zulu.2153.BEC feedback
UMandla Khwela nguye owawina kwi-forum.
Nakuba imvula laliyishaya eThekwini, kodwa lokhu akuwavimbanga amalungu eBONA Empowerment Club ukuhambela umcimbi wethu eRoyal Hotel.
UTHOKOZANI MaMkhize-Ndlovu nguye owayenguMC. Le ntokazi ingu-senior producer kwaSABC ngaphansi kwezinhlelo zemfundo iphinde ibe yilungu lekomiti lomculo wamakhwaya ezweni lonkana ekubeni ingumeluleki kaDeputy Director wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal.
UThokozani ungumculi we-opera nokuyinto esimnike okukhulu ukuhlonipheka njengoba evame ukubizwa ukuzoba yijaji lezomculo emincintiswaneni yomculo yezifunda nesemazingeni kazwelonke.
Isikhulumi sosuku uZee Cele usebenza njenge-tax consultant ne-accountant yezezimali kanti waqala inkampani yakhe iTax Solutions ngo-1989.
Maningi amaBhodi aseke waba neqhaza kuwo njenge-Institute of Commercial and Financial Accountants of Southern Africa.
Ngo-August 1999 uZee waklonyeliswa nge-SA Woman of the Year Award emkhakheni wezamaBhizinisi owakhishwa ngabeShoprite/Checkers noSABC 3.
Ngawo lowo nyaka igalelo lakhe laqashelwa ngabeDurban City Council ngesikhathi eba ngomunye wabathola iMayor’s Awards for Excellence.
UZee wakhuthaza amalungu eClub ukuba asebenze ngokuzinikela nangokuzikhandla, wathi akufanele akhubazwe wukuthi awanayo imali eningi wachaza nokuthi umuntu angalisungula ibhizinisi ngemali encane.
ULindani Dhlomo oyimenenja yeSEDA kulesi sifunda nowaziwa kakhulu kwezamabhizinisi amancane naye wayengomunye wezikhulumi zosuku eThekwini.
Umsebenzi omkhulu weSEDA wukunika ulwazi kwezamabhizinisi amancane nokwenza osomabhizinisi bakwazi ukusimamisa amabhizinisi abo.
Xhumana nabegatsha leSEDA eliseduze nawe uma ungumnini webhizinisi elincane ukuze uthole usizo lokulisimamisa.
Ngobusuku bomcimbi weClub owawubanjelwe eThekwini, mibili imisakazo eyaba nesandla ekuxhaseni - iRadio Khwezi, enohlelo lokusizwa kwabakhubazekile ne-Sunny South.
UMpheki wabeBake and Cook for Profit uNondumiso Iris Mazinyo, wachazela amalungu eClub ngeresiphi yama-muffin akhe waphetha ngokuba ancokole athi ngisho bangasebenzisa iresiphi yakhe kodwa awabo ama-muffin ngeke abe mnandi ukwedlula awakhe.
Lowo yiwona moya weClub, ukuzethemba nokubonisana nabanye. Ukubonisana nokucobelelana ngolwazi nabanye abantu ngezinto ozenzayo, akusho ukuthi kukhona okuzokulahlekela.
Qhubekani nifunde uBONA ukuze nibone ukuthi inini enye i-workshop elandelayo nokuthi iyobe ikuphi. Kulawa ma-workshop kuningi okusuke kukhonjiswa ukuthi kwenziwa kanjani kanti nolwazi lwamabhizinisi amancane luyatholakala, ikakhulu umsebenzi wokuziphilisa ngokudla.
Silindele ukubona amalungu ethu ezitolo zakwaScore ezweni lonkana. Ukuze uthole ukuthi inini enye i-workshop elandelayo shayela kule nombolo: 011-883-8829.
Amalungu eClub asukuma azibiza adansa ethakasela umculo omnandi kaPinkie Mtshali weDurban Divas, ongumqondisi nomdansi kanti alukho uhlobo lomculo angawudlali, ngisho nowe-opera imbala.
Nakuba kwakubanda emnyango, kodwa ngaphakathi kwakushisa bhe! [z]
Ababebambisene nabe-Empowerment Club eThekwini kwezokusakaza kwakuyiRadio Khwezi neRadio Sunny South.
BONA ZULU – February 2007
NGENHLA: UPinkie Mtshali.
NGEZANSI: UThokozani MaMkhize-Ndlovu.
