zulu.2148.uti's
Ukwelashwa nokuzivikela ezifweni zomgudu womchamo...
Ukuchama kabuhlungu
Uma uhlala uchama njalo - kubuhlungu lapho uchama - kungenzeka ukuthi unesifo esihlasela umgudu womchamo
siqoqelwe nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe ngabeGREAT STOCK!
U-AZOLA useye kasithupha endlini yangasese ekuseni namuhla. Kokunye akasitholi nesikhathi sokucela imvume yokuphuma kuthisha ngenxa yendlela umchamo osuke usumxine ngayo. Ngabe uphuze amanzi kakhulu" Cha - yize noma ephiswa, umchamo awuchamayo uba mncane kanti uyashisa. Ngabe kwenzenjani"
Inkinga ka-Azola ijwayelekile. Idalwa yisifo esihlasela umgudu womchamo kanti ingesinye sezizathu sokuba intsha, ikakhulu yamantombazane, ivakashele odokotela.
Siyini lesi sifo"
Uma unalesi sifo kusuke kukhona indawo eyonakele emgudwini womchamo, kubandakanya ishubhu elikhiphela umchamo ngaphandle emzimbeni, isinye, amashubhu amabili awulwelwesi akhipha umchamo ezinsweni uye esinyeni, izinso noma i-prostate (ekwabesilisa).
Izifo ezihlasela umgudu womchamo azithelelani.
Siphatha bani"
Amantombazane yiwona aphathwa yilesi sifo kakhulu kunabesilisa ngenxa yomehluko osemashubhwini akhiphela umchamo ngaphandle komzimba. Amashubhu amantombazane mafishane kunawabesilisa, kanti indawo umchamo ophuma kuyona iseduze kwesitho sangasese nendawo okuphuma kuyona indle. Amagciwane angangena kalula eshubhwini kowesimame.
I-prostate gland kwabesilisa ikhiqiza izinjimbilili ezikhubaza ukusabalala kwamagciwane. Nakuba abesilisa bengavamile ukuphathwa yizifo ezihlasela umgudu womchamo, uma zibaphatha, kuba buhlungu kakhulu.
Ngisithola kanjani"
Zimbalwa izindlela igciwane elingangena ngazo eshubhini elikhipha umchamo:
lUkwesula usuke ngemuva uye ngaphambili emva kokuzikhulula.
lUkuya ocansini. Intsha nabesimame baphathwa yilesi sifo uma sebeya ocansini. Amagciwane esithweni sangasese kowesimame angangena eshubhwini ngesikhathi eya ocansini.
lUkuzibamba uma uphiswe umchamo. Ukuhlala komchamo isikhathi eside esinyeni kwandisa amagciwane, umsipha wesinye ukhathale isinye sehluleke wukukhipha umchamo wonke ngaphandle, kube khona umchamo osala kusona.
lUkungaphuzi amanzi nokuluketshezi. Uma ungaphuzi izinto eziluketshezi ngokwanele awuchami njalo kanti lokho kwandisa amagciwane ugule.
lUkuhlela nge-diaphragm, noma usebenzise ama-spermicides ne-diaphragm noma nekhondomu.
lNoma yini eyenza umchamo ungaphumi kahle esinyeni.
lOkunye okungakudalela le nkinga wukugqoka ibhulukwe elikubambayo, wukugibela ibhayisikili, yinsipho enesiqedaphunga, o-powder nokudla okunama-spice.
Ngibona kanjani uma nginale nkinga"
Izimpawu:
lUkuchama njalo.
lUbuhlungu uma uchama.
lUkuzichamela.
lUkuphiswa umchamo kodwa kungachameki noma uchame kancane.
lUkuqaqamba kwesingezansi.
lUkuqaqamba ngenhla kwesitho sangasese (emantombazaneni).
lUkuqaqamba kwendawo yokuzikhulula (kwabesilisa).
lUbuhlungu uma uya ocansini.
lUbuhlungu esithweni sangasese.
lUmchamo onephunga noma onegazi.
lYimfiva.
lUkuzizwa uqhaqhazela nokukhathala.
Uma lesi sifo sesisezinsweni singaba yingozi. Ezinye izimpawu eziyingozi: yimfiva; ukugodola; inhliziyo encane nokuphalaza; umchamo omhlophe noma oyigazi.
Ngilwa kanjani nayo"
Isifo esihlasela umgudu womchamo singelapheka. Yisisebenzi sezempilo kuphela esingathatha isinqumo ngokwelashwa kwesiguli.
Qiniseka ukuthi ukuzwa kahle okushiwo ngudokotela ngokusetshenziswa kwemithi wenze lokho akushilo.
Yiphuze yonke imithi, ngale kwalokho lesi sifo singaphinda sikuphathe.
Kubuhlungu ukuphathwa yisinye kodwa imithi esetshenziswa namuhla iyasiza. Uma kuthikamezeka izinso nezinye izingxenye zomzimba ngenxa yalesi sifo, thola ukwelashwa ngokushesha ngoba ungafa nokufa uma ungalutholi usizo. [z]
BONA ZULU - March 2006
Ngingazivikela kanjani"
Ukuvikelwa kwabafana namantombazane:
lPhuza amanzi kakhulu.
lChama uma uphisiwe.
lThola uVitamin C. Wenza umchamo ube ne-acid usize nangokwehlisa izinga lamagciwane.
Amantombazane:
lGeza isitho sangasese ngaphambi nangasemva kokuya ocansini.
lGwema izitayela ezingenza ube nalesi sifo uma uya ocansini.
lQiniseka ukuthi isitho sangasese asomile uma uya ocansini.
lChama uphuze ingilazi yamanzi emva kokuya ocansini.
lUngayisebenzisi i-diaphragm. Buza kudokotela noma emtholampilo ukuthi ungahlela ngani.
lSula usuke ngaphambili uye ngemuva emva kokuzikhulula.
lShintsha ama-pad.
lUngafaki ziqedaphunga esithweni sangasese.
lGqoka okwangaphansi okwenziwe ngokotini. Faka ama-liner kakotini uma ugqoke izinto ezikubambayo neziyi-nylon.
Abesilisa:
lIsitho sangasese masihlale sihlanzekile uma ungasokiwe. Isikhumba esimbozile singavalela amagciwane ngaphakathi ugule.
BONA ZULU - March 2006
