zulu.2183.Health
Ezempilo
IQINISO:
Yazisa umndeni wakho
Ngosuku lweMindeni mhlaka
17 April yiba ngomunye wabaseSouth Africa abazobe besazi isimo sabo mayelana neHIV nokuthi bazolutholaphi usizo.
NgokukaScott Billy ongumeluleki eNew Start, kunezindaba ezinhle ezitholakale kwiNelson Mandela Survey yakamumva. Ngokwalolo cwaningo, bangu-30 percent abantu asebehloliwe uma uqhathanisa no-19 percent wabahlolwa eminyakeni emithathu edlule, kanti u-79 percent usuyazi ukuthi ungaya kuphi uma ufuna ukuhlolwa nokwelulekwa uma uqhathanisa no-61 percent.
Izikhungo zeNew Start eziseGoli, eCape Town naseThekwini azidingi ukuba ubekise indawo uma uzozivakashela kanti zivulwa ngoMsombuluko kuze kube nguMgqibelo. Shayela ku-011-333-6868, noma uvakashele lamaWebsites: www.newstart.co.za noma www.aidsinfo.co.za
BONA ZULU - April 2006
Zivocavoce ngokuphepha
Sonke sithanda ukusheshe sibone imiphumela kwesikwenzayo kodwa ukuzivocavoca emva kokuhlaba ikhefu kungakulimaza uma uthatha ngamawala.
Lokho kungenxa yokuthi imisipha isheshe ijwayele kunamalungu omzimba noma imithambo ngokukachwepheshe oseHarvard Medical School. Kuthatha amasonto nezinyanga ukuthi kukhuphuke ubukhulu namandla alezi zinto ngakhoke qala ngokwenza okulula uma uzivocavoca.
Khumbula ukuthi kusuke kukhona okungahambi kahle uma uvuvukala noma kuqaqamba! Gwema ukuzivocavoca ngaleso sikhathi ubekezele. [z]
Uma kwelulwa imithambo yegazi emuntwini, ingamboza i- equator ngokuphindwe kane.
Hlala uphilile ngezeluleko zikaPatricia McCracken
IQINISO:
GREAT STOCK!
Babange phezulu
Uma imiqondo yezingane ezifunda eSun Valley Primary eKapa isikhathele, ziyaphuma zihambe zibuye sezinomdlandla sezilungele ukuqhubeka zifunde - ngokukaGavin Keller onguthishanhloko. Lesi sikole sisizwa wuhambo olubandakanya imidlalo evuselela ukusebenza kobuchopho izingane zigxile ezifundweni zazo ziphase kahle.
Sithatha
amanyathelo angu-
8 000 ngosuku.
'Izinyawo zami zivuvukele'
Uma usuku lushona usuvuvukele izinyawo namaqakala kungenzeka ukuthi unesifo esibizwa nge-oedema. Odokotela bayinike lelo gama inkinga yokugcina komzimba amanzi nokuyinto engenzeka kwabane-high blood pressure, ushukela noma ukungaphakeleki kwegazi emzimbeni. Vakashela emtholampilo noma kudokotela uma ukuvuvukala kungapheli.
Nakhu ongazenzela kona:
n Yehlisa izinga likasawoti ekudleni ngoba wenza ukuthi umzimba ugcine amanzi.
n Phuza amanzi kakhulu.
n Hlala uphakamise imilenze uyisekele ngama-cushion noma ngama-pillow.
n Thenga amasokisi akuphatha kahle uma kudingeka ukuba ume isikhathi eside.
n Cela udokotela wakho akuhlolele imithi yakho ngoba nayo kuyenzeka ikuvuvukalise.
n Uma ukuvuvukala kuhambisana nokunqamukelana komoya, ukukhuluphala noma ukonakala kwesikhumba, phuthuma kudokotela noma emtholampilo.
- nguSamantha Scott
BONA - August 2005
