zulu.2170.Tuks
Akakhohlwa lapho ephuma khona
nguFORCE KHASHANE
KWAKUKHONA isikhathi lapho abangani bakhe babemgcona bethi uzacile, kodwa namuhla uTuks Senganga ungaze ucabange ukuthi yisikhondla soqobo. Lokho kungenxa yeMafoko A Me (“My words”), nokuyiyo ethole indawo ezinhliziyweni zabaningi abathandi bomculo bakuleli yaphendula lo mculi we-rap waba ngomunye wosaziwayo abaphambili kwezomculo.
“Indlela abakhombisa ngayo abantu bezwe lethu ukuyithakasela i-albhamu yami yokuqala iMafoko A Me, ingenza ngizithobe kakhulu,” kusho uSenganga. “Ngiyakwazi ukumelana nezinselelo, kodwa angizange ngikulindele ukuthi ingathengisa ifinyelele ezingeni legolide ezinyangeni eziyisishiyagalombili ekubeni kuyi-albhamu ye-hip-hop.”
Okunye okwamthusa uSenganga, ogama lakhe langempela nguTumelo Kepadisa, kwaba amagama esiTswana athatha ngisho abalandeli bakwezinye izindawo ezweni lethu, nokuyilapho isiTswana singakhulunywa kakhulu njengase-Eastern Cape, Mpumalanga, naseLimpopo.
Lo mculi oshaya i-rap waseMafikeng bamqamba bathi nguSenganga esikoleni ngoba wayemncane ngomzimba. “Babecabanga ukuthi bahlakaniphile,” kuchaza uTuks. “Leli gama lichaza umuntu owondlekile oyisigora ekubeni mina ngangizacile ngimncane.”
Ukuze kungazweli ukumgcona kwabo, uTuks walamukela ngenjabulo. Kodwa abangani bakhe babengakaqedi. Elithi “Tumelo” lalilide kakhulu bengalithandi. Bamqamba ngendlela yabo bathi ngu “Tuks.”
Nakhona futhi wazama ukubehlisa ukumgcona kwabo ngokuba ashaye sengathi uthokozile ngaleli gama elisha.
Indawo yesifunda saseNorth West iyikhaya futhi kuPresley Chueneyagae, odlala emdlalweni owawina i-Oscar uTsotsi – kanti eyodwa yezingoma zikaSenganga iyezwakala kuleli filimu. Lokhu kuyinkomba yokuthi lo mculi uya kude.
Lapho ehamba khona ushaya ngemoto yakhe ebomvu iMini Cooper ayithenga ethakasela ukuwina owe-best rap artist kumaSAMA akamumva. “Manje angisahambi ngonyawo nokwenza kube lula ukuba ngifinyelele kuma-interviews,” kusho lo mculi.
Nakuba uTuks okumanje uphezu kwe-albhamu yakhe yesibili ekhombisa impumelelo futhi ehlala endaweni yabezambane likapondo enyakatho yeGoli kodwa akakhohliwe lapho ephuma khona. Noma yisiphi isikhathi asitholayo usisebenzisa ngendlela eyiyo ngokuba avakashele abangani nodadewabo eMafikeng.
Wawuthanda umculo eseneminyaka engu-9 ngesikhathi ebhala ingoma yakhe yokuqala. Ekuhambeni kwesikhathi waba ngomunye wabasungula iqembu iBonsai. “Emva kwalokho ngacula ngedwa,” kusho yena. Le nsizwa isike yaba yingxenye yama-albhamu ezihlabani ezifana noZola, Bravo noMorafe.
“Angizithandi izingubo ezibizayo nezicathulo,” kusho yena. Akuthandayo yisitambu, umdokwe no-morogo![z]
BONA ZULU – October 2006
Ucecevane lomfana owakhula waba yisihlabani somculo we-rap
UTuks uyadlondlobala
NGENHLA: Wasuka eMafikeng waya eJozi – kodwa lo mdansi akakhohliwe lapho ephuma khona.
