zulu.2198.nations
UBenedict Vilakazi iBafana idlala owobungani neGermany.
NGO-JANUARY iBafana izobe idlala kwelinye lamadolobha amadala i-Alexandria eGibhithe emqhudelwaneni we-African Nations Cup.
Emva kokungena kulo mqhudelwano ngengcacamezela, iBafana isisethubeni lokubuyisa isithunzi ikhohlwe okwedlule.
Umqhudelwano weNations Cup eGibhithe usinika lelo thuba nakuba ochwepheshe bezemidlalo bengasiniki thuba…
Ngabe sizomangaza abaningi?
Lo mqhudelwano wamazwe angu-16 ase-Africa uqala ngomhlaka 20 January nokuyilapho kuyocaca khona ukuthi yiliphi izwe eliyinkunzi kuwona.
Amazwe amahlanu ase-Africa aphumelela ukungenela umqhudelwano weNdebe yoMhlaba azoba nobunzima ebhekene nezinye izinkunzi zase-Africa ezingeke ziye eJalimane - amazwe afana neCameroon, Nigeria neSenegal azobe efuna ukuziphindiselela kulo mqhudelwano, kanti izwe laseGibhithe lizoba sethubeni njengoba lo mqhudelwano udlalelwa ekhaya.
Kodwa iBafana ibe nenhlanhla yokuba kwi-group okungenzima kuyo - ngemidlalo yokuvula nokuyilapho kukhona amazwe afana noTunisia, Guinea neZambia - ababili abayokuba phezulu yibo abayodlulela kuma-quarter-finals.
Yonke imidlalo ku-Group C iyodlalelwa endaweni ethule yase-Alexandria engafani neyaseCairo. IBafana ibhekene nengcindezi yokuba yenze abalandeli bayo bayethembe nokuba ivuselele isithunzi sebhola laseSouth Africa.
Le midlalo yaseGibhithe izovulela nabadlali abasebasha ithuba lokuba bakwazi ukuzilungiselela eyeNdebe yoMhlaba ngo-2010.
UBONA usicubungulela amazwe amathathu iSouth Africa ezobe ibhekene nawo emzuliswaneni wokuqala:
indaba nguMARK GLEESON
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
Akekho owabeke phezulu amathuba eBafana eGibhithe, kodwa mhlawumbe izomangaza abaningi…
Yisikhathi sokuwina
Umqhudelwano we-African Nations Cup
Abakuleli bebongela iBafana idlala neBurkina Faso e-Ougadougou ngoSeptember 2005.
u
UTiti Camara waseGuinea ebanga ibhola no-Adel Chadly beno-Alaedsine Yahia baseTunisia.
ITunisia ingase ibe nobunzima njengoba izobe ingadlaleli ekhaya.
VS GUINEA (January 22)
IBafana kwakufanele idlale neGuinea emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngo-2002 eJapan naseSouth Korea, ngeshwa iGuinea yakhishwa yiFIFA kulo mqhudelwano emva kokuba uhulumeni waleliya lizwe ugxambukele ezindabeni zokuphathwa kwebhola kulelo lizwe.
Leso sinqumo sancisha iqembu laseGuinea ithuba lokuqala lokuhlungela eyeNdebe yoMhlaba. Iningi lalabo badlali lisekhona ngaphansi komqeqeshi waseFrance uPatrice Neveu.
Abaningi balaba badlali baseGuinea lidlala emazweni aseFrance ngaphansi kweLigue 1 nokuyilapho beyizihlabani khona. Ukapteni Puascal Feinduono nomdlali wasesiswini uFode Mansare ngabanye babadlali abashaya amagoli kule Ligi.
IGuinea yaphumelela ukuhlungelwa imidlalo yeNations Cup ngokulala isithathu kuleyo group ilandela iTunisia neMorocco yehlula iBotswana, Kenya neMalawi.
VS ZAMBIA (January 31)
Iqembu laseZambia liyazi kahle iBafana ngoba iningi labadlali bayo (iZambia) lidlala kwiPremier Soccer League. Kodwa okuyothatha abaningi kakhulu wukubona loyo owayedlalela iKaizer Chiefs uCollins Mbesuma esebhekene nabadlali basemumva beBafana Bafana.
U“Ntofo Ntofo” akakaze alidlalele izwe lakhe lapho lidlala neBafana Bafana. Njengoba kumanje edlalela iPortsmouth yaseNgilandi, abalandeli bazobe befuna ukumbona ukuthi uqhuba kanjani.
IZambia eqeqeshwa ngowake waba yi-African Footballer Of The Year uKalusha Bwalya, yagcina ukudlala neBafana Bafana ngo-2005 kuma-semi-finals eCosafa Castle Cup, nokuyilapho uStuart Baxter wazihlanganisela iqembu elalingathenjwa muntu kodwa labambana neZambia nge-draw ka-2-2 kwayiwa kumaphenathi nokuyilapho lehlulwa khona.
IZambia neBafana sebedlale ndawonye izikhathi eziyisishiyagalolunye phambilini baphumelela cishe ngokulinganayo. Womabili lamazwe asawina kabili adlala ngokulingana kahlanu. Lokhu kuzobe kungokokuqala edlala emqhudelwaneni weNations Cup ndawonye.
IZambia idlala neBafana eMmabatho ngo-August.
VS TUNISIA (January 26)
Izwe laseTunisia yilo elingompetha balo mqhudelwano njengoba owokugcina wawubanjelwe kulona lelo lizwe. Manje njengoba lingadlaleli ekhaya ngeke kube lula nakuba leli lizwe selike langenela imidlalo yeNdebe yoMhlaba izikhathi ezintathu zilandelana.
Umqeqeshi waseFrance uRoger Lemerre uhlanganise isikimu esiqinile sabadlali asebemnkantshubomvu.
ITunisia yaphumelela kalula ukungenela imidlalo yeNations Cup kodwa yaba nobunzima ekuzitholeleni indawo emidlalweni yaseJalimane ukwedlula iMorocco emva kwe-draw ka-2-2 ngo-October.
ITunisia neBafana Bafana badlala ngo-1996 kwifayineli yeNations Cup – nokuyilapho iBafana yawina ngo-2-0 – baphinda futhi emdlalweni wendebe yethusi kumafayineli ka-2002 e-Accra - emdlalweni owaphela nge-draw ka-2-2 kodwa yawina futhi lapho sekukhahlelwa amaphenathi.
Leli qembu selike ladlala imidlalo yobungani emibili eTunis esikhathini esedlule nokuyilapho amaqembu womabili awina kanye.[z]
UHartem Trabelsi waseTunisia ngesikhathi bedlala neGermany.
U-Elrio van Heerden edlalela izwe lakhe iSouth Africa.
