zulu.2271.angel
BONA - August 2007
NGENHLA: U-Elizabeth Rapuleng uthi uyazifela ngezingane.
KWESOKUDLA: U-Elizabeth (phakathi nendawo) nengxenye yezingane kanye noHillary Mlondobozi osizayo.
U-ELIZABETH Rapuleng wayesekhathele wukubona abantu bebulawa yi-AIDS wabona kungcono ukuthi aluthathele izinyathelo ezithile lolu daba. Usesize izintandane eziningi ezingasenabazali ngenxa ye-AIDS eSoweto naseMuhlava Headkraal okuyindawo eseningizimu-mpumalanga yeTzaneen.
Unendawo ebizwa ngeSizanani eMeadowlands nenye ebizwa ngePfunano-Thusano eseMuhlava. Amagama azo zombili lezi zindawo asho ukuthi "Masisizane" - kanti lelo gama likuchaza ngokugcwele akholelwa kukona u-Elizabeth.
Ngalezi zinhlelo zakhe kusizakala izintandane ezilinganiselwa ku-1000 ezithola ukudla, umfaniswano wesikole, zifundiswe i-computer, zithole amathoyizi, imithi kubuye kunakekelwe namalungu emindeni agulela emakhaya.
"Ngiyazithanda izingane," kusho le ntokazi eyayinguthisha.
U-Elizabeth wazalelwa e-Orlando East, eSoweto, ngo-1949 wafunda eThaba-Nchu, eFree State. Waba nguthisha washada wathuthela eBloemfontein.
Ngo-1976 wehlukana nomyeni wakhe waphindela eSoweto wafundisa esikoleni samantombazane iminyaka engu-20.
Ngo-1996, lo mama onezingane ezintathu wawuyeka umsebenzi waqeqeshelwa ukunakekela izingane wavula iSizanani emva kwalokho.
"Lolu hlelo ngaluqala emva kokubona abantu bebulawa yi-AIDS emalokishini," kusho u-Elizabeth.
"Ngaqala ukuphekela abagulayo, ngibaphathela izinkwa nephalishi. Kodwa babengakuqedi ukudla engangibanika kona. Babekushiya bathi bashiyela izingane zabo"
U-Elizabeth wathatha isinyathelo sokuphekela izingane ezingu-10 ezaziyizintandane isobho kodwa wakhathazwa wukwanda kwesibalo sezingane ezazilambile zifika nazo ekhaya lakhe zizocela ukudla.
Namuhla iSizanani inamavolontiya asizayo angu-54 aphekela izingane ezingu-620.
Lolu hlelo lwahlonishwa nguMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi njengesibonelo sesenzo esihle iBest Practice Model ngenxa yokunakekela izintandane.
Luxhaswe abeHolland Foundation, yiNational Port Authority Of South Africa, yizitolo zakwaWoolworths, yiWorldvision, yiSave Africa Children nezinye izinhlangano.
Ngo-2004 u-Elizabeth wavakashela izihlobo zakhe eziseTzaneen. "Eduze kwalapho ngangivakashele khona kwakuhlala izintandane ezintathu, ngabona kufanele ukuba ngizisize," kusho yena. Kwamkhanyela ukuthi ziningi ezinye izintandane ezazidinga usizo.
Umasipala weGreater Tzaneen eLimpopo unesibalo esikhulu sabaneHIV.
"Ngaxhumana nenkosi yendawo sabonisana ngosizo engangifuna ukusiza ngalo," kusho u-Elizabeth.
Namuhla angu-11 amavolontiya asiza ePfunano-Thusano ahamba amakhilomitha amahlanu ngosuku ethwele amabhodwe anokudla okusuke kuyiswa ezikoleni ezine ezikule ndawo. Zingu-365 izingane ezisizwa yilolu hlelo.
Imali esiza kulolu hlelo iphuma ephaketheni lika-Elizabeth nasenkosini uMpumulana Muhlava okugcinwa ukudla ekhaya layo.
Ngo-April kulo nyaka izingane zaseSizanani eziyisishiyagalombili nezasePfunano Thusano eziyisithupha zazibambe iqhaza ohlelweni lweNhlangano yeZizwe. Ingane ngayinye yanikwa i-camera, yafundiswa ukusetshenziswa kwayo, kwathiwa mazithwebule ezikubona kwenzeka emhlabeni.
Zabuye zacelwa ukuba ziphendule le mibuzo emine: Yini ekujabulisayo" Yini ekuphatha kabi" Yini oyifisayo" Yini ongathanda ukuba abantu bayazi ngempilo yakho"
"Anginabazali... ngiphatheke kabi ngoba anginayo indawo yokulala ekahle. Ngifisa sengathi uhulumeni angangakhela indlu yomxhaso," kusho enye ingane eneminyaka engu-14.
Okwabhalwa yizingane nezithombe ezazithwebula kwafakwa encwadini enamakhasi angu-143 ethi Our World: AIDS And Childhood In Southern Africa.
"Le ncwadi inikeza izingane ithuba lokusikhombisa umhlaba ngeso eziwubuka ngalo," kusho u-Elizabeth.
Kuthiwa isibalo sezintandane sisazokhula kuze kube ngu-2020 kuya ku-2030.
"Ngithemba ukuthi ukhona umehluko owenziwa engikwenzayo ekulweni nalesi sifo," kusho u-Elizabeth. [z] NewsFirst.
Ngesikhathi iziguli ezine-AIDS ayezilethela ukudla zithi ngeke zikuqede ngoba zifuna ukukushiyela izingane zazo ezibulawa yindlala, u-Elizabeth kwamkhanyela ukuthi kufanele kube khona isinyathelo asithathayo...
Usiza izingane zethu
Umama onozwelo
BONA ZULU - September 2007
indaba nezithombe nguNEVILLE MAAKANA/NEWSFIRST
u
uthini umthetho
INKINGA: U-supervisor wethu efemini uyadinwa uma kukhona umsebenzi oya endlini encane ngezikhathi zomsebenzi. Njalo uhlale ethi uzongixosha uma ngingakwazi ukuya endlini encane ngaphambi komsebenzi noma emva kwawo noma ngelantshi. Ngazama ukumhlonipha kodwa kwanzima.
Ekugcineni kwaqulwa icala - ngamangala njengoba futhi nguye umqashi owayengusihlalo (chairman). Ngicabanga ukuthi angixoshwanga ngeqiniso njengoba kunguye owayephethe icala. Akazange afune nokungizwa ukuthi ngithini noma mhlawumbe akubhale phansi engangikusho. Ngabe kukhona engingakwenza ngalolu daba"
ISELULEKO SOFEZELA:
Ngokwe-Labour Relations Act, kwakungavunyelwe ukuba umsebenzi amelwe wumuntu womthetho ecaleni lokuqondiswa kwezigwegwe. Emva kwesikhathi, uhulumeni wawuxegisa lo mthetho, wathi umqashi nomsebenzi banelungelo lokumelwa, ngisho ngabe ngomunye wabasebenzi, isikhulu senyunyana noma ummeli. Lokhu kwenzelwa ukuba izinto ziqhubeke ngeqiniso nabasebenzi baneliseke.
Kodwake enye inkinga ekhathazayo ngeyokuthi ubani ozokuba ngusihlalo.
Iningi labaqashi liye likhethe omunye umsebenzi enkampanini phezu kokuba i-CCMA nezinkantolo zabasebenzi zikuthola lokhu kungenelisi.
Abe-CCMA banamacala amaningi lapho abasebenzi bexoshwa ngoba abaqashi babeba futhi ngosihlalo. Kungakho-nje izinqumo zabo zaziba nokungabazisa.
Ngumsebenzi kasihlalo ukuqiniseka ukuthi umsebenzi unikwa ithuba elifanele ukunika ubufakazi nokuba abuze ofakazi. Kufanele azi futhi aqonde inqubo yokuqondisa izigwegwe yenkampani nokuthi ukulalelwa kwecala kufanele kuqhutshwe kanjani nokuthi yini eyenziwe nokukhulunyiwe kwaqoshwa phansi ngaleli cala.
Kwakufanele uqhube ngendlela yomthetho we-Promotion Of Administrative Justice Act 3 of 2003. Ngokolwazi olunikile, kuyacaca abazange bakunike ithuba lamalungelo afanele. Xhumana nehhovisi labe-CCMA ngokushesha ukuze bakusize ugcwalise amafomu adingekayo, ukwazi ukuzwakalisa isikhalazo sakho ngendlela efanele kulowo owayengumqashi wakho.[z]
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
BONA ZULU - September 2007
Ngaxoshwa ngokungemthetho"
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
t
Masisizane
