zulu.2192.parenting
Umhlahlandlela
wabazali ekwenzeni izinto kahle
BONA ZULU - December 2006
Okomama
nobaba....
Ngabe
ngiyasikwa"
Uma uqala ukuthola umntwana, ukubeletha iyonanto ekukhathazayo. Ngabe ungakwazi ukubona uma usikwa"
AYIKHO indlela yokubona uma ususikwa, kodwa kukhona izimpawu ozozibona emzimbeni wakho eziyinkomba yokuthi usuyasikwa...
Ukusikwa-mbumbulu
Izinhlungu ozizwa kulolu hlobo lokusikwa zifana nezesilumo. Nakuba kuba yizinhlungu ezingemandla kakhulu, omama abasuke beqala ukuthola abantwana bangacabanga ukuthi sebesikwa ngempela. Lezi zinhlungu uzozizwa amasonto ambalwa ngaphambi kokusikwa. Zithatha imizuzu embalwa kanti ziyaziphelela.
Lezi zinhlungu zisiza ngokuthambisa umlomo wesibeletho ukuze ulungele ukusikwa. Zingaqala phansi lapho sekusondele isikhathi sokubeletha. Uma zimandla kakhulu, zithatha isikhathi eside zikuxina eduze, kungenzeka ukuthi usuyasikwa.
Ukungena kwengane kwesingezansi
Ngesikhathi ingane ilungela ukuzalwa, ikhanda layo lingena kwesingezansi. Uzozwa sengathi kunomthwalo okhona kwesingezansi okuchaza ukuthi sekuseduze ukuthi ubelethe.
Injimbilili
Uma usikwa, umlomo wesibeletho uyavuleka kancane. Injimbilili eba semlomeni wesibeletho uma ukhulelwe iyathamba iphume. Usuke usuzosikwa uma ubona lolu phawu.
Ukuqhuma kwamanzi
Uma kuqhuma amanzi, kuphuma uketshezi esithweni sakho sangasese. Lolu ketshezi luphuma esikhwameni esivikela sondle ingane uma ukhulelwe. La manzi aphuma ngaphambi noma emva kokusikwa. Ukuphuma kwawo kuwuphawu lokubeletha.
Isikhathi sokuya esibhedlela
Lalela umzimba wakho, uma ukusikwa kumandla kakhulu, sekuyisikhathi sokuya esibhedlela.
Kodwa uma wake waba nenkinga esikhathini esidlule, bonana nodokotela ngokushesha uma ungaphathekile kahle noma usola ukuthi kukhona okungalungile.
nguNONHLANHLA KHUMALO
Ihlobo limnandi ikakhulu ezinganeni ngoba zithola ithuba lokudlala phandle elangeni. Kodwa imisebe yelanga eyingozi ingaba yinkinga emndenini wakho. Vikela umndeni wakho elangeni ngaleli hlobo...
u Sebenzisa i-sunscreen: Akusho lutho ukuthi unesikhumba esinjani. Ilanga lingakushisa uma uhlala isikhathi eside kulona. Ama-sunscreen nokokuvikela isikhumba elangeni okwenzelwe izingane nabadala kutholakala emakhemisi nasemasuphamakethe ezweni lonke.
u Qiniseka ukuthi izingane zakho ziphuza amanzi: Izingane zingaphelelwa amanzi emzimbeni zizwele ukushisa ngokushesha. Ziphuzise amanzi. Lokho kugwema ukuphela kwawo emzimbeni zingakhathali.
u Mazingahlali isikhathi eside elangeni: Isikhumba singasha uma uhlala isikhathi eside elangeni kuphele namanzi emzimbeni. Khumbuza izingane ukuba zingene endlini zidle zithole nokuphuzwayo. Ingane encane kakhulu akufanele ihlale elangeni ngoba izingane azikwazi ukulawula ukushisa kwemizimba yazo.
u Yigqokise okuhambisana nesimo sezulu: Yigqokise izimpahla zikakotini ezipholile. Thenga izigqoko zelanga ingane ezozigqoka uma ilanga lishisa.
Ikhanda lengane
elangeni
Zivikele
UQWEQWE OKHAKHAYINI lujwayelekile ezinganeni. Iningi lo mama liyakhathazeka uma libona lolu qweqwe. Ungakhathazeki ngoba alusiyo ingozi.
Uqweqwe ludalwa wuketshezi olusawoyela olubizwa nge-sebum, olugcina isikhumba sengane siphila kahle. Ezinganeni lo woyela ukhiqizeka kakhulu kudaleke uqweqwe.
Lolu qweqwe luba yizingqweqwe eziwugqinsi esikhumbeni noma lubukeke njengenkwethu. Alugcwali kulo lonke ikhanda kodwa kokunye luyagcwala.
Ukugcoba okokuthambisa isikhumba kungasiza kule nkinga. Gcoba u-vaselina noma i-olive oil ekhanda kusihlwa ingane ihlale nalokhu ubusuku bonke. Yigeze nge-shampoo ekuseni, uyisule ngethawula ukame izinwele zayo ukuze kuxebuke izingqweqwe. Ungalihlikihli ikhanda ngoba kuzoba buhlungu kube nezilonda. Qhubeka nalokhu kuze kuphele uqweqwe.
Ukubonana nodokotela:
n Uma lolu qweqwe lubonakala nasesiphongweni enganeni kungenzeka lube wuphawu lokuqubuka okudinga ukwelashwa.
n Olunye uqweqwe okufanele ulusukumele yilolo olungasuki kalula olusabalala nakwezinye izingxenye zomzimba, lube bomvu lube yizilonda.
Ungakhathazeki uma ingane inoqweqwe ekhanda - lujwayelekile
BONA ZULU - December 2006
t
Ukutshabuka
Uzobona kalula uma ingane itshabukile ngoba itshabuka ezinqeni kuphela. Uma itshabukile isikhumba siba bomvu sonakale. Lokhu kudalwa wumchamo omanzisa inabukeni osuke une-ammonia encinza isikhumba sengane esizwelayo.
Uma ingane ihlala nenabukeni elimanzi isikhathi eside, isikhumba sayo sizoba nomchamo ongazwani nesikhumba. Ukushintsha inabukeni ugcobe nokhilimu ezinqeni kungasiza ekutshabukeni.
Uma ingane ingakutholanga ukwelashwa, ukutshabuka kungadala amagciwane. Bonana nodokotela uma kungapheli.
Ukuqubukiswa wukushisa
Izingane azikwazi ukulawula ukushisa komzimba. Ingane ithembe wena ukuthi uzoyigqokisa ifudumale uma kubanda, uyipholise uma kushisa.
Uma isikhumba sengane sishisa kakhulu kungabonakala amaqhubu amancane abomvu ebusweni nasemzimbeni. Uma ingane iqubukile, yikhumule izimpahla ezifudumalayo.
Ukuqubuka akusiyo ingozi kodwa zama ukuyipholisa ingane ngoba ingaba ne-heat stroke eyingozi ezinganeni.
Utwayi
Uma ingane inotwayi luhlasela ebusweni, emadolweni nasezindololwaneni. Ingane iyanwaya ngoba kusuke kubaba kanti ingatetema.
Wukudla namagciwane esiwathola ezindaweni esihlala kuzona okuba yimbangela yotwayi.
Ungathengela ingane ipheya lokubizwa ngama-scratch mitts ukuze isikhumba singaklayeki ngesikhathi inwaya.
Udokotela ongasiza kulolu hlobo lokuqubuka.
Ukubonana nodokotela
Ukuqubuka akunankinga uma ingane iphila kahle ingaphethwe esinye isifo. Kusemqoka ukubonana nodokotela noma uye emtholampilo uma ukuqubuka kuhambisana nemfiva nokunye ukugula.
BONA ZULU - December 2006
Qeda
ukuqubuka
Ayikho into enhle njengesikhumba sengane esithambile. Nakuba sithambile, siyazwela kanti singaqubuka sibe namabala kalula. Kokunye lezi zinto esizibalile zisuke zingesiyo ingozi, kodwa kungenzeka zibe wuphawu lwezifo zabantwana ezijwayelekile...
Okomama
nobaba....
u
BONA - September 2006
t
Thenga njengochwepheshe
UKhisimusi usufikile kanti bonke abantu baphuthuma ezitolo ukuyothenga izipho. Ukuhlela kahle uma uyothenga kungakusiza ugweme nokukhandleka okuvame ukuhambisana nalesi sikhathi sonyaka. Nakhu ongakwenza...
Shesha uqale: Bhala okudingwa ngumndeni wakho, uthenge izipho zakho manje!
Shiya izingane ekhaya: Iningi lezingane aliphatheki kahle uma liphakathi kwabantu abaningi. Yazi osayizi bezimpahla zezingane noma iminyaka yazo ukuze kusheshe.
lUngayiphathi imali: Amakhadi asebhange asesetshenziswa njengokheshi. Lawa makhadi akongela isikhathi kodwa zikhona izindleko zebhange ozozikhokha ngokuwasebenzisa, aphephile kunokuphatha imali.
Ungachithi imali eningi: Izingane ezincane azinandaba nokuthi okuthengile kubize malini. Ungathola izingubo namathoyizi ngemali encane ezitolo eziningi.[z]
Barney plush toys no-chocolate,
kubiza R29,95 kukunye
kwaWoolworths.
Okomama
nobaba....
Barbie Sports Bag with gums and lollies kwakaWoolworths, R29,95.
BONA - September 2006
