Zulu.2208.trivdec
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
lI-Panthera tigris yisilwane esizingelayo esidla inyama kanti inkulu inamandla kunazo zonke izilwane zalolu hlobo lwamakati.
lYande eNdiya ihlala ehlathini noma endaweni enotshani ngoba yilapho ikwazi ukuzifihla khona.
lIsisindo seyeduna siphakathi kuka-180 no-325kg kanti eyensikazi ingu-120 no-180kg. Ubude beyeduna bungu-3,3m, eyensikazi ingu-2,75m.
lIzingwe zinamazinyo amade amakhulu kunamanye amakati asendle.
lZizingela zodwa kanti isitha sazo zisithena amandla ngokusebenzisa umzimba namandla. Uma isilwane esihlaselwayo sesilele phansi, ingwe isiluma ngemuva emqaleni, iphule umgogodla waso nemithambo. Uma ihlasela isilwane esikhulu, isiluma emphinjeni.
lIzingwe kuthiwa zeqa ubonda ubude balo obungu-2m zithwele isilwane esinesisindo esingu-50kg.
lIsibalo salezi zilwane sesehliswe abazingeli abafuna uboya bazo kanti sezifakwe ohlwini lwezilwane eziyindlala.
Funa igama
BONA ZULU - December 2006
Yazi konke...
ngengwe
Thola amagama ngokufunda uya phambili, emumva, phezulu, phansi, uvundle. Ungalokothi emgqeni weqe uhlamvu lwegama. Dweba ukekelezele igama ngalinye bese ulicisha ohlwini oluseceleni.
UGrace Robin ngowokuqala ukukhombisa ngama-contact lenses ngo-1930
INdlovukazi yeRock & Roll
U-TINA Turner yisihlabani somculo esinezinwele ezinkulu nezwi elimtoti eliyisihosha, kanti usezakhele elikhulu igama emculweni weRock & Roll.
Igama lakhe langempela ngu-Anna Mae Bullock owazalwa ngomhlaka 26 November 1939 eMelika eTennessee.
Eseneminyaka engu-16, wahamba waya eSt. Louis, eMissouri lapho azakhela khona udumo neqembu i-Ike And Tina Turner Revue ngeminyaka yo-1960 no-1970.
Izwi lakhe eliyisihosha lathatha abaningi ezingomeni zakhe ezifana nezithi A Fool In Love, River Deep, Mountain High nethi I Want to Take You Higher kanti zenza leli qembu ladlondlobala nakumashadi omculo emisakazweni emhlabeni jikelele.
U-Ike noTina bashada ngo-1962, nokwathi ngeminyaka yo-1970 umshado wabo wahlangabezana nezinkinga.
Behlukana emva kokuhlupheka ndawonye iminyaka embalwa, emva kwalokho uTina waziculela yedwa wathola udumo ngengoma ethi Private Dancer ngo-1984. NgoDecember 2005 wahlonishwa ngomklomelo weKennedy Center Honors emcimbini owawubophele izingwazi zabaculi owawubanjelwe eJohn F. Kennedy Center For The Performing Arts eWashington DC. Kulo mklomelo wajoyina izingqalabutho zomculo ezifana no-Aretha Franklin, Michael Jackson, Ray Charles, Little Richard noChuck Berry.
Amakhonsathi akhe amakhulu ezindaweni ezehlukene aba ngo-2000 kanti athathwa njengamakhulu kunawo wonke eNorth America ngalowo nyaka. Nakuba esethathe umhlalaphansi ukuyocula ezindaweni kodwa usacula nanamuhla.
UTHI UBUWAZI" Esemncane uTina, wazama ukudaya izinwele zakhe nge-bleach zase ziqothuka. Waqala ngaleso sikhathi ukufaka amawigi.
Amagu-ndane!
OKUSHAYISANA nenkolelo ejwayelekile wukuthi izindlovu aziwesabi amagundane. Hamba uye noma yikuyiphi i-zoo uzothola ukuthi amagundane ahlala ndawonye nezindlovu. Amagundane adla okusanhlamvana ahlale lapho kukhona i-hay endaweni yezindlovu.
Beka ngokuyikho
BONA ZULU - December 2006
Hlela lezi zinhlamvu zamagama ngendlela efanele
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
TAXIIIIII!
Igama elithi "taxi" lisuselwe kwelesiGreek elisho "ukuvakasha."
Amatekisi okuqala ayengamakalishi ayedonswa amahhashi kanti aqala ukusetshenziswa eParis naseLondon ekuqaleni kwe-17th Century.
Inkampani yokuqala eyakha amatekisi ngo-1897 kwakungeyaseStuttgart, eGermany.
Ngo-1907, uHarry Allen owayengujsomabhizinisi waseNew York waba ngumuntu wokuqala owapenda amatekisi ngombala ophuzi emva kokuthola ukuthi lo mbala ungawubona ukude.
BONA ZULU - December 2006
AmaMulti-Game
UTHI UBUWAZI"
I-Mexico City yindawo enamatekisi amaningi emhlabeni. Angu-60 000 amatekisi kuleli dolobha.
Hlola ulwazi lwakho lolimi. Isithombe sikunika umkhondo. Yini igama lale nto"
Isibhicongo esikhulu!
IChernobyl yidolobha elisenyakatho ye-Ukraine. Cishe ebangeni elingu-14km kukhona indawo okuthiwa yiChernobyl Nuclear Power Plant, nokuyindawo eyehlelwa yinhlekelele yesibhicongo se-nuclear esingakaze sibonwe ezweni.
Lesi sibhicongo senzeka ekuseni ngomhlaka 26 April 1986.
Ngalesi sigameko kwaphuma umusi oyingozi kakhulu. Bangaphezu kuka-100 000 ababalekiswa kuleli dolobha nakwezinye izindawo.
Phezu kwalokho, umdlavuza oyingozi kusukela kuleso sigameko, usabaphatha abantu bakule ndawo. Leli dolobha laseChernobyl cishe lineminyaka engu-800 laba khona.
Abasebenzi bakahulumeni basayiqaphe kakhulu le ndawo ngemizamo yokukhuculula lokhu. Amakhulu ngamakhulu abantu, ikakhulu abadala sebakhetha ukuhlala ngaphansi kwaso lesi simo esiyingozi njengoba sebabuyela emakhaya abo nakwezinye izindawo.[z]
Ngabe yilamafilimu asewine ama-Oscar amaningi"
11 - irekhodi elenziwa yiLord Of The Rings: Return Of The King, Ben Hur neTitanic.
Yini sibe nezinwele"
(Kudalwa yini ukuthi sibe nezinwele eziningi ekhanda")
YIMPAMA yesandla nezithende zethu okungenazinwele. Izilwane zinoboya, thina sinezinwele kanti eminyakeni edlule imizimba yethu yayinoboya obuningi. Babusifudumeza ebusika busipholisa ehlobo. Kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhathi imizimba yethu yafunda ukuzipholisa ngendlela engcono - ngokujuluka.
Ake ucabange nje ukuthi kwakuzosiphatha kanjani ukujuluka sibe sinoboya obuningi emzimbeni - kwakuzoba sengathi umuntu ugqoke ijezi elimanzi! Uboya emzimbeni bancipha. Kodwa ekhanda sinezinwele ezisivikela elangeni. Yingakho nje zingazange ziphele.
Izinwele zisuka eziqwini zoboya ezincane esikhumbeni ezibizwa ngama-follicles. Izinwele zinama-cells alekene njengama-tiles ophahla lwendlu. Ngesikhathi izinwele zikhula ama-cells ayasuka esikhumbeni afe - kuhle lokho ngoba ukuba abengafi, ukugunda izinwele bekuzoba yinto ebuhlungu kakhulu!
Uboya emzimbeni wethu bukhula bube okokuthathu kwe-millimetre ngosuku. Kodwa abukhuli buqhubeke. Buyama isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha. Yingakho nje uboya emzimbeni wethu bubufishane kunasekhanda.
Bukhula bube ama-centimetre angu-70 ngaphambi kokuba buqothuke bubuye bumile kabusha...
