zulu.2152.yourman_fashion_2
AMA-BOOTS APHA-MBILI
Khulunyelwa yisitayela sakho, unyathele ngama-boots
IPHEYA elihle lama-boots noma yimuphi owesilisa kufanele abe nalo. Njengoba ziziningi izitayela ezikhona, ikhwalithi nobuntofontofo kufanele kube yizinto zokuqala ozibhekayo. Emva kwalokho uzothola ukuthi kukhona inhlobo yama-boots ayo yonke imicimbi - ngisho ufuna ukuswenka, ukuwafaka ne-jean noma ufuna ukuhamba ngawo ibanga elide.
Uwakhetha kanjani ama-boots akufanele:
■ Ama-boots ano-zip: Uma ama-boots eno-zip eceleni, kufanele ufune lawo akuhlala kahle emaqakaleni naphezu konyawo.
■ Anokusa-lace: Lawa ama-boots akahle kakhulu emaqakaleni, ngakhoke antofontofo kanti ungawafaka njalo.
■ Ama-boots e-suede: Antofontofo ekuswenkeni - nama-jean noma nama-corduroy ngezinsuku zasebusika.
■ Awezemidlalo/ongaqwala ngawo izinkalo: Uma ungumuntu oshaya ama-jean noma ama-T-shirt - noma kudingeka uhambe amabanga amade - udinga ama-boots ezemidlalo noma okuqwala izinkalo. Lapha kulapho ikhwalithi nobuntofontofo bungangatshazwa - awudingi ama-boots azosheshe aguge noma azokwenza izinyawo zakho zibe buhlungu.[z]
Isitayela: Lethu Nxumalo
Izithombe: Peter Whitfield
IZITOLO: Europa Art Shoes: Ezweni lonkana Spitz: Ezweni lonkana
IFESHINI YABESILISA
Ama-boots amibalabala anokusa-lace: R695, Spitz.
Ama-boots e-leather e-brown anokusa-lace: R1 990, Europa Art Shoes.
Ama-boots amnyama ano-zip anesikhumba senyoka: R2 600, Europa Art Shoes.
Ama-boots amnyama e-suede anokusa-lace: R895, Spitz.
Ama-boots amnyama e-leather ama-cowboy: R1 390, Europa Art Shoes.
