zulu.2177.soccer
10 abaphambili
Baqaphele!
Amathalente amasha ebholeni lakuleli…
KUNOMA iyiphi isizini kuye kuqhamuke izihlabani ezintsha kwiPSL. Abanye bayaphumelela kanti abanye babuye bangabonakali emva kwempumelelo abaqale bayikhombisa.
Kodwa okumanje laba basenza ezibukwayo kwiligi bethokozisa abathandi bebhola ezweni lonkana…
NAZEER ALLIE
Ajax Cape Town
l Lo mdlali uneminyaka engu-21 wakhombisa elikhulu ikhono ngesizini yakhe yokuqala kuPSL.
U-Allie sekuphele cishe iminyaka emibili edlala eqenjini lokuqala kuleli qembu.
Kodwa kusanda kwenzeka ukuba lo mdlali adlaliswe njalo kanti ikhono lakhe yilo elamenza wadlala eqenjini laseSA labadlali beminyaka engaphansi kwengu-20.
“Ngike ngahlushwa wukulimala kumasizini amabili edlule kodwa manje sengiluleme kanti nomqeqeshi uyangethemba,” kusho u-Allie.
MARCOS DE JESUS
Wits University
l Lo mdlali ube negalelo elikhulu ekubekeni leli qembu leWits ezingeni lomqhudelwano wokugaqela isicoco sePSL.
U-De Jesus watholwa yileli qembu ngesikhathi efika evakashele lapha eSouth Africa neqembu lakhe i-CA Guacuano.
Uneminyaka engu-24 kanti emapalini uyingozi ngekhanda.
“Isipiliyoni engisitholayo sibalulekile ekuzithuthukiseni,” kusho lo mdlali waseSao Simao eBrazil ongalibheki ipali.
TSEPO MASILELA
Benoni Premier United
l Ikhono lalo mdlali oneminyaka engu-21 laqala ukuba ligqame engakadlali ngisho nakwiPSL ngo-August.
Wadlalela iSA kwabeminyaka engaphansi kwengu-23 waphinde wabizelwa esikwateni esikhulu ngesikhathi uTed Dumitru ememezela isikwata sakhe esasingathenjwa emidlalweni ye-African Nations Cup e-Egypt ngo-2006.
UMasilela waba ngumdlali wesibili kuphela ukuba aqokelwe esikwateni esikhulu ekubeni edlala kumaligi aphansi. Ukuzimisela kwakhe kuzokhuthazeka kakhulu njengoba iBenoni United isikhushulelwe esigabeni sePSL.
TEKO MODISE
SuperSport United
l Lo mdlali oneminyaka engu-24 odlala ezimpikweni ungomunye wabadlali abanekhono abazibonakalisile kwiPSL ngale sizini.
UModise ukwazile ukukhombisa ikhono lakhe elimangalisayo kwiPSL esuka kuMvela nokuyilapho ashaya amagoli angu-15 ewashayela iCity Pillars ngesizini edlule.
Le nsizwa eliqhamukisa eMeadowlands eSoweto, ithi kuyayimangaza ukuthi ikwazile ukuba isheshe ijwayele kalula kwiPSL. “Ngangicabanga ukuthi kuzoba yinto enzima,” kusho yena.
KAIZER MOTAUNG JUNIOR
Kaizer Chiefs
l U “Junior” Motaung oneminyaka engu-25 unengcindezi enkulu ephezu kwakhe njengoba abaningi bemqhathanisa nempumelelo kayise ongumnini nomsunguli waleli qembu owazakhela elikhulu igama emdlalweni webhola.
Kumthathe isikhathi ukuba agqame kusukela emdlalweni wakhe wokuqala bedlala neZulu Royals ngo-2004, kodwa ikhono alikhombisile kule sizini yakamumva likhombise enkulu intuthuko.
Uthe okumkhuthazayo nokumfaka ugqozi wukuzithoba kukayise: “Ngithanda ukuzithoba kwakhe nenhlonipho anayo kwabanye abantu kanti nami ngiyazama ukuncinda ekukhalipheni komqondo wakhe.”
DENNIS ONYANGO
SuperSport United
l Umqeqeshi uMosimane wahamba walibangisa e-East Africa ukuyobuka i-Uganda idlala ngaphambi kokuba athenge lo mdlali oneminyaka engu-21.
Okuxakayo wukuthi owayengumqeqeshi wePirates uMilutin Srejodevic nguye owathola lo mdlali osemncane ngesikhathi esaqeqesha iSC Villa e-Uganda.
U-Onyango uthi ukudlala kwakhe kwiPSL kwaba yisinyathelo esikhulu ezinhlosweni zakhe. “Ngiyathokoza ukusebenzisana noMasimane ngoba lokho kuzongisiza ekungibekeni kwelinye izinga,” kusho yena.
WALTER RAMULONDI
Black Leopards
Bambalwa abadlali abawashaya ngempela amagoli abasaqhamukile kwiPSL kule minyaka embalwa eyedlule - uRamulondi oneminyaka engu-23 ungomunye wabo.
Irekhodi lakhe lokushaya amagoli kumaligi asemazingeni aphansi nokuyilapho adlalela amakilabhu ama-amisha iZwigodini Real Vultures neMokopane FC ngaphambi kokuba aye kwiLeopards, lihle kakhulu.
Owayengumqeqeshi weLidoda Duvha uMlungisi Ngubane wamfaka eqenjini lakhe aqala ngalo umdlalo ngesizini yakhe yokuqala, kanti naye uRamulondi uthi uzimisele ngokwenza izimanga: “Ngifuna ukuba yingxenye yeBafana Bafana ngemidlalo yeWorld Cup ka-2010 bese emva kwalokho ngiyodlala eNgilandi.”
ELEAZOR ROGERS
Santos
URogers waqala umsebenzi wakhe wokudlala ibhola kumaligi asemazingeni aphansi eMitchell’s Plain, kanti kumanje nguye osethathe indawo yesihlabani esingu-Jean-Marc Ithier, okumanje usengumsizi womqeqeshi kwiSantos.
U-Ithier uthi lo mdlali oneminyaka engu-22 unekhono elimangalisayo ekushayeni amagoli njengoba naye enza esadlala kwiSantos.
“Nguye osekulungele ukuhamba ezinyathelweni zami,” kusho u-Ithier.
URogers, osanda kungena eqenjini labeminyaka engaphansi kwengu-23 ezinyangeni ezimbalwa ezedlule uthi: “Ukufaka amagoli yinto engihlale ngiyenza.”
MKHANYISELI SIWAHLA
Ajax Cape Town
Lo mdlali washaya igoli emdlalweni wakhe wokuqala ngesikhathi eneminyaka engu-15 eminyakeni emithathu eyedlule emdlalweni we-ABSA Cup. Lokhu kwamenza uSiwahla waba yithemba elikhulu ebholeni lakuleli.
Emva kwalokho kwabonakala ukuthi impumelelo yakhe isheshe yafika ngaleyo ndlela waphindela emazingeni ezokuthuthukisa amakhono ebhola khona kwi-Ajax iminyaka emibili, kanti akazange abe sezinhlelweni zomqeqeshi uGordon Igesund.
Kusukela ekufikeni komqeqeshi omusha uMuhsin Ertugral, uSiwahla okumanje uneminyaka engu-18 usenikwe elinye ithuba kanti indlela adlala ngayo bayayithanda kakhulu abalandeli njengoba i-Ajax yahamba yaze yafinyelela kumafayineli omqhudelwano weTelkom Knockout.
EXCELLENCE WALAZA
Orlando Pirates
Njengoba eziMnyama bezinenkinga yokungawashayi amagoli ekuqaleni kwesizini, owayengumqeqeshi wazo uMilutin Srejodovic waphoqeka ukuba afake uWalaza njengomdlali ozoxazulula le nkinga.
Lo mdlali osemusha ojwayele ukubonakala emaqenjini aseSA amancane, walamukela leli thuba ngazo zombili ‘izinyawo’ zakhe, washaya amagoli ambalwa ngaleyo ndlela waziphendlela indawo esikimini sabaqala umdlalo emdlalweni owawungoDecember lapho leli qembu lalibhekene nezimbangi zalo ezinkulu iKaizer Chiefs.
“Ukushaya amagoli iyonanto engiyenzayo,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-19 owaqala ukudlala umdlalo wakhe ophelele ngesikhathi bedlala neBenoni Premier United. [z]
BONA ZULU – March 2007
ELEAZOR ROGERS
indaba nguMARK GLEESON
izithombe ngabeGALLO IMAGES
KAIZER MOTAUNG JUNIOR
MKHANYISELI SIWAHLA
NAZEER ALLIE
BONA ZULU – March 2007
DENNIS ONYANGO
u
t
BONA ZULU – March 2007
‘Ukushaya amagoli iyonanto engiyenzayo’
TEKO MODISE
MARCOS DE JESUS
TSEPO MASILELA
BONA – August 2005
