zulu.2250.health
Funda ukuthanda amasitebhisi
Kungani uze ukhiphe imali uye ejimini ekubeni ungaba ngumqemane ngokuhamba emasitebhisini" Ukugibela izitebhisi eziyisithupha ngelanga isikhathi esingangonyaka kungakwenza wehle ngesisindo esingu-8kg.
ezempilo
Xhumana nozakwenu wesimame
Abantu besimame yibo abagula kakhulu kunabesilisa - kodwa ngokwabacwaningi lokhu kungenxa yokuthi abantu besilisa bayakugwema ukudalula ubuhlungu babo kanti futhi bayesaba ukufuna usizo. Lokhu ngeshwa kunciphisa impilo yabo...
4 Izindlela zokulwa nengwici
1 Hlafuna ucezu lesinkwa esomile usigwinye.
2 Hlafuna amaqhwa uwagwinye.
3 Gwinya i-teaspoon kashukela.
4 Donsa umoya uwubambe.
IQINISO: Emva kokusuka endaweni enamalambu akhanyayo, amehlo akho kuwathatha cishe imizuzu engu-30 kuya ehoreni elilodwa ukuba akwazi ukubuyela esimweni esifanele.
BONA ZULU - July 2007
Isithelo esinokusama-gilebhisi!
Ngabe yisiphi isiphuzo esinempilo ongasiphuza" Ngokocwaningo lwaseGlasgow University - yi-purple grape juice ngoba inezinga eliphezulu nochunge olubanzi lwe-polyphenol antioxidants okunqanda ukulimala kwama-cell emzimbeni kusize wena ukwazi ukulwa nesifo senhliziyo nesomdlavuza.
Hlala uphilile noPatricia McCracken
Yiba namaphupho mntomusha!
Ingane elala ngokweqile, iyeke iqhubeke ilale - ungayiphazamisi. Lokhu ngezinye zezincomo zikaPhrofesa Russell Foster wase-Oxford University.
Ngokusho kwakhe uthi, indlela yokulala kwethu iyehluka ishintshashintshe ngesikhathi sikhula - cishe oyedwa kubantu abasha abayishumi weqisa ukulala ngamahora amane kunabantu beminyaka engu-40.
AbaseMelika nabaseGermany lolu cwaningo bayahambisana nalo njengoba izikhathi zakhona zesikole seziqala emva kwesikhathi - nokuyinto esinciphise izinga lokukhathazeka.
Ngabe uwaphuza ngokwanele"
...amanzi - uma ungumuntu ohlale ekhala ngobuhlungu bekhanda - lokhu kudalwa wukwesweleka kwamanzi egazini lakho.
Uma ubheka
iziphuzo ezinotshwala
nalezo
ezine-caffeine ezifana netiye, ikhofi nama-colas, zonke zenza umzimba ukhiphe okuluketshezi. Kungakhoke kubalulekile ukuphuza cishe izingilazi zamanzi ezilishumi ngelanga.
IQINISO: Umzimba wakho njalo ngehora ukhipha izingxenye ezincane zesikhumba ezingu-600 000.
Kwabathanda ubhontshisi
Ubhontshisi uqukethe amaphrotheni amaningi kodwa unezinga eliphansi lamafutha kanti futhi awudli ephaketheni. Ufayibha otholakala kuwona usiza umzimba wakho ukwazi ukumunca izithako ezinempilo, wehlise nezinga lamafutha egazini ulawule noshukela.
BONA - August 2005
