zulu.2157.triviafeb2008
I-Puzzle Yezithombe
Amakhasi kaBONA athokozisayo
NGABE UNGUBANI?
U-Joaquim Alberto Chissano
U-Joaquim Chissano wazalelwa eMalehice, eGaza Province okwakuyi-Portuguese colony yaseMozambique.
Waba ngumfundi omnyama wokuqala owafunda eLiceu Salazar eLourenço Marques (iMaputo manje) okwakuyiyona kuphela i-high school kuleyo ndawo.
Wenza i-medicine ePortugal, kodwa ngenxa yokuba yisishoshovu kwezepolitiki kwadingeka ukuba abaleke aye eTanzania.
Wamela iFrelimo, umbutho waseMozambique owawulwela inkululeko eMozambique, eParis ngeminyaka yo-1960.
Ngesikhathi elaseMozambique lithola inkululeko ngo-1975, wayesengu-major-general kule nhlangano.
U-Samora Machel owayengumongameli omusha kwelaseMozambique wamqoka njengongqongqoshe wezangaphandle.
Ngo-1986, emva kokwedlula kukaMachel emhlabeni, uChissano waba ngumongameli kwaze kwaba ngu-2005.
Emcimbini owawuseLondon ngomhlaka 22 October 2007, uChissano egubha iminyaka engu-68 azalwa, uKofi Annan owayenguNobhala Jikelele we-UN wamemezela ukuthi uChissano uklonyeliswe ngo-$5 million okuyiPrize For Achievement In African Leadership enikwa ababengabaholi base-Africa ababusa kahle.
BONA ZULU – February 2008
Isithombe ngasinye sikunika umkhondo okutshela ukuthi yini ozoyibhala ezikhaleni ezimnyama.
Eish!
U-Yi’nan wayebusa ezingxenyeni zezwe eselibizwa ngeChina namuhla. Ngo-629 umhlaba wakhe wawandisa ngokulwa anqobe izimpi. Waba namandla kangangoba ngo-642, esethathe isinqumo sokushada nendodakazi yombusi wezwe ababakhelene nalo, wakwazi ukukhipha ilobolo lamahhashi angu-3 000 namabhantshi angu-38 000!
Lelo lobolo alamukelwanga. Emva konyaka, wathi uzolobola ngamahhashi angu-50 000, izinkomo ezingu-10 000, nezimbuzi ezingu-100 000.
Nalokho akuzange kwamukelwe kanti uYi’nan wakhothama ngo-645 engakashadi.
Akusibo uboya bengwe kuphela obunemigqa, kodwa nesikhumba sayo sinabo.
Kuzo zonke izinhlobo zezilwane ezazikhona eMhlabeni, zingu-10% kuphela esezisele namuhla
20 IMIBUZO
1) U-“Au” wuphawu lwe…
A) Australia
B) Austria
C) Gold
2) Esikusebenzisela ukukala ibanga...
A) Kilometre
B) Litre
C) Kilogram
3) I-International Rugby Board’s “player of the year” ka-2007 kwaba ngu…
A) Jonny Wilkinson
B) Pele
C) Bryan Habana
4) Iyiphi inhlangano yamazwe ngamazwe eyasungulwa ngomhlaka 26 June 1945 ukukhuthaza ubambiswano lwamazwe kwezomthetho, ukuvikelwa kwamazwe, ukuthuthukiswa komnotho, intuthuko yomphakathi nokubhekelwa kwamalungelo esintu?
A) I-United Nations Organisation.
B) I-League Of Nations
C) I-Organisation Of African Unity
5) Ubani odumile eSA – owawina iNobel Peace Prize – owazalelwa eKlerksdorp eTransvaal ngomhlaka-7 October, 1931?
A) Desmond Mpilo Tutu
B) Walter Sisulu
C) Oliver Tambo
6) Kuthiwa yini inhloko-dolobha yaseJamaica?
A) Freetown
B) Newtown
C) Kingston
7) Iyiphi i “Queen Of Soul” edume mgomucu othi Respect?
A) Tina Turner
B) Aretha Franklin
C) Whitney Houston
8) Iyiphi i-soap opera yaseSA eyayidlala kuSABC 3 ngoJuly 1998?
A) Generations
B) Egoli
C) Isidingo
9) “Ngitholakala eSA. Igama lami lesayensi nginguPanthera leo kanti isisindo sami singu-270kg. Ngiluhlobo lwekati lwesibili kwamakhulu emva kwengwe. Ngabe ngingubani?”
A) Ibhubesi
B) I-leopard
C) I-meerkat
10) U-Alan Paton udume ngale noveli yakhe…
A) Waiting For The Barbarians
B) Story Of An African Farm
C) Cry, The Beloved Country
11) I-Accra yinhloko-dolobha yase…
A) Nigeria
B) Ethiopia
C) Ghana
12) Iyiphi ikhemikhali ephuma ngokuhlanganisa ama-hydrogen atoms amabili ne-oxygen atom?
A) U-petrol
B) Amanzi
C) I-mercury
13) Umhlaka 6 August 1945, ugujwa njengosuku…
A) Lokuphela kweSecond World War
B) Okwaphonswa ngalo ibhomu eHiroshima
C) I-Germany eyazinikela ngalo
14) I-Rugby World Cup elandelayo ingo-2011 – izobanjelwaphi?
A) New Zealand
B) Australia
C) South Africa
15) Yiliphi iqembu lePSL elasungulwa ngomhlaka 7 January 1970 eSoweto?
A) Moroka Swallows
B) Kaizer Chiefs
C) Mamelodi Sundowns
16) U-Patrice Motsepe uphethe liphi iqembu?
A) Moroka Swallows
B) Kaizer Chiefs
C) Mamelodi Sundowns
17) Atholakala kusiphi isifundazwe lawa madolobha: Hendrina, Amersfoort neGreylingstad?
A) North West
B) Mpumalanga
C) Gauteng
18) Ubani owawina oweBest Actress Oscar ngo-2003?
A) Charlize Theron
B) Halle Berry
C) Meryl Streep
19) U-Edson Arantes do Nascimento udume ngelika…
A) Kaka
B) Pele
C) Júnior Juninho
20) I-Khomas yisifundazwe esise…
A) Botswana
B) Lesotho
C) Namibia
Hlola ulwazi lwakho!
BONA ZULU – February 2008
Izimpendulo:
1. C; 2. A; 3. C; 4. A; 5. A; 6. C; 7. B; 8. C; 9. A; 10. C; 11. C; 12. B; 13. B; 14. A; 15. B; 16. C; 17. B; 18. A; 19. B; 20. C.
Amakhasi kaBONA
Funa igama
I-DISCOVERY
Umkhumbi-mkhathi iDiscovery ukuma-NASA shuttles amathathu asebenza njengamanje njengoba ikanye ne-Endeavour ne-Atlantis. Yaqala ukundiza ngo-1984 kanti yaba ngumkhumbi-mkhathi owazala iHubble Space Telescope.
Ngomhlaka 29 October 1998, i-Discovery yayithwele ingqalabutho ye-astronaut enguJohn Glenn. U-Glenn owayeneminyaka engu-77 wazakhela igama ngokuba ngumuntu omdala kwabake bahamba ngesiphuphutheki beya emkhathini. Uhambo lwayo lwakamumva iluthathe ngo-October nyakenye. I-Discovery isindize ka-33, yachitha izinsuku ezingu-241 emkhathini, yazungeza uMhlaba ka-3 808 yahamba amakhilomitha angu-150-million.
BONA ZULU – February 2008
l Liwuhlobo lwe-berry. (Empeleni wonke ama-citrus fruit, kubandakanya nolamula, angama-berries ngoba anezinhlamvu athambile ngaphakathi.)
l Lenziwa ngenhlanganisela ye-pomelo ne-tangerine.
l Amawolintshi azwana nokufudumala – ubude bezihlahla zawo bungu-10m.
l Amawolintshi okuqala atshalwa e-Europe ayemuncu. Elase-Europe lathola ayenoshukela nge-15th Century esuka eNdiya efika nabahwebi basePortugal kanti kwagcina sekuyiwona andile kwatshalwayo .
l Abalimi basebenzisa amakhasi amawolintshi ukuqeda iminenke.
l Ujamu iMarmalade uvame ukwenziwa ngamawolintshi ohlobo lweSeville.
l Amazwe akhiqiza amawolintshi kakhulu yiBrazil - amathani angu-17,8 million; United States - 8,4; Mexico - 4,1; India - 3,1; China - 2,4; Spain - 2,3.
l Amawolintshi ohlobo lweValencia asetshenziselwa ukwenza ijusi. Aqokwa njenge-mascot esemthethweni yeFIFA World Cup ka-1982 eyayibanjelwe eSpain. Igama laleyo-mascot kwakungu-Naranjito (“Little Orange”) kanti yayigqoke imibala yeqembu lesizwe laseSpain.
Konke nge…
WOLINTSHI
athokozisayo
Indawo engaphandle ibizwa ngeRIND. Uma igreythiwe ibizwa nge-ORANGE ZEST kanti isetshenziselwa ukunonga ukudla.
Ingxenye yekhasi emhlophe ibizwa ngePERICARP noma i-ALBEDO. Nayo inoVitamin C njengokungaphakathi ewolintshini
OKUPHAKATHI
Thola amagama ngokufunda uya phambili, emumva, phezulu, phansi, uvundle. Ungalokothi emgqeni weqe uhlamvu lwegama. Dweba ukekelezele igama ngalinye, bese ulicisha ohlwini oluseceleni.[z]
IZINHLAMVU
Iqiniso! Amagundane ayahleka!
Ubude bamagundane
UYINI UMBALA?
UMBALA o-orange uqanjwe ngesithelo. U-orange wasetshenziswa okokuqala njengegama lesiNgisi lombala ngo-1512 enkantolo kaKing Henry VIII. Ngaphambi kwalokho, (ngesiNgisi sakudala) umbala o-orange kwakuthiwa u-geoluhread, okuhunyushwa ngokuthi “yellow-red” ngesiNgisi samanje.
Kwatholakala ukuthi amagundane ayahleka uma edlala – noma ekitazwa!
Lokho kuliqiniso – kodwa abantu abawuzwa umsindo awenza uma ehleka.
Nawo, njengabantu, ahleka uma ephatheke kahle kuphela!
EEK! Igundane!
Ubude bemizimba yamagundane buvame ukuba ngu-12cm. Kudala eRome amagundane babewahlukanisa ngosayizi ababili, amakhulu babewabiza ngeMus Maximus amancane bewabiza ngeMus Minimus.
Amagundane yizilwane eziyisimanga…
u Amagundane esiwazi kakhulu amnyama (Rattus rattus) nansundu (R. norvegicus).
uYigundane elinsundu eladabuka eChina elifuywayo.
u Yizintwala ezazithwala amagundane amnyama ezasabalalisa iBlack Plague e-Europe ngeMiddle Ages, kwafa izigidigidi zabantu.
u Amagundane anobungani, ahlakaniphile kanti angaqeqeshelwa ukusebenzisa ibhokisi lezibi, eze uma uwabiza, enze nokuningi okudidayo.
uZiningi izizwe ezidla amagundane. Ngokwe-United Nations Food And Agriculture Organisation, ingxenye yenyama edliwa eGhana eyamagundane kanti bafuye amavondwe ababuye bawazingele.
uNgokwesiko laseNdiya, amagundane ahlobene noLord Ganesh onekhanda lendlovu, noyisithixo esikhonzwa kakhulu ngokwamaHindu. Emathempelini akhe kukhona isithombe segundane. Edolobheni laseDeshnoke, amagundane aseKarni Mata Temple agcinelwe ukuba avuke esengamaSadhus (amadoda angcwele angamaHindu). Abaphristi abafika ethempelini bawondla ngobisi nokolweni. Ukudla okuthintwe amagundane kuthathwa njengokubusisekile. [z]
Beka ngokuyikho
BONA ZULU – February 2008
Hlela lezi zinhlamvu zamagama ngendlela efanele.
t
Amakhasi kaBONA
INSIMBI iyi-alloy, okusho ukuthi ixutshwa necwengekile. Ensimbini, isithako esimqoka yi-iron. Kodwa kuba ezinye “izithako,” ezinjenge-manganese, i-tungsten noma i-carbon ezenza ukuba iqine.
Insimbi eyakhiqizwa kuqala ngeyase-East Africa kanti yakhiqizwa ngo-1400BC. Kuqale phakathi kwe-19th Century ukuthi insimbi ibe ngumkhiqizo ongabizi.
Namuhla, ibalwa kulezo zinto ezande kakhulu emhlabeni kanti isemqoka kakhulu uma kwakhiwa amabhilidi, amathuluzi, izimoto nezimpahla zikagesi.
ElaseChina yilona elikhiqiza insimbi kakhulu, cishe lenza u-one-third wensimbi eyenziwa emhlabeni wonke, kulandele iJapan, iRussia neMelika.
UTHI UBUWAZI?
Bonke abantu bakhuluma ngokubaluleka kokulungiswa kwemfucuza kabusha ukuze isebenze kodwa embonini yezinsimbi lokho akukusha. Isineminyaka engaphezulu kuka-150 isebenzisa insimbi engasasebenzi ngoba lokho kushibhile kunokwenza entsha.
Ngale ndlela le mboni yehlisa izinga lokusebenza kukagesi ngo-75%, lowo gesi ungasiza amakhaya angu-18 million ngonyaka.
Ukusebenzisa ithani elilodwa kabusha konga u-1 100kg we-iron ore no-630kg wamalahle.
BONA ZULU – February 2008
Insimbi!
Ngabe inyoni ilibeka kanjani iqanda?
Kungani amadoda enezingono?
Uma umbungu unamasonto ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili, usuke usungakhula ube yintombazane noma umfana.
Uma ukukhula kwawo kungazange kukhuthazwe ama-hormones esibelethweni, umbungu uba yintombazane kube khona izitho zowesilisa ezilahlekayo.
Uma ukhuthazwe ama-hormones usesesibelethweni, uba ngumfana kube khona izitho ezithile zowesifazane ezilahlekayo.
Kodwa izingono zisheshe zakheke kanti sonke sinazo.
Njengoba izingono zilusizo kwabesifazane abadala ziyaqhubeka zikhule.
Izingono azinankinga uma zikowesilisa osemdala kanti umzimba uyakwazi ukungazikhulisi uma umfana ekhula.
Izingono lezi zisuke zihambisana nezibele kowesilisa kubandakanya nomgudu wobisi. [z]
Inyoni kufanele indize uma ifuna ukudla noma ibalekela izitha zayo. Izinyoni ezibeka amaqanda azikwazi ukugcina amaqanda amaningi emzimbeni ngoba zingasindwa zihluleke wukundiza.
Uma isilungele ukubeka amaqanda, iwenza ngokushesha.
Umzimba wayo wakha ingxenye ethambile eqandeni bese iwagingqela eshubhwini eliyigobolondo, Igobolondo liqina ngesikhathi inyoni isibeka amaqanda esidlekeni. Iqanda lingena eshubhwini liphumele ngaphandle komzimba.
athokozisayo
Bona ukuthi mangaki amagama esiNgisi enziwe ngezinhlamvu ezine noma ezinhlanu ongawenza usebenzisa izinhlamvu zamagama ezisezikhaleni. Uhlamvu oluphakathi (olubomvu) kufanele lusetshenziswe egameni elilodwa. Bheka ukuthi ungalithola igama usebenzisa zonke izinhlamvu zamagama. Uhlamvu ngalunye malusetshenziswe kanye kuphela.
Yakha igama
