zulu.2190.yourlifeguide_positive
SICABANGA SIPHINDE SIKHULUME NGEMPILO
UCriselda Kananda usisiza sazi kabanzi ngeHIV/AIDS asikhombise singaphila kanjani ngokwethemba - ukuze siphile!
NgiYAkholelwa emandleni okwelapheka ngokwemicabango emihle. Eminyakeni eyedlule ngithola ukuthi ngine-HIV ngaphatheka kabi ngangazi ukuthi ngenzenjani. Ngani? Ngoba ngangicabanga ukuthi iHIV uyithola uma uxegelwa yisimilo uya ocansini nabantu abehlukene. Ngaleso sikhathi ngangikholelwa ekutheni iHIV ngeke ngiyithole ngoba ngishadile nginomuntu oyedwa.
Ngangigxeka owayengumyeni wami ngokungithelela. Ukwesaba enganginakho kwakufana nobuthi empilweni yami. Ngaze ngafisa ukuthi umyeni wami kube nguye obulawa yilesi sifo, hhayi mina. Kwangithatha izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokubona ukuthi ukwesaba akungenzeli lutho oluhle kodwa yikhona okungibulala kakhulu.
Ngaze ngakwamukela ukuthi umyeni wami akangiphoqanga ukuthi ngishade naye, nokuthi ngakujabulela ukuba nengane yakhe ngaphambi kokuhlolela igciwane. Ngibonga uNKULUNKULU ngokungiKhipha ebunzimeni, ngafunda ukuzixolela ngaqala ngashintsha impilo yami ngayenza ngcono.
Ngaqala ngafunda ngezindlela zokuzelapha ngokuphila ngethemba ngaqhubeka nokuphila kahle ngenjabulo okuyinto nawe ongayenza! Zintathu izindlela zokuzelapha engangizilandela nokudingeka ukuba uzisebenzise ukuze ubone ukusebenza kwazo okuhle. Yilezi: ukucabanga ngokwakhayo, ukubona kanye nokuzwa ngokwemizwa. Lokhu kuchaza ukuthi uma ukucabanga futhi ukukhuluma, uqala ukukholelwa kukhona kuyenzeka. Ngaqale:
Ngacabanga ngokwakhayo
Ngabona ukukhanya, nezinto ezakhayo
Ngazizwa ngiphilile, ngijabule nginomdlandla. Ngaphambi kokuthi uqale lokhu kuzivivinya kudingeka wenze uhlu lwamagama akuphilisayo akwenza uhlale ujabulile, akwakhayo. Ungakhetha kulawa magama alandelayo achaza ukujabula kwakho. Isibonelo samagama ongawasebenzisa: ukuphila, ubuhle, ukwakheka ngaphakathi, umdlandla, ukukhululeka, ukubonga, ukuphila kahle, ugqozi, injabulo, umusa, uthando, umculo, iziqalo ezintsha, yithemba, ukuceba, ukubaluleka, ukuthemba, ukufaneleka, ukuzazi, ubusha, ukubonisa injabulo.
UKUCABANGA OKUPHILISAYO
Ngoba sengikunikile izindlela, zihlanganisele amagama akho angakusiza. Wasebenzise. Cabanga ngawo, ukhulume ngawo, ubhale
ngawo. Uphuphe ngawo. Umuntu ubayilokho akucabangayo.
UKUBUKA NOKUZWA NGEMIZWA
Ukubuka nokuzwa ngemizwa yizindlela ezimbili ezihambisanayo. Uma ucabanga ukukhanya, nezinto eziphilisayo ugcina uzizwa sengathi uqhakazile nawe. Amandla okukhanya agijima kuwena. Uphefumula okuhle ukhiphe okubi. Uphila ngokuhlale ujabulile. Konke kwenzeka ngendlela efanayo nephilisayo. Kusenza sizizwe singenathemba kusivimbele ukuba sibe nokuthula. Lokhu kubeka amasosha omzimba ekukhathazekeni okukhulu nokuyinto engayilungele imizimba yethu. Ukwenza lokhu kungathatha isikhathi, ngakhoke kungcono usheshe ukuqale. Ngeke uziphoqe ukuba ujabule, kodwa ungakukhetha ukujabula nokuphila kahle. Ungakwenza! [z]
I-CD KA-CRISELDA
UCriselda Kananda ngumama oyisishoshovu ngokwezempilo nongumethuli wohlelo kwiMetro-FM onothando lokuletha ithemba kulabo asebe-HIV-positive ngokucobelelana nathi ngasedlule kukhona yena uqobo.
KwiCD yakhe iPositive Talk ukhuluma ngokubaluleka kokwazi isimo sempilo yakho, achaze amatemu ezokwelapha aqondene ne-HIV/AIDS asibonise nezindlela zokubhekana nalesi simo. Kule CD kunengoma iBeautiful Woman ekhuthaza ituse ubuhle bangaphakathi.
Le CD iyatholakala ezitolo zakwaReliable ezweni lonkana.
Ngolunye ulwazi xhumana noCriselda: info@positivetalk.co.za; i-fax: 086-617-5480; Website: positivetalkservices.co.za.
PHILA NGETHEMBA
