zulu.2202.unathi
Unathi Nkayi
indaba nguDOUG GORDON
Usanda kujoyina ithimba leMetro FM elisakazela abalaleli ababalelwa ezigidini eziyisithupha kanti uhlelo lwantambama ulushayela noDJ Glen Lewis...
Nakuba Unathi esezakhele igama kwezokusakaza, indodana yakhe iyohlala isemqoka kakhulu empilweni yakhe.
BONA ZULU - June 2007
NAKUBA ethokozisa izihlwele eziningi ohlelweni lwantambama kwiMetro FM, kodwa Unathi Nkayi ngumuntu ozithobile. "Ngisemusha lapha. Umthetho wokuqala wempumelelo wukuba uvale umlomo wakho udlale umculo."
I-Metro FM igubha iminyaka engu-21 selokhu yaba semoyeni kulo nyaka kanti iyakwazi ukuheha abantu abanamakhono. Ngonyaka odlule kwaba nguDJ oyisihlabani sodumo lwe-hip-hop uBad Boy T okumanje useshayela uhlelo i-breakfast show. Manje sekuyintokazi eneminyaka engu-28 Unathi Nkayi okumanje i-albhamu yakhe yesibili iphrojuswa yithimba labeKalawa eselikhiqize izihlabani ezifana noBongo Maffin, Mafikizolo noMahoota.
Ngokusho kwakhe, okuyiyonanto ayeyibhekile kwiMetro, wuhlelo lwantambama ngesikhathi ephuma enyuvesi yase-Eastern Cape eminyakeni eyisishiyagalombili edlule.
Ukwazile ukufeza iphupho lakhe kusukela ekushayeleni uhlelo lukamabonakude lweSABC 1 iCastle Loud waphinde washayela uhlelo lwangezimpelasonto noRudeBoy Paul kwiYFM ngo-2002.
"Kwakunzima ngisaqala. Babengangithokozeli ngikwiTV futhi bengitshela ukuthi: 'Ungazenzi usiyazi uma usemoyeni.'"
Osaziwayo kule ndima bebelokhu beqaphele indlela aqhuba ngayo Unathi - abantu abafana no-Glen, Fresh, Bob Mabena nomkakhe uZandile Nzalo, RudeBoy Paul nesoka lakhe uDJ Thomas 'Bad Boy T' Msengana.
Oyisikhulu sezomculo kwiMetro uLeo Manne ukholwa wukuthi Unathi ngumuntu omfanele ngempela umsebenzi wakulesi siteshi.
Kungenzeka abe ngomunye wabanamakhono amangalisayo eGoli, kodwa ukuziphatha kwakhe emphakathini nokuziphatha kwakhe ekhaya yikho okufana ncamashi nenqubo yezinkolelo i-96.4 FM ezimele, kusho uManne.
"Into esemqoka kimina yindodana yami," kusho Unathi.
"Yebo, njengamanje sengisebenza esiteshini sokusakaza esisodwa noThomas, kodwa futhi asibonani njalo phakathi nesonto.
"Uhamba ekhaya ngo-4.30 ekuseni eyolungiselela uhlelo lwakhe lwasekuseni i-breakfast show mina ngihambe emva kwezikhathi zamalantshi sengiyohlangana noGlen.
"USinako uneminyaka emibili nohhafu, kimina uyikho konke ngaphezu kwazo zonke izinto," kusho Unathi.
"Ngenza konke ukuzinika isikhathi sami sokuba ngibe naye."
Nakuba Unathi esekugwemile ukuba sezintweni eziyindida iminyaka emihlanu ngesikhathi sodumo lwakhe kwiYFM, ukuya kwakhe kwiMetro sekumenze walandelwa abamaphepha eGoli.
Isibonelo salokhu kungenkathi kubikwa kwelinye iphepha langesonto ukuthi wabanjwa ngosuku lwamaLungelo abantu iHuman Rights Day emgwaqweni ehamba ngesivinini esingu-186km/h.
Wachazwa futhi njengomuntu owakhala izinyembezi ecela uxolo ukuze angaboshwa.
Imenenja yakhe uLupi Ngcayisa, wayichitha le mibiko njengombhedo.
"Yebo, wabanjwa ehamba ngejubane, kodwa hhayi ngo-186km/h."
"Uma ungacabanga Unathi ekhala ecela uxolo ngabe nawe uhlanya njengalo muntu owakhipha lolu daba ephepheni."
Unathi ukhula ngokukhulu ukushesha kulo nyaka, nokuyinto athi izobonakala nasemculweni wakhe.
Ukubhala nokuqoshwa kwe-albhamu yakhe yesibili esitebeleni sabeKalawa esiseMidrand kuyigxathu elikhulu kuleli bhizinisi lakhe lezikaqedisizungu njengokujoyina kwakhe isiteshi sokusakaza esidlala umculo we-pop.
"Ngizethemba kakhulu manje. Izingoma zami zizwakala kahle kanti namagama akuzona acace kahle.
"Ngithokozile. Kukhona izingoma ezisesitayeleni ezifana nethi Give Me My Heels kanti kukhona futhi nalezo ezinomlayezo.
Ingoma ethi Amadoda, ikhuluma ngamadoda angafuni ukukhula, aqamba amanga, angamagwala nafuna ukuhlala enabukeliswa njengezingane." [z]
Unathi unekhono lokusakaza
BONA ZULU - June 2007
Unathi noDJ Glen Lewis insizwa abambisene nayo ohlelweni lwabo.
