakgethi, obamba amatoho, izibi zenze ukuba agqokise ingane yakhe nabashana bakhe.
"Ngivame ukuthola izingubo ezinhle," kusho yena. "Zidinga ukuwashwa noku-ayinwa kuphela."
USombi Ndlovu (35) washonelwa umyeni wakhe wamshiya nezingane ezintathu. Usizwa yilo msebenzi ukuze anakekele umndeni wakhe.
Wafika eGauteng esuka eVryheid eKZN kanti akakaze asebenze. Uziphilisa ngale ndlela kuphela.
Akayibhalisanga impesheni kuMasipala waseMogale City, iMindalore engaphansi kwawo.
Ngokwezibalo zikamasipala, isibalo sabantu abafake izicelo zempesheni singu-35 733, kulezo zingu-7 000 kuphela eziphasisiwe.
Kuvame ukuthi labo abaliqhamukisa ngaphandle kwedolobha nangaphandle kwalesi sifundazwe bangazifaki izicelo zalolu sizo ngoba bengenawo ama-ID namaphepha afanele noma kube wukuthi abakholwa wukuthi usizo bazoluthola.
Kufanele ukuba bangakholwa ngoba zingaphezulu kuka-10 000 izicelo zabafuna usizo ezichithiwe.
Njengoba uhlelo lokusiza abantu luhamba ngonyawo lonwabu abanye bengasizakali nhlobo, abavula imigqomo yezibi eMindalore namaphethelo (nakwezinye izindawo) bayaqhubeka babamba iqhaza ekusebenziseni izibi kabusha. [z]
UVusi Dlamini ubalwa kwabakwazisayo ukwakha imali kuleli bhizinisi. Kuyenzeka athole u-R150: "Ngifuna izinsimbi kuphela."
BONA ZULU September 2008
U-Isaac Mokoena uqoqa amabhodlela kabhiya - abiza u-50c lilinye.
