zulu.2289.beauty
BONA ZULU – May 2007
nguCHRISTINE HAMMANN
umsizi nguJESSICA MITCHELL
izithombe nguCHRISTOPHER LAURENZ
umkhangisi nguZIM ophuma kwa-Ice
iziphaqulo nezinwele nguNICCI JACKSON wakwaMuse
Ukwelapha amabala nezinduna
Amabala namaqhubu akuhluphi kuphela abantu abasha. Lezi zinto zingaqhamuka ngisho kumuntu weminyaka emingaki...
OSAZIWAYO abafana noBritney, Posh noLil Kim nabo sebake babonakala ezithombeni benawo, ngakhoke ungacabangi ukuthi uwedwa kule nkinga. Amabala namaqhubu akuhlaseli nje kuphela abantu abasha kodwa kungahlasela noma ngubani, ngisho ngabe uneminyaka emingaki.
Ngokochwepheshe besikhumba, nalabo beminyaka eyevile kwengamashumi amabili akusho ukuthi ngeke bahlangabezane nale nkinga yamabala: abesilisa nabesimame beminyaka yamashumi amabili noma yamashumi amathathu bayaba namaqhubu. Abantu abasha baba namabala amaningi nokuthi lapho sebedlulile esigabeni sokukhula babe namabala ambalwa kodwa okunzima ukuwaqeda.
I-stress singaba nomthelela kulokhu ngoba sikhuthaza izindlala ezaziwa ngokuthi yi-adrenal glands, sidale nokuba ama-hormones akhiqize kakhulu i-sebum.
Ukwengeza kwi-stress, ukuya ezinsukwini kwabesimame, ukudla, ukubhema notshwala kungaba nomthelela omkhulu esikhumbeni. Umphumela walokhu kungaba amabala okunzima ukuphela. Kubalulekile ukuthatha izinyathelo zokuvikela amabala namaqhubu angadingeki.
Qala ngokusihlanzisisa
Ukungawanaki amabala namaqhubu ngethemba lokuthi azophela, ngeke kukusize. Zama ukuqala uhlelo lokuhlanza isikhumba sakho, uma kunesidingo, uwamboze.
Zama iClarins Purifying Cleansing Gel (R175), Elemis Cleansing Gel (R390 etholakala kwaWoolworths), Justine’s Oil Control Facial Wash (R70), Clean & Clear Deep Cleansing Cream Wash (R33,99) noma iClean & Clear Quick Clear Daily Spot Wash (R31,99).
Esikhumbeni esizwelayo noma esesinawo amabala, sebenzisa isihlanzi esingena ngaphansi ezimbotsheni sikhiphe ukungcola. Ungasebenzisa leso esisebenza futhi njengento yokwelapha amabala (anti-blemish treatment) noma ecacisa isikhumba noma esikuvikela emagciwaneni (i-anti-bacterial wash).
I-Tea tree yiyo ejwayelekile ekulweni namagciwane, ngakhoke bheka imikhiqizo enayo noma i-salicylic acid esebenza njengesithako esilwa namabala (anti-acne ingredient).
Indlela yokwelapha
Phezu kwayo yonke imizamo yakho yokuqiniseka ukuthi isikhumba sakho sihlanzekile, kuzokuba khona futhi izikhathi lapho uthola khona amabala. Kugweme ukuqhumbuza amaqhubu - ngoba kungasala izibazi. Uma wehluleka wukuyeka ama-blackhead noma ama-whitehead, kungcono ubeke iminwe esongwe nge-tissue ehlanzekile emaceleni aleyo ndawo bese uyivula, okuphakathi kuzoziphumela.
Ikhona imikhiqizo ongayithenga ezitolo yokwelapha amabala.
I-Benzoyl peroxide yiyo engcono ekuvikeleni amabala - ivula izimbobo yomise i-sebum ibulale amagciwane adala izinduna.
Udokotela wakho angagunyaza i-Retin A, noma i-azelaic acid eyizinhlayiya.
I-Salicylic acid (ephinde yaziwe ngokuthi yi-beta hydroxyl acid) ukhilimu wamabala, uyatholakala kwezinye izinto zokuhlanza isikhumba, ama-toners nama-mask. Ihlobene kakhulu ne-aspirin.
Iresiphi engakusiza ekhaya
n Hlanganisa 1/2 we-teaspoon ye-yeast noma 1/2 teaspoon ye-baking powder namathonsi ambalwa amanzi afudumele ukwenza inhlama. Gcoba phezu kwamabala ukuyeke imizuzu engu-30 ngaphambi kokuba ukuhlambulule. (Lokhu kwenze kanye ngosuku).
n Ithonsi likawoyela we-tea tree ongawugcoba emaqhubini kabili ngosuku. (Qala ngokuhlola indawo encane esandleni sakho amahora angu-48 ngaphambi kokukusebenzisa ukuze uqiniseke ngeke kusishise isikhumba sakho).
Ngokuzelapha okusheshayo bheka ama-spot-sticks namapeni ezitolo. I-Environ’s Sebuspot Gel (R80) inowoyela we-tea tree kanti iJustine’s Oil Control Spot Clearing Gel (R60) isebenza kahle kakhulu kanjalo neClearasil’s Ultra Acne Treatment ebiza R36,99.
Amaphilisi eNexoDerm (R110 engu-30) akwaPlacécol asiza ekuvikeleni izinduna nobuhlungu okubabayo esikhumbeni.
Afihle!
Uma amabala enenkani, sebenzisa okokuwafihla. Cela iseluleko esitolo sezobuhle, uthole umbala wento ozofihla ngayo ofanele isikhumba sakho.[z]
BONA ZULU – May 2007
IZITOLO
ENVIRON: 0800-220-402
CLARINS: 011-809-6300
JUSTINE: 011-245-7108
CLEAN & CLEAR: Clicks, Pick ,n Pay, Shoprite nasezitolo ezinkulu ezweni lonkana CLEARASIL: Clicks, Pick ,n Pay, Shoprite nasezitolo ezinkulu ezweni lonkana
PLACECOL: 0861-112-222
ezobuhle
