ZULU.1156.muthi
ABABELETHISI babeyigugu emphakathini. Kwakuvame ukuba kube omama nogogo ababengakaze balubhade esikoleni ababephephisa impilo yabadlezane ababesanda kubeletha.
Yibona ababenakekela abancane nabadala uma begula.
Lokhu ngikusho ngoba ngisuswa yincwadi yomfundi okhathazekile ngokuthanda kwakhe insangu kanti ababelethisi yibona ababekwazi ukwelapha umuntu osephenduke isigqila sensangu.
Ogogo babemelapha ngaphandle kokumtshela lowo oyisigqila sensangu - kanti wayehlukana nayo engazi ukuthi ngempela kwenzeke kanjani lokho.
Ngafungiswa
Kungenzeka ukuthi ningayikholwa le ndaba kodwa yenzeka.
Ngaba nenhlanhla ngoba kwakukhona ugogo owayeyilolu hlobo emndenini wakithi. Wangelapha wangenzisa isifungo sokuba ngiyigcine iyimfihlo indlela angelaphe ngayo.
Namanje ngisami kuleso sifungo kanti ngizothanda ukudalula isithako esisodwa kuphela kulezo ezifakwa kulo muthi - ngicele noma ngubani owazi umbelethisi omdala ukuba amnike incazelo egcwele.
Isithako sami esobisi lwebele.
Sonke siyazi ukuthi ukubhema insangu kucekela phansi impilo yabantu.
Iningi labadlali abanekhono lithole izijeziso ezinzima ngenxa yokutholakala kwensangu emchamweni nasegazini.
Njengoba sengisidalulile esinye sezithako esisetshenziswa uma kusizwa umuntu oyisigqila sensangu, ngibona kusemqoka ukuba izinyanga zenze ucwaningo zithole ezinye izithako ezisetshenziswa kulo muthi ukuze kuphephiswe isizwe sakithi.
Ngibuye ngikholwe wukuthi ukuvikela kungcono kunokwelapha kanti abantu bakithi, kubandakanya nezihlabani zebhola, kufanele bazame ukuyibalekela insangu.
Ukuhlinzwa kwamabele
Okunye okungikhathazayo wukwanda kwesibalo sabesimame abahlinzwa amabele ngoba befuna ukubukeka kahle.
Omunye umuntu wesimame ongakashadi okhathazekile ngamabele akhe wabhala wathi: "Ngifuna ukubukeka kahle. Ngidla ngendlela efanele ngizivocavoce.
"Kodwa angiyithandi indlela engibukeka ngayo ngoba nginamabele amancane.
"Ngifuna ukuba namabele amakhulu.
"Amabele ami akabukeki kahle ngisho noma sengigqoke okwangaphezulu okuhle. Sengicabanga nokuba ahlinzwe kodwa ngeke ngibe nawo amandla okukukhokhela lokho ngoba kuyabiza.
"Ngabe ukhona umuthi wokukhulisa amabele""
Omunye umfundi wabhala wathi: "Amabele ami makhulu ayalenga."
"Lokhu kwenzeka emva kokuba ngithole ingane yami yesibili.
"Ngiyayinakekela impilo yami kanti ngizama konke okusemandleni ukugcina isisindo somzimba wami siphansi kodwa lokho akungisizi kule nkinga yamabele. Ngabe kukhona okungangisiza""
Mhlawumbe sesifikile isikhathi sokuba abesimame bawathande amabele abo.
Abalulekile ngoba yiwona anobisi lokondla izingane olubuye lusize abayizigqila zensangu! [z]
nguFORCE KHASHANE
Ezemithi yesintu
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
Usizo lobisi lwebele
BONA ZULU - March 2007 91
