zulu.2275.shwi
Umculo wethu ubhalwa nguNkulunkulu
Ibhendi yaseJozi ezikhandlayo
Sikwethulela uShwi Nomtekhala, ibhendi yaseSA engazithwele neze ethandwa abaningi...
indaba nguDOUG GORDON
ABASALI ohlwini lwamaqembu adumile eSA oShwi noMtekhala. I-albhamu yabo abasanda kuyikhipha ithengwa ubuthaphuthaphu nokuyinto esayigcina ngezikhathi zoBrenda Fassie.
Phezu kwempumelelo yabo engaka, laba baculi basahlala ehostela.
"Asizona izihlabani," bakholelwa kulokho. "Umculo siwunikwa nguNkulunkulu - thina siyacula kuphela."
Eminyakeni emibili edlule i-albhamu yabo ethi Wangisiza Baba yadayisa amakhophi angu-500 000 ngenxa yokudlalwa kwayo kakhulu kwiTV nakuKhozi FM.
Manje leli qembu lishiyelana inkundla nabaculi abanjengeMalaika, Zola, Ntando noRebecca kanti abalandeli babo bagcwala kuzo zonke izindawo abacula kuzona izingoma zomculo woKholo noka-maskandi.
I-albhamu ethi Wangisiza Baba yawina umklomelo weBest Selling Album kumaSAMA ka2005 - ngo2006 yayisadayisa kahle.
"OkukaShwi noMtekhala kuyamangalisa," kusho uHarvey Roberts wakwaBula Music. "Abantu bayazifela ngabo!"
UTshepo Nzimande wakwaBula Music uthi nakuba iningi labaculi licula emakilabhini aphambili lishaye nezitayela zezinwele ezibizayo, uShwi noMtekhala bazihlalela ehostela laseBuyafuthi eKatlehong kanti abazithwele neze.
"Bayisibonelo esihle kwabanye abaculi ngoba impumelelo yabo ayibasanganisi," kusho uTshepo.
"Imali abayitholayo bayifaka ebhange baziholele njalo ngenyanga, bondle imindeni yabo.
"Bakholelwa kakhulu emasikweni. Ayikho ibhendi ezikhandla njengabo eJozi kanti abayingeni eyokuthenga imizi emadolobheni bengakayenzeli okuhle imindeni yabo."
LABA baculi babona kungcono ukuthenga umhlaba emakhaya kunokuthenga izindlu zikanokusho. UShwi unendawo ayithenga eDundee kanti uMtekhala wayithenga eMsinga.
Ngesikhathi abakwaBONA bexoxisana nabo e-boardroom yakwaBula Music, yimigexo eneziphambano ababeyigqokile kuphela eyayikhomba ukuthi nokho kubahambela kahle.
Ababugqoki ubucwebe esike sibubone kubaculi abaningi abayizihlabani. Abanandaba nemiswenko.
UShwi noMtekhala bachitha iminyaka engu-17 eGoli bezama ukungena endimeni yomculo kanti ayemathathu amaCD ababenawo ngesikhathi abakwaBula bebatshela izindaba ezimnandi nge-albhamu yabo ethi Wangisiza Baba.
Umucu okuqanjwe ngawo leCD ukhuluma ngezinkinga uShwi oneminyaka engu-33 azinqobile. "Angimazi ubaba," kusho yena. "Ngakhuliswa umalume. Le ngoma ikhuluma ngesibusiso sokuba nobaba nokufunda.
"Ngazifundisa ukucula ngisemncane. Kungenzeka ukuthi ngafuza ubaba ngoba umama wake wathi ubaba wayedlala isiginci."
Umucu okuyiwona oshisa izikhotha othi Ngafa ukhuluma ngowesilisa oneHIV ophume umkhankaso wokuthola indoda ethelele intombi yakhe ngalesi sifo ukuze leyo ndoda ingatheleli abanye ngaso.
Le ngoma yayidlalwa ngesikhathi uhulumeni esemkhankasweni wokuqwashisa abantu ngezocansi.
Umucu othi 2003/4 nawo ukhuluma ngeHIV/AIDS kanti ugxeka labo abahleba ngabantu abagulayo bathi baphethwe yi-AIDS.
USHWI noMtekhala nabo sekuke kwahletshwa ngabo. "Ngo2003, uMtekhala wagula kwasabalala izinkulumo zokuthi unalesi sifo," kusho uShwi.
"Ngo2004, kwenzeka into efanayo nakimina. Ngaleso sikhathi sasiqala ukubona impumelelo ye-albhamu yethu ethi Wangisiza Baba sisebenza ngokukhulu ukuzikhandla.
"Sasisazama ukuzakhela igama elihle embonini yezomculo kodwa izinkulumo zalolo hlobo zenza baba nokwesaba ababezothuthukisa umculo wethu kanti nabantu bakungabaza esasikusho ezingomeni ezifana nethi Ngafa."
Okubaqinisa idolo laba baculi wukukholwa wukuthi wuNkulunkulu Onesandla esikhulu ezingomeni zabo.
Uma i-albhamu yabo ithengwe kahle kulo nyaka, bazothenga indawo eGoli abazosebenzela kuyona baqhubeke benze imilingo yabo. [z]
BONA ZULU - March 2007
BONA ZULU - March 2007
"Asizona izihlabani neze. UNkulunkulu Nguye Osipha umculo - thina siwudlale," kusho uShwi noMtekhala.
