zulu.2243.legalfebnew
YAZI AMALUNGELO AKHO
Kule nyanga: ongakwenza uma uboshwe
kwimvimba-mgwaqo
UKUBOSHWA KWI-
MVIMBA-MGWAQO
Emva kokumiswa kwimvimba-mgwaqo, ngatshelwa ukuthi angizange ngilikhokhele ithikithi engangilitholile kanti kwase kukhishwe nencwadi yokuboshwa kwami. Iphoyisa lomgwaqo lathi kuzodingeka ukuthi ngilinde ngesikhathi lisayolanda ikhophi yaleyo ncwadi esiteshini samaphoyisa. Kwathi uma ngibuza ukuthi ngingayigodukisa yini ingane engangihamba nayo ngibuye ngibuyele lapho ngangivinjwe khona langithethisa lathi ngizohlawulela "ukubambezela ukusebenza kobulungiswa" uma ngingalaleli.
Ngalinda amahora amathathu, alivumanga nokuthi ngizishayelele ngiye esiteshini samaphoyisa lathi ngizogibela nengane yami emotweni yamaphoyisa.
Ngicabanga ukuthi leli phoyisa langiphatha kabi. Ukukhohlwa wukukhokha akusho ukuthi sengiyisigebengu esibi. Yini okufanele uyenze uma uboshelwa ukungalikhokheli ithikithi?
ISELULEKO SOFEZELA
Awuboshelwa ukungakhokheli ithikithi, kodwa uboshelwa ukungaveli enkantolo ngosuku obekufanele uvele ngalo. Lokhu wukudelela inkantolo.
Zimbili izinto ezenziwa uma kukhishwa amathikithi:
STEP 1: Uthola ithikithi kwimvimba-mgwaqo noma eposini uma ubanjwe yikhamera ushayela ngesivinini. Inhlawulo uyikhokha ngosuku olunqunyiwe. Ukukhohlwa wukukhokha kuholela kulokhu:
STEP 2: Ukuthola amasamanisi.
Wena wakhohlwa wukukhokhela ithikithi wangawanaka amasamanisi. Uqinisile, lokhu akusho ukuthi uyisigebengu.
Asikusoli futhi ngokudinwa yindlela owaphathwa ngayo. Kunemithetho ethile amaphoyisa okumele ayigcine kanti abahamba ngezimoto kumele bazi amalungelo abo.
Nanka afingqiwe:
Iphoyisa elikubophayo kumele likukhombise ikhophi yencwadi egunyaza ukuba uboshwe uma uyicela. Akufanele uboshwe incwadi isalandwe esiteshini samaphoyisa.
Unelungelo lokutshelwa ngamalungelo akho akumthetho-sisekelo abandakanya izizathu zokuboshwa kwakho.
Uma amalungelo akho engahlonishwa, udaba lwakho ungalwedlulisela kummeli.
Emva kokuboshwa kumele uyiswe endaweni ebhalwe encwadini yokukubopha noma esiteshini samaphoyisa ngokushesha.
Uma ungawatholanga amasamanisi, cela ukubona incwadi ebhalwe ukuthi ubani owathunyelelwa amasamanisi, nini kuphi. Kodwa awunalo ilungelo lokuyibona ngesikhathi uboshwa - ungayibona ngokuhamba kwesikhathi.
Okokugcina: uma kukhona okungakugculisi, bhala isikhathi, indawo namagama amaphoyisa athintekayo. Lokhu kuzokusiza uma unesikhalo. [z]
AMASAMANISI
Amasamanisi azokutshela ukuthi yiliphi icala othweswe lona, isikhathi nendawo elenzelwa kuyona kanye nemali yethikithi okufanele ikhokhwe ukuze ungaveli enkantolo.
Uma ucabanga ukuthi uboshelwe into engekho, amasamanisi azokutshela ukuthi udingeka nini enkantolo, uliphike icala unikwe ithuba lokuchaza ukuthi kwenzekeni.
Amasamanisi abuye akwexwayise ngokuthi uzoboshwa uma ungakhokhi inhlawulo noma ungayi enkantolo.
UTHINI UMTHETHO
ISELULEKO ESIHLE
Iseluleko esihle esingakunika sona esokuqinisekisa ukuthi ukhokha ngokushesha uma uthola ithikithi kanti, uma usukhokha, qiniseka ukuthi uthola irisidi noma ugcine ubufakazi bokuthi ukhokhile uma ungakhokhanga esiteshini samaphoyisa!
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni, 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
