zulu.2178.stuntman
Umlisa wesibhaxu
Abantu bakithi
U-Sensei Thulani udlala izindawo eziyingozi ezithombeni, kanti kumanje usefundisa abanye ukwenza lo msebenzi oyingozi wokulwa
indaba nguMCEBISI ZULU
(izithombe zithathwe kwezika-Sensei Thulani)
U-SENSEI Thulani Ndlovu nguye owasungula iDimensional Stunt School eCape Town, nokuyisikole sokuqala ngqa e-Africa esigunyazelwe ukuqeqeshela ukudlala izindawo eziyingozi emafilimini.
Ukuzibandakanya kwakhe ezindaweni ezineziqhumane nokuliwa kuzo kwaqala enza unyaka wesithathu we-national diploma yakhe (yokuba ngumdlali wezobuciko) ayeyenza eNatal Technikon. Ngaleso sikhathi wayesevele engumdansi futhi esebe ngushampeni waseNatal izikhathi ezintathu kwi-kyokushinkai karate (kwezomkhalambazo).
Esenza umdanso wahambela emazweni aphesheya afana neGermany ne-India ngaphansi kwezinhlelo zamazwe zokucobelelana ulwazi nokuyinto eyamzuzisa esikhulu isipiliyoni ngakwezobuciko.
Kwathi ngo-1994, wahambisa iCV yakhe ku-John Stead, ongumdidiyeli wefilimu eluchunge kwiTV iSinbad TV, eyayithwetshulelwa kuleli ngaleso sikhathi.
UNdlovu bamqasha waqala lapho-ke ukuzibonakalisa kwezamafilimu nakwezemidlalo yeTV ikakhulu emidlalweni ekhombisa izinto eziyingozi.
ENYE yezinto eziyinselelo kakhulu ngokuba ngumlingisi wezindawo eziyingozi, wukuba uzenze lezi zindawo uphindelela.
Lokhu kudinga kokubili - ukuba ngumqemane ngokomzimba nokuba nekhono ekudlaleni. U-Sensei Thulani unakho kokubili kanti kuze kube yimanje usebonakale kumafilimu nasemidlalweni yeTV engaphezu kwengu-30, edlala izindawo ezithile eziyingozi noma engumdansi.
Kule midlalo namafilimu singabala iLord Of War (okwakukhona kuyo uNicolas Cage), King Solomon’s Mines (enoPatrick Swayze), Forgiveness (eno-Arnold Vosloo), Pirates Of The Plains (Tim Curry) namanye amaningi.
Enye yakamumva asanda kuzibandakanya kuyona ngethi Goodbye Bafana emayelana noNelson Mandela, nethi Spoon egxile kakhulu ekubhekeni umonakalo wobugebengu kubantu baseSouth Africa.
Namuhla iningi lophrojusa likhetha ukuthwebula amafilimu alo eSouth Africa, ikakhulu endaweni yaseCape Town kunakwamanye amazwe.
Izizathu zalokhu wukuthi khona ehlobo izinsuku zinde, isibhakabhaka sisuke sikhanya bha nezindawo zokulala zisuke zibiza kancane ekubeni nendawo yakhona yinhle - izintaba, ulwandle, amabhishi, izivande zewayini nezakhiwo zezitayela ezehlukene.
NGENXA yalokhu, sekunesikhulu isidingo salabo abaqeqeshelwe ukudlala izindawo eziyingozi, kodwa futhi ngokwakhe u-Sensei Thulani uthi imizamo yokuphumelelisa lokhu yayingenele wabona kunesikhulu isidingo sokwakhiwa kwesikole sokuqeqeshelwa lo msebenzi ezinhlakeni zobuciko obehlukene.
Ephawula ngaleli thuba, wazibophezela ngokwakhe ekusungulweni kwesikole salolu hlobo iDimensional Stunt School eyavulwa ngonyaka ka-2002.
Lesi sikole sihlose ukunika labo abanekhono abangumqemane ngokomzimba ababesezindaweni ezazingenamathuba phambilini, ubuciko obusezingeni eliphezulu kulo msebenzi ukuze bakwazi ukuzibandakanya embonini yezamafilimu neyemidlalo yeTV.
“Siyishayela elikhulu ihlombe imizamo yeDimensional Stunt School yokuhlangabezana nalesi sidingo esinqala ngakwezobuciko,” kusho uMartin Cuff wabeCape Film Commission.
Abafundi bathola ukuqeqeshwa amasonto angu-12 ngezindlela ezehlukene zokudlala izindawo eziyingozi, izindlela zokuphepha, ukukwazi ukusebenzisana nozakwenu, ukuziphatha lapho senidlala, izindlela zokugingqika, ezokulwa nezokuphatha izikhali ngendlela ephephile.
Indlela abaphatha ngayo u-Sensei Thulani abanye abafundi lapho beziqeqesha ingeyobungani, ayesabisi - kodwa inzima futhi iyingozi. Ungaphezu komqeqeshi; kubona uyisibonelo esihle nomuntu obakhuthazayo.
Uzichaza njengo “baba wekhaya” kanti umdlandla wakhe nomfutho uthi kungenxa yokwesekwa ngunkosikazi wakhe abambisene naye futhi kwezamabhizinisi uMalika.
“Umzimba ngiwubona uyithempeli,” kusho yena. “Iyona ndlela esizwakalisa ngayo okungaphakathi kwethu nokuyiyonanto wonke umuntu ayiqonda kahle.” Akwethusike ukuthi kungani akhetha ukusebenza ngale ndlela nokuba akwazi ukudlulisela lokhu kwabanye ngethemba lokuthi nabo bazokwazi ukukwedlulisela kwabanye.[z]
BONA ZULU – December 2006
KWESOBUNXELE: U-Sensei Thulani esemsebenzini kuqoshwa i-movie.
BONA ZULU – December 2006
NGENHLA: U-Sensei enomkakhe abambisene naye kwezamabhizinisi uMalika nomndeni wabo.
KWESOBUNXELE: Ukuba ngumdlali wezindawo eziyingozi kusho ukuthi nguwe ohlale ushaywa, kodwa ngikholwa ukuthi uThulani akusiye umuntu ongathanda ukuba ulwe naye.
