zulu.2161.bec recipes-tips
UKUNQUMA AMANANI
COSTING EXERCISE
ITEM COST
Bulk blankets in box of 10 R1 000
Transport costs R 50
Shopping bags R 20
Total costs R1 070
U MA unquma amanani ezimpahla ozozithengisa uyafuna nokuthola ukuthi ingakanani inzuzo ozoyenza.
Nakhu okumele ukwazi:
n Amanani ezimpahla ezitolo nasezindaweni ezithengisa ngamanani aphansi.
n Abantu bazithenga ngamalini lezo zimpahla. Abantu ngeke bathenge kuwena uma zikhona ezinye izindawo ezishibhile ezithengisa okufana nokwakho.
n Ezinye izindleko.Uma uwufundile uBONA ngenyanga edlule kuzoba lula. Kwezinye izindleko kukhona okokuthutha, imiholo, indawo, okokupakisha, ugesi nokunye.
Nasi isibonelo mayelana nokunquma amanani:
Obhulankethi kumele babize u-R107 umunye ukuze kubuye imali obathenge ngayo.
Thola ukuthi abanye abantu babiza malini ngobhulankethi abafana nabakho. Uma bengu-R150 kwabanye kusho ukuthi khuphula inani labakho ngo-R43 ukuze lilingane nelabanye.
Cabanga njengomthengisi:
Uma obhulankethi bakho bebiza u-R140 umunye, bazothengwa kakhulu ngoba bazobe behle ngo-R10 kanti usazoyithola inzuzo ka-R37 ngalowo nalowo bhulankethi.
Yipha izintokazi ezithenga kuwena izikhwama ongazibiza u-R1.
Zikhangise ebhodini elizoba ngaphakathi noma ngaphandle kwesitolo sakho.
Mema abesitokfela abazothenga kakhulu, ubanike isaphulelo sika-R5 ngalowo nalowo bhulankethi.
Iya ezikoleni, kuma-clubs nasemabandleni ubanike izaphulelo.
Dlala umculo omnandi esitolo sakho.
Amakhasimende akho waphuzise ikhofi noma itiye.
Ibhizinisi lakho lizosimama uma uthathe lezi zeluleko!
FRIKKADELS SERVED WITH BANANA CURRY SAUCE
FRIKKADELS
Kuphuma angu-20
6 izingcezu isinkwa esimhlophe
3 izinkomishi iqhuzu lesobho lenkomo
1kg i-beef mince
2 amaqanda ashayiwe
1 i-teaspoon usawoti
ibinzana le-nutmeg, i-ground cloves ne-white pepper
1/2 inkomishi ufulawa omhlophe noma impuphu
INDLELA YOKWENZA
1. Shisisa uhhavini ngo-180oC.
2. Cwilisa isinkwa esobheni. Faka izithako ezisele, ngaphandle kukafulawa.
3. Hlanganisa, ukugoqe kube amabhola. Kubhuqe kufulawa.
4. Beka ama-frikkadels endishini yokubhaka uwamboze nge-sauce:
BANANA AND CURRY SAUCE
3-4 izipuni uwoyela
5 u-anyanisi oqotshiwe
2 izipuni zikafulawa
3 izinkomishi u-vinegar
2 izinkomishi amanzi
2 izipuni ushukela Illovo emhlophe
1 isipuni i-turmeric
1 1/2 ama-teaspoon u-curry powder
3 izipuni i-apricot jam
12 obhanana, abahlutshwe baqotshwa
usawoti nophepha wokunonga
INDLELA YOKWENZA
1. Thosa u-anyanisi. Faka ufulawa ugovuze. Faka u-vinegar namanzi. Faka ushukela, i-turmeric, u-curry powder nojamu. Faka ingxenye yezingcezu zikabhanana, usawoti nophepha.
2. Thela ingxube phezu kwama-frikkadels. Beka izingcezu zikabhanana ngaphezulu.
3. Bhaka imizuzu engu-30. Seva nerayisi.
AMACEBO OKUPHEKA:
Ungayiphindaphinda kalula le resiphi.
I-sauce iyayandisa.
Uma upheka irayisi, faka i-1/4 yenkomishi yeMageu Number 1 e-plain ngasekugcineni, kanye nesipuni sebhotela ukuze kunambitheke salamula.
Seva ne-chutney, izingcezu zikabhanana ne-coconut ukubeke eceleni.
Nonga ngopelepele.
Ungayisebenzisa ne-minced lamb, i-pork noma inkukhu. [z]
BONA ZULU - February 2006
BONA - February 2006
