zulu.2169.peeple
okwenzeka ezweni
Abuyile amaqhawe!
UKAPUTENI wamaBhokobhoko uJohn Smit wathi waphelelwa amandla ebona indlela iqembu lesizwe elamukelwa ngayo ekhaya ngomhlaka 23 October.
Iningi labalandeli labuthana e-OR Tambo International Airport kusukela ngo-4 ekuseni.
AmaBhokobhoko akhombise umhlaba ukuthi abantu baseSA bayimbumba phezu kokwehlukana kwabo ngamasiko, kusho uGert Oosthuizen iSekela likaNgqongqoshe wezemiDlalo.
“Anigcinanga ngokuhlanganisa isizwe nje kuphela kodwa nenze saziqhenya saphumelela,” kuqhuba yena.
Abalandeli babecula uShosholoza beshaya namavuvuzela.
l PHENYA EKHASINI 102 UFUNDE UDABA ESILUBHALILE SITHAKASELA IMPUMELELO YETHU
Badlala kahle
Uma ufuna ukuthokoza nomndeni wonke, bukela iPeter Pan edlala eCivic Theatre eGoli. UVusi Kunene ungumlingiswa oqavile kanti uHlubi Mboya udlala indawo kaTinkerbell, uTobie Cronje adlale ekaKaputeni uHook. Lo mdlalo uzodlala kuze kube ngumhlaka 30 December.
BONA ZULU – December 2007
NGENHLA: Izinyoni “ezincane” – uPatrick Twala, Meshack Shili noThapelo Mosethle (kanye noCarol,“umlandeli”).
Izinyoni zino- 60!
I-Moroka Swallows isanda kugubha iminyaka engu-60 yasungulwa. Lo mcimbi ububanjelwe eJabavu Stadium eMoroka eSoweto.
U-MAC MOGOROSI wayekhona ezohalalisa nezihlabani ezintsha nezakudala ngalolo suku…
UBONA
uwinile!
INTOKAZI esibhalela amaresiphi ethu uGillian McDougall wakwaGemini Food Promotions (kwesokudla) usanda kuklonyeliswa ngenxa yomsebenzi wakhe kwi-18th Annual Galliova Awards yababhala ngokudla.
Halala Gillian!
NGENHLA KWESOBUNXELE: Ngabe nisabakhumbula? U-Peace Majoe, Judah Duiker, German “Cutter” Kunene, Carlton Moloi noLawrence Moloi baba nesandla empumelelweni yeSwallows.
NGENHLA: ULefa Tsutsulupa nendodana u-Ofentse, noMark Haskins nendodana uMikael.
u
t
AMEHLO akho awakukhohlisi. Yiwo ngempela amathanga amakhulu alayishwe ngemuva kulawa maveni. Ayengenele umncintiswano we-34th Annual Safeway World Championship Pumpkin Weigh-Off osanda kubanjelwa eHalf Moon Bay eCalifornia.
Ithanga likaThad Starr wasePleasant Hill e-Oregon yilona elalinesisindo esikhulu kakhulu esingaphezulu kuka-600kg!
BONA ZULU – December 2007
okwenzeka ezweni
Aze AMAKHULU!
Yayizibiza le ntokazi.
I-Soweto nolwandle
Ababezithokozisa “olwandle” kwiSoweto Beach Party yesihlanu ebanjwa minyaka yonke ngo…
NGEZANSI: Gugulethu Sithole, Thuli Mhlongo noSnethemba Mbatha.
PHANSI: Tebogo Matjeke no-Iwonder Datini.
UMadiba eLondon! Kungenzeka ukuthi usuke wezwa ngalo mfanekiso oqoshiwe okuhlonishwa ngawo iqhawe uNelson Mandela nokungumfanekiso osanda kwembulwa eParliament Square eLondon. [z]
Ubuhle beBollywood
Abathandi befeshini bazobona ubuhle bamasiko kwi-East Meets West Fashion Show ezobanjelwa eKyalami ngomhlaka 1 no-2 kuDecember.
U-Tony Mabaso, Sifiso Sabelo noPriya Patel babalwa kubasiki bengqephu abasebancane abazothola ithuba lokukhangisa ngengqephu yabo kule-show.
