zulu.2288.blockpuzzle
BONA Block Puzzle
BONA ZULU –December 2006
Zithokozise uthuthukise ulwazi lwakho lwesiNgisi. Phendula ngokuyikho ulandele imicibisholo uzothola igama lomdlali ezikweleni ezimnyama.
No 62
Kuvalwa mhlaka: 29 December 2006
R5 000
YISIKHATHI sikaKhisimusi lapho amakhrestu emhlabeni wonkana egubha ukuzalwa kukaKhrestu nokuyisikhathi esihle sokulalela umculo wokholo. AbakwaSarepta Music bebambisene noBONA banikezela ngamahampa alishumi aqukethe iNew Sound Of Gospel eyi-double CD, neGotta Have Gospel Gold nayo eyi-double CD ne-DVD.
I-New Sound Of Gospel ibophele izingoma ezingu-33 zomculo wokholo wezihlabani zaphesheya ezifana noCeCe Winans, Israel And New Breed, Martha Munizi, Kirk Franklin, Mary Mary, Donnie McClurkin, Hezekiah Walker, Fred Hammond noMichelle Bonilla.
I-Gotta Have Gospel Gold nayo ibophele umculo wokholo wezihlabani eziphambili. Angaphezulu kwengxenye yesigidi amakhophi asathengiswa kusukela yakhishwa eminyakeni emithathu eyedlule.
Ngaphandle kokuboshelwa kwabaculi abehlukene abaphezulu, le albhamu ibophele futhi imicu engu-12 emisha eqoshwe nguDave Hollister, Deitrick Haddon noJ Moss.
Noma kanjani kufanele ube nayo!
Ukuze uwine
Gcwalisa izikwele ukuze uthole igama elifihlekile kwezimnyama. Bhala impendulo kwi-postcard ufake igama lakho nekheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, uyithumele kuleli kheli: BONA/ Block Puzzle No 62, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe GOSPEL ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.) [z]
Amahampa amaCD
e-gospel namaDVD abiza
WINA
