zulu.2162.legal
Indlela eyiyo
YOKUQONDISWA KWEZIGWEGWE
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni, 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
INKINGA:
Ngibhekene necala lokuqondiswa izigwegwe. Ngingazi kanjani ukuthi balandele inqubo efanele, nendlela eyiyo? Kuthiwani ngekhwalithi yobufakazi? Ngabe ngingakwazi ukuthola usizo kwabeCCMA noma kwiLabour Court uma izinto zingavuni mina? Yini engadala ukuba isinqumo sichithwe?
BK, Komga
ISELULEKO SOFEZELA:
Ukuze inqubo yokuqondiswa kwezigwegwe ihambe ngempumelelo kufanele konke kuqhutshwe ngendlela eyiyo yeqiniso nokwethembeka. Uma kufakwe izimangalo ezingeyizo ezisuselwa emoyeni, ngeke kube lula ukufinyelela ezinqumweni eziyizo.
Uma kunesicelo sokubukezwa kwecala, nakhu okuzobhekwa:
Ngabe umqashwa uyawazi umthetho awuphulile?
Ngabe ubufakazi obuholela ezinsolweni buyiqiniso noma busukela ezintweni ezishiwo abantu?
Ngabe isinqumo saba nobulungiswa ngazo zonke izindlela?
Ngabe isinqumo sasifanele ukuba sifinyelele ekuxoshweni komsebenzi - ngamanye amazwi, ngabe isigwebo siyalingana necala elenziwe?
Umqashi wazi kahle kamhlophe ukuthi ukuxosha umsebenzi akusiyo into yesinqumo esiphambili kodwa lokho ngeke kumkhulule ekutheni athathe izinyathelo zokuqondisa izigwegwe nokuba anike umsebenzi ithuba lokuzwakalisa uhlangothi lwakhe nokuba abuze ofakazi imibuzo.
Kukho konke lokhu, okubaluleke kakhulu yisidingo sokubekezelela ukwamukela ubufakazi obuphuma ezintweni ezingamampunge ezishiwo abantu.
Ongusihlalo ecaleni lokuqondiswa kwezigwegwe kufanele akwazi ukumelana nengcindezi yalabo abangaphezulu kwakhe, noma ngabe ngusihlalo wenkampani ekuxosheni umsebenzi.
Inqubo yokuqulwa kwecala nokuthatha izitatimende kofakazi akusiyo into elula kangangoba ngisho namajaji aseziNkantolo eziPhakeme anesipiliyoni, asawenza amaphutha.
Kungakho kuzo zonke izinkantolo kugxilwa kakhulu ebufakazini hhayi eqinisweni.
Ngisho umuntu angafunga agomele ukuthi ukhuluma iqiniso kodwa uma bungekho ubufakazi akulula ukuba bamkholwe.[z]
UTHINI UMTHETHO
ESITHOMBENI KULINGISIWE
AMANDLA OTHANDO
Ukwehlukana
Ukwehlukana othandweni akulula - ochwepheshe bathi kufanele usebenzise umqondo ophusile ungabi nolaka. Naku okufanele ukwenze nokungafanele....
OKUFANELE UKWENZE:
Qiniseka ukuthi usuzimisele ngokumshiya lowo muntu ngaphambi kokuluxoxa naye lolu daba. Cabangisisa kahle, ubhale phansi izizathu.
Bonanani endaweni ezovuna nina nobabili lapho nizoxoxa ngokukhululeka. Lokhu ngeke nakuxoxela e-restaurant - hhayi futhi endaweni yakho noma yakhe.
Thembeka. Mtshele isizathu sokuqeda uthando lwenu, umenze azi ukuthi akusekho oselungashintsha osukucabangile.
Mnike isikhathi sokuba acabange ngalokho ukuze akwazi futhi ukukwedlulisa emqondweni. Xoxani ngekusasa. Uma kukhona nezingane kulolu thando, zama ukuba nihlale nizwana nenzele zona.
Tshela uphathini wakho ukuthi uyohlale ukhumbula okuhle ngaye. Mtshele ukuthi inhloso yakho wukuqhubekela phambili.
OKUNGAFANELE:
Ungavusi amagqubu amadala.
Ungakhulumi izinto ezingamaphutha, noma usho izinto ezifana nokuthi "akusiwena, yimi." noma "ngifuna ukukhululeka."
Ukumthengela isipho ngoba uthi umthoba amanxeba obuhlungu, noma umbizele esidlweni lapho uzomtshelela khona.
Ungathuli ucabange ukuthi kungcono azibonele. Lokhu kuzomlimaza kakhulu.
Ungamenzeli iSMS noma ushiye umlayezo kwiFacebook!
Ungamvumeli lapho ekuncenga ukuba ungashiyi uma wena unesizathu esizwakalayo sokushiya. [z]
BONA ZULU August 2008
