zulu.1154.hair
1
BONA ZULU – May 2008
UKUNAKEKELWAKWEZINWELE
Gqama
ubukeke!
Zenze ubukeke njengesihlabani usekhaya – UFAITH SEUOE usikhombisa ukuthi lokho singakwenza kanjani...
AKEKHO owesimame ongakuthandi ukubukeka kahle ikakhulu emicimbini - ngisho ngabe isemshadweni womngani noma iphathi nokuyinto ekunika umuzwa wezihlabani wokuhamba kwi-red carpet.
UBONA ukhethe izitayela ezintathu eziphuma phambili zezihlabani ezaziphendula amakhanda kumaStars Of Mzansi.
Landela nanku umhlahlandlela wethu ukuze nawe uphendule amakhanda. . .
1. Isitayela sikaKedibone
Kulesi sitayela uKedibone Mkhabela wengeza ubuhle ngokuthaka ama-braid amancane nama-extensions amade. Amanye ama-extensions enziwe ahamba ngasebusweni ekubeni amanye enziwe aya kwi-crown.
OKUDINGAYO: Faka i-sheen spray nama-hairpin azohambisana nombala wezinwele zakho.
INDLELA YOKWENZA: Ama-braid angaphambili, wenze ahambe emaceleni bese uwabamba ngo-pin. Shiya ambalwa ezilengela ukuze ube nalokho kubukeka kwendalo. Afuthe nge-oil sheen ubukeke njengesihlabani!
2. Esika-KB
UKB Motsilanyane usikhombisa ukuthi ungabukeka kanjani uma ufuna ukushintsha ubude bezinwele zakho nombala - nokuyinto ongayenza okwesikhashana.
OKUDINGAYO: Uma unezinwele ezinde kungcono uthenge i-wig emfishane njengoba kwenza uKB noma uye kuchwepheshe wezinwele owaziwayo ukuze akufakele i-human hair, azinqume azenze nesitayela osifunayo.
INDLELA YOKWENZA: Uma uthenga iwigi, cela oyi-sales assistant akusize ukuze ibukeke njengezinwele zangempela.
3. Isitayela sika-Uyanda
U-Uyanda Mbuli lesi sitayela usikhethe ngoba silula sibukeka kahle. Lokhu kungenzeka nasezinweleni ezimfishane (ngokuba namasingili amancane alukelwe ezinweleni zakho njengoba kwenza u-Uyanda).
OKUDINGAYO: Zibambe ngama-hairpin azohambisana nombala wazo ne-sheen spray. Uma wenza okwezinwele ezinde noma ezeluliwe ezingama-extension aqondile - qiniseka ukuthi kufana nombala wezinwele.
INDLELA YOKWENZA: Zifake i-shampoo, uziswakamise. Zibophe zibe yigoda. Uma unezinwele ezeluliwe, zixhume ama-extension.
Zibophe zibe yi-bun uzisekele ngo-pin. Zifuthe kancane nge-holding spray ukuze zibe sendaweni efanele bese uzifutha nge-oil sheen ukuze zicwebezele.[z]
IZITHOMBE NGU-ANDREA CALDWELL
2
3
BONA ZULU – May 2008
