zulu.2256.hair
indlela yokuba
NEZINWELE EZINHLE
ebusika
UBUSIKA buyazilimaza buziphathe kabi izinwele, ngakhoke zondle uzivikele ngendlela efanele ukuze zibe nempilo zicwebezele.
Kungenzeka uzikhohlise ngokuthi wenza okufanele uma usebenzisa okokwelula izinwele, udayi, isitayela esishisa izinwele nemikhiqizo enjenge-holding spray - kodwa njengoba izinwele eziyi-Afro zoma ziphuke ngokwemvelo, ukusebenzisa lezi zinto kwenza ukuba zilahlekelwe wumswakama wemvelo.
Ungalokothi usebenzise ama-shampoo angazifanele izinwele eziyi-Afro!
Khuluma nomcwali wakho wezinwele ukuze akweluleke ngokuthi ungazinakekela kanjani izinwele zakho. Okwamanje nakhu ongakwenza ezinweleni ukuze zibe sesitayeleni ebusika.
I-BRAIDING
Asikho isitayela esingcono njengalesi ebusika ngoba sivikela izinwele elangeni. Qiniseka ukuthi izinwele zakho ziphothwa wumuntu okwaziyo.
Inkinga abantu abenze i-braiding abavame ukuhlangabezana nayo eyezinwele ezilumayo, zome zibe nenkwethu. Geza ama-braids kanye emva kwamasonto amabili ngeKera Care Dry & Itchy Moisturizing Shampoo neConditioner.
Uma usuhlambulule i-conditioner, sebenzisa i-Optimum Care Oil Therapy Dry Hair Healer eswakamisa izinwele.
Emva kwalokho zinakekele ngeDark And Lovely Braids Spray enowoyela bemvelo abaswakamisa izinwele.
IZELULEKO
Ukuze izinwele zihlale zibukeka kahle, shuqula ngeduku uma ulala.
Ama-braids akho mawangahlali isikhathi esingaphezulu kwamasonto ayisithupha noma ayisishiyagalombili - lokho kuwubunuku.
IZINWELE ZEMVELO
Uma ungazwani nokwelula noma ukudaya izinwele sebenzisa i-shampoo enjengeDark And Lovely Moisture Seal 3-in-1 Conditioning Shampoo, neKera Care Detangling Conditioner. Le mikhiqizo ithambisa izinwele zikameke kalula.
IZELULEKO
Elinye iqhinga elihle ekwenzeni izinwele ezimanzi zikameke kahle ukusebenzisa i-spray esine-leave-in conditioner emva kokusebenzisa i-conditioner ejwayelekile ukuze zikameke kalula.
Kungenzeka ukuthi ufuna ukwenza amagoda ezinweleni zize zome. Uma kunjalo, qiniseka ukuthi uziswakamisa ngeDark And Lovely Rich And Natural Hairdress noma ngeKera Care Essential Oils ukuze zicwebezele ziswakame uma usuwaqaqa. Emva kwalokho zizolungiseka kalula.
Ukwenza ama-cornrows kusesitayeleni kuhle ebusika, nawo adinga ukunakekelwa.
IZINWELE EZILULIWE
Uma izinwele zakho ziluliwe, zidinga ukunakekelwa okuthe xaxa ikakhulu uma wake wenza isitayela esizishisayo.
Sebenzisa i-shampoo enjengeKera Care Hydrating Detangling Shampoo kanye ngesonto. Emva kwalokho sebenzisa iKera Care Humecto Crème Conditioner, noma iDark And Lovely Deep Moisture-seal Conditioner ukuze izinwele zihlale ziswakeme.
Emva kwamasonto amabili usebenzise i-shampoo ejwayelekile, sebenzisa iKera Care Essential Oils njengowoyela wokwelapha izinwele. Faka i-plastic cap ezinweleni, yeka uwoyela imizuzu embalwa bese uyahlambulula. Lokhu kuqinisa izinwele kuziswakamise.
IZELULEKO
Uma ungafuni ukomisa izinwele ngokuzifudumeza, zomise ngethawula.
Ngaphambi kwalokho, gcoba iDark And Lovely Moisture-seal Leave-in Styling Mist. Zikame ngekamu elinamazinyo avulekile ukuze zingaphuki.
Emva kwalokho kama ngekamu elinamazinyo acolisekile zindlaleke kahle. Shuqula ngeduku eliwusilika ukuze ziqoqeke kahle zize zome. Susa iduku ukame uziswakamise.
Zama i-Optimum Care Oil Therapy 3-in-1 Crème Moisturiser uma ufuna ukuba izinwele zakho zikhululeke. Ithambisa icwebezelise izinwele.[z]
BONA ZULU June 2008
UKUNAKEKELWA KWEZINWELE
Uma kunomoya noma lina kubanda, ubusika bungazilimaza izinwele zakho - uchwepheshe wezobuhle uFAITH SUEOE ukweluleka ngongakwenza ezinweleni
BONA ZULU June 2008
AMAQINISO
Ucwaningo lwabakwaSunsilk lwakhombisa ukuthi abesimame baseSA abathokozile ngezinwele zabo.
U-31% unezinwele eziphukayo
U-23% unezinwele ezomile, ezingenampilo eziphuka kalula
U-48% uhlushwa wukuthi izinwele zawo zizophuka, ufuna ukukugwema lokho
U-31% ukholwa wukuthi ukuphuka kwezinwele kudalwa wukusebenzisa amakhemikhali ikakhulu lawo emikhiqizo yokwelula izinwele engathembekile
U-44% unesikhumba esizwelayo, okwenza ukuba sishe
