zulu.2279.teens
INTSHA idume ngokungakwazi ukulawula intukuthelo yayo. Uma ithukuthele, iba nolaka. Ulaka ngilufanisa nokuphuza utshwala udakwe. Uma uphuza, kuyenzeka uphuze ungabi namkhawulo uphuzo lugcine seluyinto ekulawulayo. Nolaka ngokunjalo luyakwazi ukukulawula.
Intsha iba nolaka uma othisha nabazali befuna kwenziwe intando yabo, uma kudingeka ukuba itadishe, uma igconwa abanye abafundi, uma intombi ikubeka icala ongalazi, uma isoka likubambise udonga lakukhohlisa...
Lezi zinto zenzeka kuze kufike isikhathi lapho uhluleka khona wukubekezela ube nolaka.
Kuvame ukuthi kube yizinto ezincane ezenza ukuba sibe nolaka. Kuyenzeka ucasulwe yisoka lakho kodwa ulaka ulukhiphele kumama wakho noma kudadewenu.
Leso ngesinye sezizathu esenza ukuba kudingeke sifunde ukulawula ulaka lwethu. Ulaka lugcina selulimaze abantu okungafanele lubalimaze.
Kufanele ukuba sibuye sikhumbule ukuthi ulaka lunomthelela empilweni yethu. Lwenza ukuba kube noguquko ekushayeni kwenhliziyo, kwi-blood pressure lwenze sikubone kulula ukuzivikela ngokulwa.
Ngezinye izikhathi sikubona kukuhle ukuziphindiselela ngokulwa ikakhulu uma ushaywa, kodwa izikhathi sezishintshile. Ezinye izinto ezisicasulayo akudingeki ukuba zize zenze ukuba silwe. Inkinga wukuthi imizimba yethu ayikwazi lokho. Yenza ukuba senze izinto ezingenasidingo.
Ukucasuka
Sinemithetho esilawulayo, izindlela zokuphila nokuhlonipha abanye abantu nokuyizinto ezenza ukuba sizibambe sehlise ulaka uma kukhona abasicasulayo. Iningi lethu liyakwazi lokho, inkinga wukuthi siyahluleka wukuzibamba ngesinye isikhathi.
Zintathu izindlela esikhombisa ngazo ukucasuka. Eyokuqala, sibanga umsindo siphendule kabi. Lokho akukuhle neze.
Eyesibili, eyokuthula uzibambe. Lokho kungakusiza kukuphephise enkingeni ongazifaka kuyona kodwa akukuhle uma sekuzoba yilona kuphela ikhambi olisebenzisela ukulawula ulaka lwakho.
Omunye udokotela wezengqondo wathi ukuzibamba ungalukhombisi ulaka lwakho akulungile ngoba kungenza ukuba ube ne-high blood pressure noma kugqilaze umqondo wakho.
Eyesithathu iyona ekahle kakhulu - ukukhipha ulaka lwakho ngokuphikelela kodwa ungasebenzisi amandla.
Ukuphikelela
"Uma ukhipha ulaka ngokuphikelela entweni oyenzayo kufanele ufunde ukuqhakambisa izidingo zakho nendlela ofuna ukuba zifezwe ngayo ngaphandle kokubaphatha kabi abanye abantu," kusho uCharles Spielberger, ongudokotela wezengqondo ogxile ekwenzeni ucwaningo ngolaka.
"Ukuphikelela akusho ukuthi kufanele uphoqe abantu ukuba benze intando yakho kodwa kusho ukuzihlonipha, uhloniphe nabanye," kusho yena.
Kodwa kulula ukukhuluma kunokwenza. Ungesabi ngoba isebenza lapho indlela yokulawula ulaka.
Uma sifuna ukukhombisa ulaka, Iokho masikwenze ngendlela eyakhayo sehlise umoya. Uma uzwa ufikelwa wulaka, zama lezi zinto ezilandelayo...
YIMA! Uma unolaka akufanele ukuba uqagulisane nomuntu onalo. Zibambe ume kancane. Donsa umoya uhambe. Yenza okuthile okuzokwehlisa ulaka ngisho noma ngabe umsindo ungaqalwanga uwena.
YEHLISA UMOYA! Bala kuze kufike ku-10 (noma ku-100), noma uphindaphinde igama elizokwenza ukuba kwehle igwebu. Hamba ulawule indlela ophefumula ngayo bese uhlolisisa umzimba wakho.
Ngabe usufingqe inqindi waphakamisa amahlombe" Ngabe uswacile ebusweni noma umzimba uyangqangqazela" Ziphoqe wehlise umoya.
CABANGA! Hlolisisa kahle isimo uma sewehlise umoya waphefumula kahle. Okwenza ukuba sithi sihlolisise wukuthi ekuqaleni indlela osihlolisise ngayo iholele ekutheni ube nolaka. Uzizwe ufikelwa wukwesaba ekuqaleni lokho kwaze kwaholela ekubeni ube nolaka.
Manje kuzodingeka ukuba izinto uzibheke ngamanye amehlo. Lalela okushoyo ulalele nokushiwo omunye umuntu. Cabanga ngaphambi kokumphendula.
Kwesinye isikhathi okuyimbangela yolaka siyakufihla sikugqibe ngokunye ngokukaDkt. uSpielberger.
Ngabe unolaka ngoba isoka lakho lifuna ukubukela iTV, noma ngabe unolaka ngoba usola ukuthi belikuqambela amanga uma lithi belihambe nabangani balo"
LALELA! Uma uhlaselwa ngamazwi, akulula ukuthula ungaphenduli - kodwa kuzame lokho. Esikhundleni sokuphendula, lalelisisa umlayezo osemazwini aphuma emlomeni walowo muntu: kungenzeka ukuthi uzama ukukutshela ukuthi awumnakile awumthandi, noma ukhathazwa yindlela oziphethe ngayo. Zihluphe ngokucabanga ngesizathu esiyimbangela yokuba lowo muntu asho lokho akushoyo.
Akulula ukuthatha isinyathelo esinjengaleso kodwa kufanele uzame. Uma uvumela ulaka uthathe izinto ngamawala, ngeke nibonisane ngezinto okuyizona eziholele kulolo laka lwakho. Ulaka ngeke lwehle, kunalokho luzogcina seluthikameze wena nabantu abasondelene nawe.
SHINTSHA! Shintsha indlela ocabanga ngayo uma ufuna ukugwema ulaka.
Sonke siyama kolayini abade, sivinjwe nayisiminyaminya sezimoto. Ungavumi ukuba umqondo wakho ugxile ezintweni ezinjengalezo uma ufuna ukugwema ulaka.
"Zikhumbuze ukuthi ulaka ngeke lukusize ngalutho, kunokuthi lukusize luzokulimaza kakhulu kunakuqala," kusho uDkt. uJerry Deffenbacher ongudokotela wezengqondo.
"Abantu abanolaka bavame ukuphoqa abanye ukuba benze intando yabo. Akekho umuntu ongathandi ukuba kwenziwe intando yakhe kanti siyadumala uma lokho kungenzeki, kodwa abantu abanolaka lokho bakufuna ngenkani."
NgokukaDkt. uDeffenbacher, abanye abantu baba nolaka uma befuna ukugwema ukuphatheka kabi, kodwa lokho akusho ukuthi ulaka lwabo luyaphela.
Ukushintsha indlela ocabanga ngayo kuhambisana nokufunda ukuqoqa ulimi njengokuthi "Ngingathanda ukuthi" kunokuthi "Ngifuna ukuthi."
LUNGISA! Kuyenzeka ukuthi izinkinga esihlangabezana nazo empilweni zibe yimbangela yokuthi sibe nolaka. Kokunye izizathu ezenza ukuba umuntu abe nolaka ziyezwakala ngoba yilona oluba yindlela yokuzilungisa lezo zinkinga. Sinenkolelo yokuthi ayikho inkinga engaxazululeki, kanti siphatheka kabi uma inkinga esibhekene nayo ingaxazululeki.
Ukuze ugweme ulaka nokuphatheka kabi, akufanele ugxile ekutholeni ikhambi elizokusiza kuleyo nkinga, kodwa bheka nokuthi yini ongayenza ukubhekana naleyo nkinga ngokusho komunye umeluleki.
Ukwenza isibonelo: ubona sengathi uthisha akakuthandi. Ngeke uyixazulule leyo nkinga, ongakwenza wukubhekana nayo ngokwenza isiqiniseko sokuthi uyayenza i-homework yakho ugweme ukwenza izinto ezizokuxabanisa nalowo thisha.
Khumbula...
... ngeke ukugweme ukuba nolaka kanti ngeke kube kuhle ukuzama ukulugwema. Ngisho noma ungazama ngawo wonke amandla ukulugwema, kukhona izinto ezizokwenzeka empilweni ezizokwenza ukuba ube nolaka, kanti kokunye zingezwakala izizathu ezenza ukuba ube nalolo laka.
Ziningi izinto ezingeke zikuphathe kahle empilweni. Lokho ngeke ukushintshe kodwa ungayishintsha indlela lezo zinto eziyithikameza ngayo impilo yakho.
Ukufunda ukulawula ulaka kuzokusiza ngokugwema ukuba ungazizwa ungaphathekile kahle empilweni. [z]
Ulaka luyinto ejwayelekile efikela bonke abantu. Kodwa lungadala izinkinga uma lungasalawuleki
Intsha yelulekwa nguFat Charlie
Indlela yokulawula ulaka
u
t
Abanye baba nolaka uma befuna ukugwema ukuphatheka kabi
Qaphela!
Abanye abantu bathi kungcono ukulukhiphela ngaphandle ulaka ukuze uphile kahle kunokuthi ulugqume ngaphakathi.
Odokotela bathi lokho kuyingozi. Abanye abantu bakusebenzisa njengethuluzi lokuziphindiselela kwabanye njengoba sike sibezwe bethi: "Kungcono ukukhipha ulaka lwami ngokuthi ngisho okungangiphathi kahle ngisho noma lokho kungakuphatha kabi kanjani!"
Abacwaningi bathi ukulukhiphela ngaphandle ulaka kwenza ukuba isimo sibe muncu kakhulu kanti akukusizi ngalutho (akumsizi nalowo muntu okucasulile) ekuxazululeni inkinga.
