zulu.2154.gay marriages
Umshado wezinkonkoni ngendlela yesintu
Uthando lweqiniso lunqoba noma iyiphi ingcindezi!
UHULUMENI waseSA wanika ilungelo abobulili obufanayo ngoDecember nyakenye ukuthi sebengashada nokuyinto eyathokozisa abantu abafana noWiseman Mndaweni (33) no-Jack van Rooyen (29) baseThokoza Ekurhuleni abase beneminyaka engu-10 bethandana.
"Ngesikhathi bengitshela ngezinhlelo zabo zokushada, lokhu ngakuthola kuyihlaya," kusho u-anti kaVan Rooyen uDumisile Magagula. "Ngasuka ngemoto eNelspruit eMpumalanga ngoba ngifuna ukuzozibonela ngokwami."
"Sasingalinda neminye iminyaka engu-30 kuze kube uhulumeni usinika imvume," kusho uWiseman.
Lo mcimbi womshado wabanjelwa eNkantolo yase-Alberton. "Ukwenza izifungo zethu kwaba lula - njengoba kwase kuyisikhathi eside sizilungiselela," kusho uJack. "Manje esikufunayo wukuhlala ndawonye impilo yethu yonke."
Umcimbi
Umcimbi womshado wawuhanjelwe amakhulu ngamakhulu abantu kubandakanya amalungu emindeni, abangani namalungu omphakathi ayefuna ukuzozibonela.
UMndaweni onezinwele eziphothiwe, emva kwamasonto ambalwa emcimbini wesibili owathatha izinsuku ezintathu, wakhokha ingxenye yelobolo ekhokhela abakubo kaVan Rooyen.
Kwahlatshwa imvu yahlukaniswa kabili ihlukaniselwa imindeni yomibili. Kwakukhona notshwala besintu nezipho ezingobhulankethi - nokuyizinto ezayimangaza le mindeni yomibili njengoba ingazange iyilindele inqubo yesintu emshadweni wezinkonkoni.
UVan Rooyen owayelokhu echobozela, emva kwesikhathi wathathwa emndenini wakhe, nokulikhaya elingekude nalapho kuhlala khona uMndaweni, walethwa 'kwabasemzini' ukuze amukelwe - nokuyilapho kwezwakala khona amaculo 'okwamukela umakoti'.
Omunye wabakhongi abakhulu kwakungumalume kaVan Rooyen (64) uWilliam Majika. "Sekube kaningi ngiyingxenye yezingxoxo zamalobolo emndenini wami nakomakhelwane," kusho yena echaza futhi ukuthi kwammangaza lapho ecelwa wumshana wakhe.
"Ngingumuntu wamasiko, umAfrica woqobo, futhi angiyigunyazi indaba yokushadana kwabobulili obufanayo, kodwa ngazithola sengiphakathi kwaleso simo," kusho kuvuma yena.
Uthando nokwesekwa
Omama babo, uSmangele Mndaweni noJohanna Poppy van Rooyen, bathi baweseka ngokuphelele amadodana abo emva kokuba abatshela ngalezi zindaba.
"UJacky sekuyisikhathi eside ngimazi," kusho umama kaWiseman uSmangele ongowokudabuka eNquthu KwaZulu Natal. "Ngesikhathi indodana yami ingitshela ngezinhlelo zabo, ngayinika lonke uthando nokuyeseka okwakuyilindele."
"Bakhetha ukuzibophezela ngempela, nathi kwadingeka ukuba sibasize," kusho kuvuma uJohanna ongumama kaJack van Rooyen.
Umfowabo kaMndaweni uMandla Dludlu, uthi yena ungumuntu oqondile kodwa ongenankinga ngokuba uWiseman ashade. "Isinqumo asithathile kube ngesakhe," kusho yena.
"Bayathandana ngakhoke ngiyajabula ukuthi ekugcineni sebeze bashada," kusho omunye wabangani abakhulu balezi zithandani uMiriam Silabela.
Pho ubani ozothatha isibongo somunye" UVan Rooyen uthi yena kuyamthokozisa ukuba ngu "Mrs Mndaweni." [z]
BONA ZULU - August 2007
indaba nguJASMINE ADAMS
izithombe nguSIPHO MCHUNU
Ukushadana kwezinkonkoni kuseyindida, kodwa lezi zithandani zalisebenzisa lelo thuba ukuqinisa ukuzibophezela kwazo othandweni lwazo...
1. Izithandani ezithokozile... uJack van Rooyen (kwesobunxele) noWiseman Mndaweni sebebe ndawonye iminyaka elishumi.
2. Bathokozela ukuhlanganiswa...
3. Awuphungule... uJack eshayisa umuntu wakhe utshwala besintu.
4. U-Anti Mavis amukela isipho sikabhulankethi...
5. UJack esiza u-anti wakhe uMavis kanjalo nomunye womakhelwane ukuba baphake ukudla emcimbini womshado wesintu.
BONA ZULU - August 2007
