zulu.2165.rich
Bacebe lento exakayo
UBill Gates. Ngabe kusenguye ocebe kunabo bonke emhlabeni?
BATHI imali ayikona konke, kodwa ungabakholwa. Lawo amanga ashiwo abantu abacebile ngoba befuna ukujabulisa thina esihluphekayo. Imali ingakuthengela into eyodwa ebalulekile - ukukhululeka ekukhathazekeni.
Ngiqonde ukuthi akukho okungakukhathaza uma uno-$50 billion ebhange. Umuntu ocebe kunabo bonke emhlabeni kumanje unaleyo mali ngokocwaningo lwabeForbes, okuyinkampani yaseMelika elawula izinto ezinjalo.
I-billion lingama-million ayinkulungwane (1 000 000 000). Ngokwamarandi, u-$1 cishe ungu-R6, ngakhoke u-$50 billion ungu-R300 billion, imali enkulu kangangoba ayisasho lutho.
Imoto yohlobo oluphambili yeBMW engabiza R1,1 million (ukwenza isibonelo) - uma unemali engu-R300 billion, ungathenga cishe ezingu-two million nesingazi ukuthi abakwaBMW bayasenza yini leso sibalo. Ungaphinde futhi ube nemali eningi esele.
Ake sithi ubhiya ubiza R9, ungathenga abangu-3 333 333 333! Ake sithi uneminyaka engu-30, uphinde futhi uphile eminye engu-70 okuyizinsuku ezingu-25 550 ungayinaki iminyaka ebhansayo - ngisho ngabe udla imali engu-R10 000 000 ngosuku impilo yakho yonke, ngeke uze uyiqede.
U-Li Ka-shing, ukwenza isibonelo, washiya phansi isikole wathengisa izimbali zokwenziwa. namuhla unomcebo ka-$18,8 billion kanti nguye ocebe kunabo bonke e-Asia. Emhlabeni ukleliswe waba ngoka-10.
Okleliswe waba ngowesihlanu emhlabeni kwabacebile nguLakshmi Mittal onomcebo ka$23,5 billion. Wakhula ehlupheka eNdiya wagcina esengumnini wenkampani enkulu eyenza insimbi.
U-Ingvar Kamprad waseSweden ngumsunguli wemboni yefenisha i-IKEA kanti ukleliswe waba ngowesine kwabacebile emhlabeni. Unemali engu-$28 billion ebhange. Ungamangala ngoba uzihambela ngamabhasi omphakathi.
UWarren Buffett, unemali engu-$42 billion kanti ungowesibili kwabacebile emhlabeni jikelele, waqala ngokwenza umsebenzi wokudiliva iphepha.
U-Oprah Winfrey uhola $225 million ngonyaka nokumenza abe ngusaziwayo ohola kakhulu kunabo bonke emhlabeni. Unemali engu- $1,3 billion. Kumanje nguyena kuphela umuntu omnyama oyi- billionaire emhlabeni.
Olandelayo kwabayizihlabani ngumdlali wegalofu uTiger Woods, ohola cishe $90 million ngonyaka ikakhulu ngemali yabaxhasi. Ulandelwa nguMel Gibson nombhali wamaStar Wars uGeorge Lucas.
Omunye wezihlabani okleliswe waba ngowesihlanu nguShaquille O’Neal, ohola cishe imali esondele ku-$40 million ngonyaka kanti nguyena mdlali we-basketball ohola ngaphezu kwabo bonke emlandweni walo mdlalo.
AbaForbes basanda kukhipha futhi uhlu lwabo lwababusi abangu-10 abacebe kunabo bonke emhlabeni. Ozihola phezulu uKing Abdullah waseSaudi Arabia onemali engu-$21 billion.
UTeodoro Obiang Nguema, umongameli wase-Equatorial Guinea oneminyaka engu-63, nguye kuphela owase-Africa ongaphansi kwalolu luhlu. Unomcebo wemali engu-$600-million. Kumanje ukleliswe waba ngowesishiyagalombili.
Ulandelwa yiNdlovukazi yamaNgisi uQueen Elizabeth oneminyaka engu-80 unomcebo ka-$500-million – singayibali iBuckingham Palace nobucwebe okuyizinto “zesizwe saseBrithani” okubekwe ezandleni zakhe ukuba akunakekele.
Osacebe kunabo bonke emhlabeni uBill Gates.
Yena nomkakhe bazibandakanye nakweminye imisebenzi efana noweBill & Melinda Gates Foundation njengoba kuze kube yimanje sebekhiphe $29 billion.
Yini engamkhathaza njengoba enemali engu-$50 billion ebhange.[z]
ININGI imali!
Abantu abacebe kunabo bonke emhlabeni…
BONA ZULU – July 2006
U-Oprah, yisihlabani esihola ngaphezu kwazo zonke.
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabeGREAT STOCK!
