zulu.2240.cover
Ukuba yisihlabani somdlalo weTV akumvikelanga uNokuthula weBackstage ekudilizweni nasekuhlu-kumezekeni emoyeni
BONA ZULU - April 2007
KWESOKUDLA: "Ukudilizwa kwenzeka kubantu abaningi, kodwa sengikulindele ukuqala kabusha," kusho uNokuthula. (Ingubo: Truworths; ubucwebe: Piece.)
KUDE KWESOKUDLA: "Ngisenokwesaba ukuthenga imoto ngoba umngani wami omkhulu washonela emgwaqweni emva kwenyanga ngiqalile kwiBackstage." (I-top: Foxy; ubucwebe: Attitude.)
(Ekhaveni: Ingubo: Morgan; ubucwebe: Piece.)
indaba nguPATRICIA McCRACKEN
izithombe nguPETER BAASCH
iziphaqulo nezinwele nguFAITH SEUOE
izitayela nguMARINA WALSH
NGISHO nangesikhathi eseyingane uNokuthula Ledwaba weBackstage wayesekulindele ukulwa.
"Umama wami omkhulu, njengokuba ngimbiza kanjalo, wayelwela amalungelo abantu kanti nami ngangijwayele ukuya naye emihlanganweni yezepolitiki ngibelethiwe," kusho kukhumbula yena. "Ngelinye ilanga amaphoyisa ezomoya afika ezosesha emhlanganweni kodwa abesimame bawatshela ukuthi bayathandaza.
"Kodwa mina ngavuka emhlane ngaphakamisa isibhakela sami esincane ngamemeza ngathi, 'Amandla! Viva Mandela' emva kwalokho ngalala futhi!"
Inhlonipho, uthando nokukhula ngaphansi kwesimo sokulwela amalungelo kwanika uNokuthula amandla okubhekana nezinselelo adlula kuzona.
EKUDLALENI kwayo le ntokazi eneminyaka engu-23, yazakhela ugazi kwabaningi ngesigigaba sokudlwengulwa komlingiswa onguLulu amlingisa kwiBackstage - nokuyinto eyamkhathaza empilweni yangempela.
"Ngake ngakhathazwa abantu engingabazi ababengihlupha befuna ucingo lwami. Ngangize ngivuke ngiphaphaphame ngoba ngesaba ngicabanga ukuthi kukhona mhlawumbe umuntu obemile eduze kwami ngesikhathi ngilele."
Uma engasabonakali kwiTV, abantu baseMzansi bazokwazi ukuthi yingenxa yokudilizwa nozakwabo. Imisebenzi yabo yaphela ngoMay kangangoba sizobona iziqephu zokugcina zalo mdlalo osudonse iminyaka eyisikhombisa kuze kube nguJune.
"Ngesikhathi siqala sizwa, sonke lokho kwasethusa kakhulu," kusho kukhumbula uNokuthula. Ngalolo Lwesihlanu ebusuku ngoFebruary wazikhipha nozakwabo balo mdlalo baya ephathini yokuzesula izinyembezi (after tears) nokuyilapho bonke bafike bazibusisa ngeziphuzo.
Kodwa zingakapheli izinsuku ezimbalwa, uNokuthula wayesebhukulile washaya ibuya.
"Sengikwazile ukukwamukela ukuphela kweBackstage. Sazi nyakenye ukuthi lo mdlalo wawuzabalaza sezwa namahlebezi okuvalwa kwawo ekuqaleni kwalo nyaka. Kubuhlungu, kodwa ngesinye isikhathi uye uphoqeke ukuba uqhubekele phambili," kusho yena.
"Ukuba yingxenye yawo kwangivula amehlo ezintweni eziningi. Ukungena kuwo ngaphandle kokuthola ukuqeqeshelwa ukuba kwiTV, kwaba yinto enkulu eyangifundisa okuningi ngokusebenza nangokwenzeka kwiTV.
"Kwaba yisibusiso esikhulu kimina ukuba ngithole ithuba lokukhombisa izwe lami ukuthi yini engikwazi ukuyenza.
"Ngiyazi ngikwenzile okusemandleni ami, kanti ngiyophinda futhi ngikwenze kunoma yini engiyenzayo - lokhu ngeke kungivimbe nakancane. Isiqalo esisha kimina."
UNOKUTHULA waba nenhlanhla yokuba nomama ababili nokuyibo athola kubo wonke amandla nobuhlakani.
"Ngathathwa ngakhuliswa umzali ongangizali ngesikhathi nginonyaka, ngakhula lokho ngikwazi kahle ngoba ngatshelwa kona ngesikhathi ngineminyaka emihlanu. Umama wami omkhulu wangichazela ukuthi ngaba ngenye yezingane ezaba nenhlanhla yokuba nomama ababili. Umama omkhulu nokunguye omdala, nguye owayenza izinqumo ezinkulu, kuthi umama omncane nokwakungumama ongizalayo azesekele lezo zinqumo.
"Ngesikhathi ngineminyaka engu-18 kuningi engadlula kukhona." Kodwa futhi leso kwakuyisikhathi esihle kuNokuthula ngoba wasondelana kakhulu nomama wakhe omncane.
"Ngahlala naye ngo-2001 ngesikhathi ngiqala ukudlala imidlalo yeshashalazi, safunda ngalobu buciko ndawonye - safunda nokuba abangani."
EMVA kwalokho uNokuthula nomama wakhe omncane bafunda isifundo esibuhlungu ndawonye - nokuyiso esibhekana nezigidigidi zabantu bakuleli.
"Ngenxa yakhe, ngiyazi ukuthi i-AIDS ikhona. Wedlula emhlabeni ngenxa yayo ngoNovember nyakenye.
"Kubuhlungu ukubona umuntu eqhubeka egula kakhulu, alulame, aphinde agule kakhulu futhi.
"Kuyafundiswa ngalokhu kufa kodwa akwanele okwenziwayo - bonke abantu bakhombisa ukunganaki.
"Kuyamangaza ukuthi kusekhona abantu abakholwa wukuthi uma uya ocansini nengane eneminyaka eyisikhombisa noma nomuntu ongakaze aye ocansini, lokho kukuvikela kulesi sifo. Cabanga ngesibalo sabesimame abadlwengulwayo nabakhulelwe aba-HIV-positive!
"I-Brazil akusilo izwe elinothile, kodwa liyabanakekela abantu balo. Iningi labantu baseSouth Africa alikwazi ukumelana nokuthenga ama-ARVs, ngaleyo ndlela enye ingane enezinyanga eziyisishiyagalombili isisele ayinabazali. Umama wami wayesemigqeni emide elinde ama-ARVs kodwa wedlula emhlabeni ngaphambi kokuba awathole.
"Lesi yisimo esibhekana neningi labantu bakithi, kodwa abanye bashaya sengathi yinto engekho - nokuyinto engidina kakhulu. ESouth Africa sonke kufanele kube khona esikwenzayo ngokukhulu ukushesha. Silahlekelwa obaba, omama, othisha. Ubani ozothanda akhulise izingane zethu""[z]
'Omama bami ababili bangifundisa ukulwa!'
Umzabalazo
wami
uyaqhubeka
Ongakwazi ngoNokuthula
n Uyacula adlale umculo kanti usebhale ingoma ngenhloso yokuhlonipha umama wakhe omzalayo.
n Uyabavikela abangani bakhe ababhasobhe lapho bezikhiphile beyozithokozisa emakilabhini.
n Wakwazi ukuphumelela ngaphandle kokuqeqeshwa ngenxa yokuthi waqala kwiPositive Arts eSoweto.
n Isoka lakhe lingumbhali wemidlalo kamabonakude kanti ngokwenkanyezi yenhlanhla liyiVirgo - kodwa akazimisele ukudalula igama lalo.
n Uvele abahleke abantu abehluleka wukubiza igama lakhe bese bembiza ngoNoxie.
BONA ZULU - April 2007
