zulu.2223.boxer
Sixoxisane noBongani Mwelase
Ubange esicongweni... UBongani kumaCommonwealth Games ka-2006 wakhombisa ukuthi ungumshayi-sibhakela osezingeni lomhlaba.
Uyazikhulumela - kanti futhi nesibhaxu unaso - kungenzeka kube nguye futhi oletha ubumnandi obungasabonwa kulo mdlalo wesibhakela
UDUMO. Ngisho ngabe ulufuna kangakanani, ulusebenzela kanzima kangakanani - kuye kungabi yinto obukade uyilindele. Buza uBongani Mwelase ongushampeni wakuleli ngaphansi kweWorld Boxing Council esigabeni sama-welterweight. "Ngangifuna udumo kodwa manje sengiyabona ukuthi lunzima kangakanani uma abantu bonke bekwazi ukukubona ngisho ngabe uhamba kuphi," kusho ushampeni ongahambi engalifakile ikapisi ngenhloso yokuzifihla. "Abalandeli bami bahlale bengingunga bengibuka kuma-shopping malls nasemarenki amatekisi bengibuza imibuzo ehlukene.
"Kufanele uqaphele ukuthi ubathatha kanjani ngoba abanye bangaze bacabange ukuthi uyazithwala uma uzama ukubachizela.
Le nsizwa yakaMwelase isahlala nabazali bayo nabafowabo abathathu elokishini lase-Orange Farm eningizimu yeGoli kanti isazihambela ngezinto zokuthutha umphakathi njengoba ingakakwazi ukuzithengela imoto yayo.
"Ngisho newashi leli," esho esikhombisa isihlakala esingenalutho.
Imali
"Yikhona okulunge impela lokho," kusho kujobelela umama wakhe uThoko. "Usephenduke usaziwayo ongenamali.
UBongani wahola imali engu-R14 000 empini yakhe lapho aba ngushampeni womhlaba khona," kusho umama wakhe.
"Ngize ngicabange ukuba ngenze izinto ezizomakhela imali ukuze akwazi ukuthenga imoto!"
"Imali yayincane ngoba yimi engangiphonse inselelo," kusho kuchaza yena. Maduze-nje le nsizwa ikholwa wukuthi izokwazi ukuba igqoke izingubo zikanokusho.
Ngabe kumanje le nsizwa ayiyena umshayi-sibhakela odonsa abantu abaningi ezimpini zesibhakela" Ngabe maduze-nje izolandela ezinyathelweni zikaBaby Jake Matlala noDingaan Thobela"
"Ngaphambi kokuwina izicoco, ababengigxeka babethi ngikhuluma kakhulu. Ngiyethemba ukuthi manje babonile ukuthi kwakufanele."
Ukukhuluma kwakhe kakhulu wufuzo lukagogo wakhe ngokusho kwakhe. "Ugogo wami uyazikhulumela njengami. Esikoleni ngangihlale ngiqophisana nothisha bami.
Ukukhuluma kwakhe kakhulu, kanjalo nezibhakela zakhe ezivuthayo kungaletha intokozo edingekayo kulo mdlalo wesibhakela.
Izintokazi
UMwelase uthi unabangani abaningi besimame kunabesilisa ngoba abesilisa banomona nempumelelo yabanye.
Kodwake unaye owesimame asondelene naye kakhulu ukwedlula abanye besimame asondelene nabo. "Bengingakamethuli kwabomndeni wami, ngakhoke akukho okutheni engingakusho okwamanje," kusho yena.
Umama wakhe ufuna ukuba agxile ekuvikeleni izicoco zakhe kunasezindabeni zothando. "Ukuba wushampeni ongenamali yinto engathi shu," kusho umama wakhe. "Kufanele kuqala asebenze kanzima ukuze azakhele imali. Emva kwalokho agcine kahle imali yakhe ngoba isibhakela wumsebenzi osheshe uphelelwe yisikhathi."
UBongani unomfowabo ayiwele naye uSiphiwe naye futhi ongumshayi-sibhakela. "Kunezinsuku lapho abafana bami bobabili bevuka ekuseni bopha igazi emakhaleni kuze kudingeke ukuba ngibeke amaqhwa eziphongweni zabo ukuze nginqande ukopha," kusho umama wabo uThoko Mwelase.
"Lesi yisexwayiso kimina ukuthi kufanele esibhakeleni wenze imali bese ushiya phansi ngokushesha."[z]
Fak ,imali uzobona!
BONA ZULU - February 2008
indaba nguFORCE KHASHANE
Umfowabo kaBongani ayiwele naye uSiphiwe (kwesobunxele), naye ungumshayi-sibhakela.
