zulu.1160.epilepsy
Konke odinga ukukwazi nge...
SIFO SOKUWA
Azi amaqiniso ngalesi simo ube yingxenye yesixazululo!
indaba nguGRACE KHUZWAYO
Siyini
Isifo sokuwa sidalwa yikhemikhali emqondweni nokuyinto ephatha abantu bayo yonke iminyaka.
Noma ngubani onesifo sokuwa kungenzeka futhi abe nesifo sokuquleka. Uma lokhu kwenzeka, amehlo akho avele abe mnyama uwe phansi ulokhu uqhwisha kuphume amathe emlonyeni.
Lokhu kuyesabeka ngisho nakubantu ababukayo nokuyingakho abanye baze bathi umuntu ophethwe yilesi sifo usuke engenwe yimimoya emibi.
"Isifo sokuwa yisifo cishe esiphatha oyedwa kwabalikhulu," kuchaza uMohapeloa wabe-Epilepsy South Africa.
"Ngeshwa izinkolelo ezingesilo iqiniso ngalesi sifo, yizo ezivimbela abantu esibaphethe bangakwazi ukukhuluma ngaso.
"Kweminye imiphakathi, imindeni iye ikufihle ukuthi kukhona oyilungu layo ophethwe yilesi sifo ngoba bekholwa wukuthi lowo muntu usuke ethakathiwe.
"Okunye wukuthi abantu baye bacabange ukuthi ingane izohlaselwa yilesi simo sokugula isesikoleni bese kuphoxeka umndeni wayo, mhlawumbe lowo mndeni ugcine ngokungafuni ukuba iye esikoleni.
"Kokunye ezinye izikole ziye zingakwazi ukubhekana nesimo sengane zigcine seziyinqabela ukuthi iqhubeke nokufunda.
"Ngakhoke akusona isifo sokuwa esidala izinkinga kodwa wukwesaba komphakathi noma ukwehluleka kwawo ukubhekana nesimo somuntu osuke ehlaselwe wukuquleka."
Belashwa kanjani
Iningi labantu abanesifo sokuwa basizwa yimithi eyenzelwe ukulawula lesi simo nokuyimithi etholakalayo emakhemisi.
Kule minyaka eyedlule sekube nenkulu inqubekela-phambili kangangoba njengamanje cishe amaphesenti angu-80 alaba bantu aseyakwazi ukusilawula ngenxa yezidakamizwa zokwelapha.
Ziningana izinhlobo zesifo sokuwa, ezinye zimandla kunezinye kanti kudingeka izidakamizwa ezehlukene zokwelapha uhlobo ngalunye.
Umbona kanjani umuntu onesifo sokuwa
Kubalulekile ukukwazi ukuchaza konke okwenzekayo ukuze kubonakale ukuthi yiso noma cha.
Kufanele kuchaze umuntu oseke wakubona lokhu kwenzeka. Ukutholakala kwaso kungabandakanya ukuhlolwa kwegazi nomqondo.
Ungasiza kanjani
"Ulwazi lubalulekile, ngakhoke kufanele sizame ukuthola ulwazi ngalesi sifo kunokuba sibabandlulule esibaphethe," kusho uMatshediso Mohapeloa wabe-Epilepsy South Africa.
"Ukwamukeleka nokuphathwa njengabantu bonke, yiyonanto edingwa abantu abaphethwe yilesi sifo.
"Ulwazi losizo lokuqala lungaba yisiqalo esihle kakhulu ukuze ukwazi ukusiza uma kukhona ohlaselwa yilesi sifo. Uma uphethwe yisifo sokuwa noma kukhona omaziyo esimphethe, xhumanani nisungule inhlangano yosizo."
Yini ongayenza uma kukhona osehlaselwe yisifo sokuwa
Nakuba kuye kubukeke kungaphezu kwesimo esenzekayo - kodwa akufanele utatazele.
Nawe ungasiza:
u Ngokufaka imiqamelo phansi kwekhanda lowile;
u Ukususa izinto eziyingozi eduze kwakhe;
u Ungamvumeli anyakaze;
u Mphendulele kolunye uhlangothi ukuze akwazi ukuphefumula kalula;
u Hlala naye aze alulame;
u Mtshele ngezinto ebezenzeka;
u Ungafaki izinto ngenkani emlomeni wakhe;
Uma lokhu kuphinda kwenzeka, noma kukhombisa ukunganqamuki emva kwemizuzu embalwa, mtholele usizo lokwelashwa.[z]
NGEMINYE IMINININGWANE: Abafundi bangaxhumana nabe-Epilepsy South Africa kule nombolo ethi: 0860-374-537 uma befuna usizo, izeluleko nolunye ulwazi ngezinhlangano zosizo.
BONA ZULU - May 2007
AMANGA
Lokhu okulandelayo akulona iqiniso...
Abantu abaphethwe isifo sokuwa abahlakaniphile njengabaphila saka;
Abantu abanesifo sokuwa abakwazi ukuphila impilo ejwayelekile;
Isifo sokuwa isifo esingalapheki;
Isifo sokuwa yisiqalekiso;
Isifo sokuwa sidalwa yimimoya emibi;
IQINISO
Lokhu okulandelayo kuliqiniso...
Isifo sokuwa akusona isifo sokugula ngengqondo;
Isifo sokuwa asithelelani;
Iningi labantu abanesifo sokuwa baqashiwe emisebenzini eminingi;
Izingane eziningi ezinesifo sokuwa ziyakwazi ukukhula kahle phezu kwalesi simo;
lIsifo sokuwa singaphatha umuntu ngisho oneminyaka emingaki;
Isifo sokuwa asivimbi muntu ukuba aphumelele kwakwenzayo njengoJonty Rhodes noVusi Mahlasela.
BONA - January 2007
