ZULU.2284.townshp
Ukuzinikela nokubambisana komphakathi kwenza ukuba izigebengu zingacanasi kwehlise nezinga lobugebengu...
indaba nguForce Khashane noSteve Makhanya
Indlela yokulwa nobugebengu
BONA ZULU June 2008
EZOBU GEBENGU 1
USAKHUMBULA ilokishi lase-Alexandra lisabizwa nge "Dark City" - lelo gama alilitholanga ngoba lingenagesi ezitaladini kuphela. Ilokishi lase-Alex, Sebokeng namanye aseSoweto njenge-Orlando neNaledi, amalokishi ayebalwa kwayingozi kakhulu eSA.
Babububi ngendlela emangalisayo ubugebengu obabenzeka kulezo zindawo ngezikhathi zobandlululo.
Ngabe isimo sesingcono manje?
Impendulo kulowo mbuzo uma sifunda ngemibiko yezigameko zokweba, ezokubulala nokucekela phansi emaphephandabeni ethu - ithi "Cha!" .
Vula iTV noma umsakazo, uzozwa ngesihluku sokubulawa kwabantu.
Izwe lethu ligcwele igazi. Kodwa isimo asisibi kangako!
Khohlwa yimibiko yamaphepha uzwe uvo lwabantu ezitaladini uthole ukuthi yini abayenzayo ukuze balwe nalesi sihlava. Okumangaza kakhulu wukuthi umehluko okhona ukulezo zindawo ezazithathwa njengeziyizizinda zobugebengu.
Ngamafuphi nje, izibalo zikhomba ukuthi lehle kakhulu izinga lobugebengu e-Alexandra naseSebokeng.
Kukhona esingakufunda kulawa malokishi ngoba wukuzinikela nokubambisana komphakathi okuxosha izigebengu. U-Teddy Martin ongusihlalo weGreater Orlando Community Policing Forum (CPF), Ngoako Mashao onguKhomishana e-Orlando Police Station noKaputeni M.H. Mbhense bavumelana ngokuthi yileyo imfihlo yempumelelo yabo.
"I-Orlando ibihamba phambili eGauteng uma kukhulunywa ngokwehla kwezinga lokugetshengwa kwabantu ezitaladini kodwa manje sesiholwa iSebokeng," kusho uMartin. Akanankinga ngalokho "kuqhudelana" - kungcono kakhulu ukuqhudelana ngokuthi yiliphi ilokishi elingcono manje uma kukhulunywa ngobugebengu kunokuqhudelana ngokuthi yiliphi elinenkinga yabo. NgokukaChomane Chomane weLesedi FM, iNaledi nayo iyaphumelela ekulweni nobugebengu.
"Izinga lobugebengu lehle ngo-80% endaweni yethu," kusho lo msakazi owaba nesandla ekusungulweni kweCPF othi basebenza ngempumelelo ngenxa yokubambisana komphakathi.
Yiluphi lolu shintsho olwenzeke eminyakeni engu-14 yombuso wentando yeningi olwenze ukuba amalokishi afana nelase-Alex, Orlando neSebokeng kube ngaphephile?
Ukuphathwa kwamalokishi ngesihluku ngesikhathi semithetho yobandlululo kwenza ukuba imiphakathi ibumbane. Njengoba ubandlululo selwaphela, lowo moya wobumbano usekhona kanti abantu babambisene ekulweni nobugebengu.
"Ngangingazi ukuthi ngelinye ilanga ngiyosebenza esiteshini samaphoyisa," kusho uTeddy Martin. "Sasizizonda iziteshi zamaphoyisa - kodwa manje senginehhovisi khona."
Uma esebenza ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa esise-Orlando usiza ngokwakha izinhlelo zokukhuthaza ukwethembana nokusebenza ngokubambisana kwamaphoyisa nemiphakathi ehlukahlukene elokishini.
Ngabe balwa kanjani nobugebengu? U-Martin uphawula kanje: "Akubi amaphoyisa anamandla athe xaxa okusebenza emphakathini. Manje senza izinhlelo zokusebenza ngokubambisana nomphakathi.
"Siba nemihlangano nyanga zonke ukuze sizwe izikhalo zawo sibonisane nangokuthi yini esingayenza ukuze silungise amaphutha ethu.
"Umphakathi ukhombisa okukhulu ukuzinikela uma kukhulunywa ngokulwa nobugebengu," kuqhuba yena.
"Sinabantu besilisa nabesimame abavolontiyele ukuvuka ekuseni ngo-3 bahambe ezitaladini baphelezele abagibeli abagibela amatekisi, amabhasi nezitimela. Abaholi mali ngalokho."
Abantu abenza lo msebenzi bayaqeqeshwa kanti bayakwazi ukubopha abasolwa babayise esiteshini samaphoyisa esiseduze.
Okunye, umphakathi awuhlali usonge izandla ubukele amavolontiya ezikhandla evikela abantu.
Kweminye imiphakathi, lowo nalowo muzi unikela ngo-R10 wokuthengela amavolontiya iziphuzo nokudla.
Uma umphakathi usebenza ngokubambisana, "sisheshe sazi ukuthi izigebengu zicashephi," kusho uMartin.
Akuvamile uzwe kuthiwa kudunwe imoto e-Orlando. "Ngenxa yalokho maningi ama-scrapyards asevaliwe izigebengu ezaziwadayisela izimoto zokwebiwa," kusho uMartin.
"Abantu bakhathele wukuhlukunyezwa wubugebengu kanti kuyabathokozisa ukusisiza ukuze silwe nezinswelaboya. Abaphehli bodweshu abanandawo emalokishini."
Ugcizelela nephuzu lokuthi impumelelo yabo incike ekubandakanyeni umphakathi nokwakha izinhlaka zokulwa nobugebengu ezakhiwe amakomiti asebenza ngokubambisana nabaqaphi namaphoyisa.
NGOKUKAKAPUTENI Mbhense amacala ayinkinga kakhulu manje yilawo athinta udlame lwasemakhaya nokudlwengula. Kwathinta ukudlwengula, yindlala enomthelela ngoba odlwengulwayo ukhohliswa ngokuthenjiswa imali kanti umdlwenguli kuba wumuntu osuke aziwa - okusho ukuthi lelo cala alibikwa kalula.
U-Portia Tshepe, oyimenenja eDonaldson Community Centre (DOCC) e-Orlando uthi izinga lobugebengu lehle kakhulu kuleli lokishi.
"Ekuqaleni, wawungeke ubonakale ugqoke umgexo noma amacici abizayo ngoba wawuphucwa. Izimoto zazihlale zidunwa. Kodwa lokho akusekho," kusho yena.
"Izinhlelo zokufundisa umphakathi esiziqhuba eDOCC zenza ukuba intsha izethembe izizwe iyingxenye yomphakathi obumbene."
Ngakolunye uhlangothi, amadolobha amasha aseduze kwamalokishi noma kwemijondolo yiwona asehlushwa yizigebengu.
"Izigebengu zibalekela kulezo zindawo ezingagadwe muntu," kuchaza u-Oupa Thobejane, onguKhomanda wethimba eligada eVosloorus e-East Rand.
Uthi zingu-30 izindlu ezagqekezwa esikhathini esingaphansi kwenyanga eVosloorus Extension 28, okuyindawo entsha. "Sabopha abasolwa abayisithupha sathola amaTV angu-14," kusho yena.
Ngabe ukuba nabantu abaqaphe emphakathini kusho ukuzibambela umthetho ngezandla? Cha, ngokukaMartin, uKhomishana uMashao noKaputeni Mbhense.
"Asikukhuthazi lokho uma sinemihlangano," kusho uMashao.
Manje kubukeka sengathi labo abaxoshwa wubugebengu emalokishini sebefisa ukubuya.
"Ukugqekezelwa nokuphucwa izikhwama kwangibuyisela eDiepkloof," kusho uMamokgethi Segoathle ongusomabhizinisi owabaleka kule ndawo wathuthela eSunnyside okuyindawo esedolobheni lasePitoli.
"Angikaze ngibe nenkinga selokhu ngabuya." [z]
U-Teddy Martin, usihlalo weGreater Orlando Community Policing Forum.
Eminyakeni edlule, imiphakathi ehlala emalokishini yabambisana yalwa nobandlululo. Manje ihlangene ilwa nesinye isihlava esiyingozi ngendlela emangalisayo - ubugebengu. Kunendlela entsha "yezinhlaka zokuzivikela" esungulwe abantu ukuze izitaladi zabo ziphephe kanti ngazo basebenza ngokubambisana namaphoyisa kunokuthi bazibambele umthetho ngezandla. Laba bantu bayisibonelo esihle kithina sonke.
UKhomishana uNgoako Mashao, eyingxenye yohlelo lokuxhumana nomphakathi.
BONA ZULU June 2008
Abagada ezitaladini banikwa umfaniswano ohambisana nejakhethi, ibhulukwe, ikapisi namabhuzu. Banikwa nethoshi, ibhukwana elincane lokubhala isikhathi umsolwa enze ngaso icala, indawo necala, kanye no-ova wokucela usizo uma isimo sishubile.
BONA ZULU June 2008
ISIQALO
Xhumana nesiteshi samaphoyisa sangakini ubuze ukuthi banazo yini lezi zinhlaka (ukuze ungachithi isikhathi sakho uvule into evele isikhona). Uma zikhona, cela imininingwane yazo ucele ukusebenza nazo.
Qala ngeCommunity Safety Forum uye kwiCPF nama-neighbourhood watches, ukuze wesekwe nguKhomishana wamaphoyisa endawo noMnyango wezaseKhaya neminye iminyango kahulumeni. UNgqongqoshe uNqakula wathembisa ukuthi amaCommunity Safety Forums abhalisiwe azoxhaswa ngamahhovisi nemali yokukhokhela izindleko zawo. Buza ngalokhu ulufune lolu sizo uma kunesidingo.
Nika abantu izikhundla ezibafanele. Mabasebenzise amakhono abavele
benawo kunokuqala phansi ubaqeqeshe. Ngasohlangothini
lokusebenzisana namaphoyisa, khetha asezikhundleni eziphezulu
azokusiza uma ususebenza nawo.
Sebenzani ngokukhuthala uma seniqalile. Abantu bavame ukusungula izinhlaka zokulwisana nobugebengu ngomdlandla uma besaqala kodwa ubaphelele uma bengatholi mbiko noma benganconywa uma besebenze kahle.
Uma isiteshi samaphoyisa esisendaweni yangakini singabambisene nani, dlulisa udaba lwakho kwabangaphezulu - uMnyango wezokuPhepha koMphakathi nokuXhumana uzokusiza ukuze udaba lwakho lusukunyelwe.
Bhalela iziphathimandla zamaphoyisa uzihluphe uma ubona ukuthi udaba lwakho alusukunyelwa. Okunye, ncoma amaphoyisa uma ewenza kahle umsebenzi wawo.
IZELULEKO
Esakhula uTolbart Ngobese nabangani bakhe, babevame ukuphanga abantu ezitaladini zase-Orlando.
"Abantu sasibacuthela kusihlwa eziteshini zezitimela uma bephuma emsebenzini sibaphuce imali ukuze sithenge utshwala nogwayi," kusho yena.
Manje usesebenza nengalo yomthetho. "Ngathatha isinqumo sokuhlukana nobugebengu emva kokugwetshwa kwabangani bami iminyaka ejele."
Manje ungubaba nosomabhizinisi kanti "isipiliyoni" anaso senza ukuba kube lula ukubamba izigebengu.
Nalu ulwazi athanda ukulucobelela abanye ukuze bangadlali izigebengu:
Abesimame abaphuza ukuphuma emsebenzini bagibele izinto zokuthutha umphakathi kufanele bacele umuntu ozobaphelezela uma begoduka.
Ungahambi wedwa endaweni engenabantu.
Tshela umakhelwane omethembayo uma uzohamba izinsuku ezimbalwa ekhaya ukuze akugadele.
Qaphela uma uphuze utshwala - izigebengu zikuhlasela kalula.
OKUNYE OKUYICALA
Abazali abahlushwa yizingane noma abazukulu abafuna imali ngenkani kufanele bakubike lokho esiteshini samaphoyisa esiseduze. Lokho kuyicala kanti kwandile emalokishini nakwezinye izindawo.
IZINHLAKA EZIMQOKA
Ama-neighbourhood watches, community policing forums nama-community safety forums awagcini ngokusebenza ngokubambisana ukuze izigebengu zingacanasi nje kuphela kodwa abuye agade akhuthaze amaphoyisa okufanele avikele umphakathi.
AmaNeighbourhood watches:
Abantu abahlala kuleyo ndawo bayavumelana ngokuthi bazogada izephula-mthetho. Baxhumana bodwa babuye baxhumane namaphoyisa, bavolontiyele ukugada izitaladi kusihlwa kanti benza kube nzima ukuthi izigebengu zizicanasele.
AmaCommunity Policing Forums:
Ngamafuphi abizwa ngamaCPF. Zonke iziteshi zamaphoyisa ziphoqwe wumthetho ukuba ziwaseke, anekomiti elakhiwe yizakhamizi, izinhlangano zenkolo, izinhlangano zentsha, amaqembu ezemidlalo, yizinhlangano zamatekisi, amakhansela nosomabhizinisi abasebenzisa leso siteshi samaphoyisa, kanye neziphathimandla zamaphoyisa ezisebenzela kuleso siteshi.
AmaCPF avame ukumela wonke ama-neighbourhood watches asebenzisana nesiteshi samaphoyisa esibandakanyekayo.
I-Community Safety Forum:
Isebenza endaweni ebanzi kunamaCPF - kungenzeka isebenze ezindaweni ezisizwa yiziteshi zamaphoyisa ezinhlanu noma eziyisithupha - kanti yenza okungaphezu kokubamba izephula-mthetho. NgoMay ngonyaka odlule, uCharles Nqakula, uNgqongqoshe wezokuPhepha nokuVikela wathi lolu hlaka olusha luzonikwa amandla athe xaxa kunama-neighbourhood watches namaCPF.
Isebenzisana neminyango kahulumeni njengowezaseKhaya ukuze kugadwe abangena kuleli ngokungemthetho, isize noMnyango wezokuHlumeleliswa kweziMilo ukuze kuboniswane ngezinhlelo zokubuyiselwa kweziboshwa ezisemajele emphakathini uma seziqede izigwebo zazo ibuye isebenze noMnyango wezobuLungiswa ukuqinisekisa ukuthi abantu banolwazi ngamalungelo abo.
- GAVIN FOSTER
UMamokgethi Segoathle ubalwa kulabo asebebuyele elokishini ngoba kuphephile khona.
BONA ZULU June 2008
