zulu.2247.circumcision
Umlungu
ongumXHOSA
NGAPHANSI kwamakhilomitha angu-40 ngaphandle kwendawo yase-East London emgwaqweni ongu-N2 olibhekise eMthatha, kukhona indawo eyaziwa ngokuthi yi-Kwelera Nature Reserve nokuyindawo ephambili yezicebi esebhishi nokukhona kuyo cishe imizi kanokusho engaphansi kwengu-20 eminye yayo okungeyenani lika-R4 million.
Cishe ingxenye yamakhaya, njengokuzwa kwethu, isetshenziswa njengezindawo zamaholidi kule ndawo. Abanini balezo zindlu abahlala kwezinye izindawo bafika kuzona cishe kanye noma kabili ngonyaka.
UMichael Fairley (17) ohlala nabazali bakhe uDebbie noMalcolm nodadewabo omncane uKwelera, usanda kuba yindoda ngokwesiko lesiXhosa.
Ngesikhathi uBONA uxoxisana noMichael wayesanda kuphuma esikoleni sokusokwa emva kokuhlala amasonto amathathu eqhugwaneni - nokuthi emva kokuphothula, ngokosiko lwesiXhosa lishiswe.
Ekuqaleni abazali bakhe abazange bahambisane nesifiso sakhe sokusokwa ngokwesiXhosa. "Umama wami wahleka waze wacishe waquleka lapho ngimtshela ngengangicabanga ukukwenza," kusho uMichael.
USizwe Kupelo, owayekhuluma emva kokufa kwabafana ababili, ezigigabeni ezimbili ezehlukene esikoleni sokusokwa esiphethwe wumuntu oyedwa, uthi izigigaba zokufa kwabafana eziningi zenzeka ezikoleni zokusokwa ezingekho emthethweni.
Cishe bangaphezu kuka-90 abanye ababesokwa okwadingeka ukuba belashwe ezibhedlela ezehlukene e-Eastern Cape, nokungase kwenzeke abane babo kudingeke ukuba banqunywe endaweni yangasese, kuqhuba uKupelo.
Kodwa abakwaFairley bona banenhlanhla ngoba u-Abongile Tywala okunguyena ikhankatha elasoka indodana yabo, ungumuntu onesipiliyoni.
UTywala othi empilweni yakhe wayeqala ngqa ukuba abhekane nesimo sokusoka umfana womlungu, uthi uMichael waba nokukhulu ukubambisana naye. "Wayengilalela kukho konke engangimcela ukuba akwenze."
UTywala uthi angakusho wukuthi kusetshenziswa into ecijile lapho kusokwa, kodwa akukho okunye angakudalula ngokwenzeka entabeni.
UMichael ongowokuzalwa eFree State, wathuthela e-East London ngesikhathi umama wakhe esephinda eshada, uthi wayelokhu enothando lwamasiko akwaXhosa kanti naye lolu limi ulukhuluma kahle kakhulu.
"Ngesikhathi ngitshela engangifunda nabo esikoleni ukuthi ngifuna ukuya entabeni, bavele bangihleka," kusho yena.
Ngesikhathi esephuma esikoleni sokusokwa, wayezimboze ngobhulankethi, wahlangatshezwa abesimame ababekikiza bejabula, nomama wakhe ekhona phakathi kwabo - wajabula waze wakhala izinyembezi.[z]
BONA ZULU October 2008
IMPILO LEYO
Sinethulela ibhungu elaya entabeni lingumlungu labuya selingumXhosa... indaba nguMAKATILEMEDIA, izithombe ngezeDaily Dispatch
UMichael esesikoleni. "Ngesikhathi ngitshela engifunda nabo ukuthi ngizokuya entabeni ngiyosokwa, bavele bangihleka usulu," kusho yena.
Amasiko ayimfihlo, kodwa lapha uMichael wathwetshulwa isithombe ukuze asinike umqondo wokuthi inqubo yayinjani kuyena.
Ngisho ngabe wena ucabanga kanjani ngesinqumo sikaMichael, kodwa ngineqiniso ukuthi akafani nabanye abantu abasha abamhlophe.
BONA ZULU October 2008
KUNGABA NGOKUPHEPHILE
"Abantu kufanele bazi ukuthi lokhu kufa kwenzeka ezikoleni zokusokwa ezingekho emthethweni ngoba yonke into abayenzi ngendlela ehlelekile," kusho okhulumela uMnyango wezeMpilo uSizwe Kupelo.
I-Gangrene eyenzeka emanxebeni asuke edalekile ngesikhathi umuntu esokwa, kubukeka kuyiyo edala ukufa kakhulu.
"Sididwa yilo mkhuba oya ngokwanda wabazali abafuna ukuzixazululela ngokwabo emakhaya izinkinga zezempilo zabasokiwe," kuqhuba uKupelo.
"Kubalulekile ukuba abantu bathintane nomnyango ngoba sinawo amakhono ekwelapheni laba bantu abasha siqiniseke ukuthi belulama ngokuphelele. Musani ukuhambela kude nezibhedlela."
Abazali abayotholakala benecala lokwephula umthetho weSiko lokuSokwa iTraditional Circumcision Act bayobhekana nenhlawulo ka-R1 000 noma izinyanga eziyisithupha ejele.
