zulu.2156.yourman_returnees
Babuyela ekhaya!
EZEBHOLA
Iningi labadlali bethu abaphambili libuyela eSA - kungani na? Ngabe lokhu bakwenziswa wukuthi abayiboni impumelelo phesheya mhlawumbe sebefuna ukuzokuba yingxenye yebhodwe eliconsayo lika-2010? Noma mhlawumbe ibhola lakuleli liya ngokuba libe ngcono - ngokwemali?
UKUDLALA phesheya kwezilwandle bekulokhu kuyiphupho lanoma yibaphi abadlali bebhola lakuleli. Iqiniso wukuthi isizathu esikhulu yimali. Imali yinhle kakhulu phesheya - ngaphezu kwezinkinga zokwehluka kwezilimi, ukudlala ngaphansi kwesimo sokubanda esishubisa umnkantsha nokudla abangakujwayele.
Kodwa abadlali bakuleli abadlala phesheya nabo bazimisele ngokuthola ithuba lokuba bazibonakalise phakathi kwabadlali abaphambili emhlabeni. Leli yithuba okungelula ukuba libalahlekele.
Amazwe afana no-England, Greece, Turkey, Denmark, Belgium, Russia, Norway, Sweden naseGermany bekulokhu kuyizindawo lapho abadlali kuyo yonke le minyaka bebekhetha ukuyodlala khona.
Kodwa njengamanje izinto zibukeka sezigaya ngomunye umhlathi njengoba abadlali sebeqale ukubuyela ekhaya.
USibusiso Zuma, Benedict Vilakazi, Matthew Booth (bonke abakwiMamelodi Sundowns), Lance Davids, Glen Salmon (abakwiSuperSport United), Stanton Lewis (Ajax Cape Town) noJeffrey Ntuka (Kaizer Chiefs) – laba ngabanye babadlali bethu abebedlala phesheya abasanda kubuyela ekhaya.
Iningi lalezi zihlabani zeBafana bekungenzeka liqome ukuhlala phesheya, kodwa kunalokho likhethe ukuba lizohola amarandi.
Zintathu izizathu ezenza abadlali bethu bacabange ukuthi ‘zimbiwe yinsele’ lapha ekhaya.
Okokuqala, njengoba iDStv channel iSuperSport yakhokha R1,6-billion ngamalungelo okusakaza ibhola lePSL, kunemali eningi ezintantelayo.
Empeleni isivumelwano sabeSuperSport sabeka iPSL phakathi kwamaligi angu-15 anemali eningi emhlabeni ngokwemali etholakala ngeTV.
Njengoba sekukhona nabanye abaxhasi abasha abafana nabakwa-Absa, MTN, Telkom noNedbank nokuyimiqhudelwano yethu emine - lokhu kusho ukuthi amakilabhu akuleli manje aseyakwazi ukuqhudelana nawamaligi aphesheya uma kuziwa ngasemaholweni.
Ukwenza isibonelo, iSundowns ikhokhela uVilakazi noZuma imali engu-R200 000 ngenyanga kanti noBooth angalindela iholo elicishe lifike lapho kwikontileka yakhe yesikhathi esifushane.
Kodwa akuzona kuphela izigidi zikaPatrice Motsepe ezidonsa abadlali zibabuyisele kuleli - iSuperSport United, Ajax Cape Town ne-Orlando Pirates ngamanye amaqembu aziwayo ngokukhokha amaholo amahle.
“Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi umdlali ophambili njengamanje angahola imali eningi eSA kunabadlali bakwamanye amaligi amancane e-Europe njengaseBelgium naseDenmark,” kusho uMike Makaab weProSport International obhekele izindaba zabadlali abafana noVilakazi, Bernard Parker, Bryce Moon noSiyabonga Nomvete.
“Okuningi kuncika kubadlali,” kusho uMike Makaab ”bangaqala kumaligi amancane e-Europe, kodwa kuthi lapho bekhombisa ikhono, bazibeke emathubeni okuba babonwe amaqembu akumaligi angcono - kangako namaholo aphezulu kakhulu kunalawo aseSA.”
Baningi abatheleka ezikhumulweni zamabhanoyi akuleli kunabahambayo nokuyinto edalwa yisasasa lika-2010.
Abadlali phesheya bathi uma abaqoki beqembu lesizwe bengasakuboni, bayakulibala - kanti uma behlale bekubona emidlalweni noma kwiTV nomqeqeshi wesizwe uJoel Santana uyakubona.
Okubi wukuthi uLance Davids, Stanton Lewis nabanye abadlali bakuleli babona isikhathi sabo sokudlala sesilinganiselwe emakilabhini abo aphesheya, ekubeni njengamanje yisikhathi sokuba badlale njalo kunokuba bakhuhlane nebhentshi.
“Akukho ukungabaza ukuthi abanye balaba badlali bayabuya ngoba befuna ukuzibonakalisa futhi emazingeni kazwelonke,” kusho uMike Makaab.
Uqhuba ngenkambiso enhle ngokukaLance Davids. “Lona ngunyaka omkhulu kimina nakwiBafana, ngakhoke kuzodingeka ngihlale ngi-fit ngokuphelele,” kusho uLance Davids osesayine ikontileka neSuperSport United kuze kube yisekupheleni kwesizini.
“Angifuni ukuba abantu belokhu bengigxeka ngokuthi angikho-fit ukuba ngidlale uma kwenzeka ngikhethelwa eqenjini lesizwe ngoba bengingadlali.”
Isizathu sesithathu sokubuya kwabadlali basekhaya, wukwenyuka kwezinga lePSL - kusuka kubadlali, abaphathi bebhola kuya konompempe.
Okunye wukuthi i-satellite yamazwe omhlaba i-Eurosport izimisele ngokusakaza imidlalo yePSL kuze kufinyelele kwengu-200 ezweni lase-Europe kulawa masizini ezayo.[z]
Indaba: Nick Said
Izithombe: Gallo
Abadlali abafana noZuma bahola cishe R200 000 nge-nyanga
