zulu.2245.breast2
1
U-Chomee: 'Kwangisiza kakhulu ukuhlolwa!'
Izigaxa eziyisishiyagalombili kwezingu-10 ezitholakala emabeleni kusuke kungezona ezomdlavuza - kanti noChomee (21) ongumculi ubalwa kwabanenhlanhla abaqeda ukukhathazeka kwabo ngokuxhumana nodokotela.
"Ngangisaba ngoba kwakubukeka sengathi ibele lami likhula ngamandla kunelinye. Lalisinda libuhlungu," kusho yena.
"Ngaya kudokotela wami owathi nginesigaxa okufanele sihlolwe. Ngenza i-mammogram (indlela yokusetshenziswa kwemisebe yelanga uma kuhlolwa umdlavuza webele) kanti ngenhlanhla, isigaxa esasikhona kwakungesona esomdlavuza sasizishaya sathumba. Kwadingeka ukuba ngisebenzise imithi yokusiqeda.
"Sangithusa kakhulu kodwa kwangisiza ukuthatha izinyathelo ngokushesha. Kufanele wazi ukuthi kwenzekani emzimbeni wakho - abangani nabomndeni bangiduduza ngisalindele imiphumela yokuhlolwa.
"Abantu ngingabeluleka ngokuthi abazihlole izigaxa ezitholakala emzimbeni - uma usheshe wahlolwa, umdlavuza ungatholakala kusenesikhathi noma uthole umphumela ozokuphatha kahle."
2
U-Lillian Dube: "Amabele ami awakaze abe mahle kangaka!"
Okukuthatha kakhulu uma ukhuluma noLillian Dube wuhleko lwakhe - kanti nokukhishwa kwesigaxa esasisebeleni lakhe ngoDecember nyakenye akumqedi amandla.
"Wuvalo olubulala abantu. Lesi sifo singifundise ukuthi sonke siphila kanye kanti akufanele kube khona izinto ezizosikhathaza. Into yokuqala engayenza emva kokuhlolwa kwami kwaba wukuthatha abazukulu bami saya eholidini - ngangiqala ngqa ukuvuma ukuba benze abakuthandayo," kusho yena.
Indlela ahlolwa ngayo yenza kwamkhanyela ukuthi yimiphi imiphumela azoyithola ikakhulu emva kokuthathwa kwamasampula ama-cells ukuze bawathumele e-laboratory kubhekwe ukuthi awanawo yini umdlavuza (biopsy). Okwenzeka kuyena kwamethusa njengoba eseneminyaka eluleka abantu ngokubaluleka kokwenza iPap smear (ukuhlola umdlavuza wesibeletho) nama-mammograms edlala indawo kaSister Bettina kwiSoul City.
"Esibhedlela ngabona intombazane eneminyaka engu-25 izokwelashelwa umdlavuza webele. Hlola amabele akho ngokucophelela njalo ngenyanga uhlole umdlavuza webele njalo ngonyaka," kusho yena.
"Kungenzeka ukuthi isigaxa sasinonyaka sikhona kodwa kungelula ukuthi sibonakale. Ukube kwaphela omunye unyaka sikhona, ngabe kukhulunywa olunye udaba manje.
"Abakwenza kwaba wukususa isigaxa esasikhona kuphela kanti manje amabele ami mahle kakhulu!"
Xhumana nabeCANSA ku-0800-22-66-22 ukuze uthole olunye ulwazi nemininingwane ngokuhlolwa komdlavuza webele nangamaqembu angakusiza ngakini.
3RD PAGE O/FLOW HEAD (IF NECESSARY):
