zulu.2200.arthur
BONA - August 2005
Impilo yosaziwayo noBONA
Sisekhaya no-Arthur
Nakuba eyivikela impilo yakhe yangasese, inkosi yomculo we-kwaito ikhombisa ukuba nobungani nokuphathana kahle...
indaba nguFORCE KHASHANE
izithombe nguPAPI MORAKE
KWAVULEKA umnyango wegaraji sazithola sesijamele izimoto ezimbili zohlobo oluphambili lwaseJalimane, amaBMW. Enye yawo ine-number plate ethi "Arthur," enye ithi "Cry 999."
Kuchaza ngokusobala ukuthi inkosi ye-kwaito isekhaya.
"U-Arthur akafuni ukuba abantu abaningi bazi lapho ehlala khona ngoba udinga isikhathi sokuba yedwa kanti futhi ungumuntu oyiqikelelayo impilo yakhe yangasese," kusho omunye wabasizi bakhe ngesikhathi esingenisa endlini.
"Ngiyanicela ningasho ukuthi uhlala kuphi."
Kwaba khona uhleko - wabe eseqhamukile u-Arthur Mafokate.
"Siyazama ukuyenza imfihlo indawo engihlala kuyo," kusho yena. "Kodwa uzomangala ukuthola ukuthi bangaki abantu abazi la ngihlala khona."
U-Arthur uhlala ndawana thile eMidrand. Ngaphandle kwale ndawo, kukhona nomunye umuzi awuphendulile wawenza istudyo sokuqopha - kwaba khona namagumbi okulala.
"Leyo ndawo ngeyalabo baculi abathanda ukusebenza ebusuku noma labo abangenazo izinto zokuya emakhaya emva kwama-shows asebusuku," kuchaza u-Arthur.
Cishe nsuku zonke uya ekhaya lakhe, aye estudyo nalapho kuhlala khona abazali bakhe nokuyindawo eseduze.
"Umama wami uyangiphekela ngakhoke kufanele ngiyolanda ukudla kuyena,"
kusho yena.
Umama wakhe uyazazi izidingo zokudla kuka-Arthur. "Ukudla kwami akufanele kube namafutha kakhulu noma ushukela ngoba ngiphathwa ama-ulcer," kusho yena.
Ukudla akuthandayo inkukhu ebilisiwe, ipapa, ubisi oluvuthiwe nama-scones. "Umama unguchwepheshe ekubhakeni amakhekhe. Uyazi ukuthi ngeke ngihlale isikhathi esingaphezu kwamasonto amabili ngaphandle kokudla ama-scones."
Ekhaya indawo ayithandayo u-Arthur ikamelo lakhe lokulala. "Iyona ndawo enhle engithanda ukuba kuyona," kusho yena. Kodwa akasivumelanga ukuba sithathe izithombe zekamelo lakhe ngisho nokulunguza ngaphakathi. Ekameleni lami akungeni noma ngubani kubandakanya nozakwethu," kusho yena.
Uma engekho ekameleni lakhe lokulala, uzomthola esendlini enkulu. Namuhla kudlala isigqi se-albhamu yakhe yakamuva ethi Sika Lekhekhe.
Kodwa okusithathe kakhulu yizithombe ezibaziweyo - zabesimame nezezingane.
Uzithola emaphaseji, obondeni nangaphansi kwamatafula abonisa okungaphansi kwengaphezulu lawo.
Sabala ezabesimame eziyisishiyagalolunye nezezingane eziyisikhombisa.
"Izingane yizona zingelosi zami ezingibhekile," kusho u-Arthur.
"Yinye kuphela inkunzi esibayeni, yimi," kusho inkosi yomculo we-kwaito.
Waphinde wasikhombisa izithombe ezibaziweyo ezimbili zabesimame abathwele izinkamba emakhanda.
"Ziyisikhumbuzo sokuthi abesimame babeyinakekela kanjani imindeni yabo ngokuyokha amanzi emfuleni."
Ekhuluma ngabesimame, namuhla u-Arthur uvakashelwe yindodakazi yakhe u-Owami ofana ncamashi nomama wakhe uQueen Sesoka.
"U-Owami uvamile ukungivakashela," kusho u-Arthur. Le ntombazanyana eneminyaka emithathu kuyacaca ukuthi iyasithokozela isikhathi esichitha noyise. Njengamanje yiyo esithathe indawo yokuphuzela (bar) esemzini kayise njengoba isibeke amathoyizi ayo phansi.
"Uyathanda uma sifakela imibala ezithombeni ndawonye," kusho u-Arthur. "Ukubukela izinhlelo zeYo-TV naye kunginika lokho kuphumula."
Ngokushesha u-Owami waqala wacula: "He's got the whole world in His hands..."
Nakuba emncane kangaka kodwa izwi lakhe lihle.
Ngaphandle kwezinhlelo zezingane noma uMuzi Wezinsizwa, ohlekisa u-Arthur, uyathanda futhi ukubuka ezemidlalo.
"Ngingumthandi wezemidlalo," kusho yena. Ubukela konke kusuka emjahweni wezimoto, amahhashi agxumayo kuya kwezokubhukuda, ikhilikithi, i-rugby nesibhakela.
"Kodwa ibhola yiwona mdlalo engiwuthandayo," kusho yena emamatheka.
Ngabe yiliphi iqembu olilandelayo"
U-Arthur waphefumulela phezulu wathi: "Sundowns, Kaizer Chiefs, Orlando Pirates iwona wonke. Phesheya kwezilwandle iBrazil yilona qembu lamazwe omhlaba engilithandayo."
U-Arthur uthe usehlise kakhulu, ikakhulu ngasekusebenziseni imali yakhe.
"Ngangithanda okubizayo ngichitha imali yami eningi ezingubeni zokugqoka. Kodwa konke lokho sekwashintsha. Ama-jeans izona zinto esengihlala ngizigqokile.
BONA - August 2005
BONA - August 2005
