zulu.2145.yourworld_entertain
UKUNGCEBELEKA KWABANSUNDU
Ukuzithokozisa kwami
Ngolimi lwaselokishini ukuthi 'Sochila' kusho ukuziphumulela. ISochila Diner & Lounge yindawo yobumnandi edumile eSoweto ekunika lokho kuziphumulela.
AMAQINISO
Ivulwa ngo-9:00 ekuseni kuze kube ngu-10:00 ebusuku phakathi nezinsuku nango-9 ekuseni kuze kube ngu-2 ekuseni ngezimpelasonto.
Shiya amateku akho nama-jean adabukile nezigqoko ekhaya ugqoke kahle ukuze uvunyelwe ukungena.
Ungakhokha phakathi kuka-R30 no-R55 ngokudliwayo.
Iziphuzo zibiza kusuka ku-R15 no-R20.
Kudlalwa umculo weR&B neDeep House.
ISochila ikunombolo 437, Diepkloof Phase Two eSoweto. Bashayele kule nombolo: 011-985-4343.
UMCULO
KULE NYANGA: Emva kokunyamalala isikhashana, sebephinde baqhamuka namanye ama-albhamu ashisa izikhotha.
Black Summers' Night (Maxwell)
Emva kweminyaka engu-8 uMaxwell usekhiphe i-albhamu entsha. Uthi lesi sikhathi usisebenzisele ukuvuselela umqondo nomculo. Umqondo wakhe ongajwayelekile wezingoma zothando uzwana kakhulu nesigqi se-jazz. I-albhamu yonke imnandi - kodwa izingoma ongazidlala uziphindelela ngethi Bad Habits nesingili ethi Pretty Wings.
The Album (Lebo Tisane)
Lo mculi womculo weR&B ubesacwilile kule minyaka kusukela akhipha i-albhamu ngo-2004.
I-Front Cover - uLebo ongasazibizi kwezomculo ngokuthi u-Elle useqhamuke nolozolo lwesigqi se-jazz emicwini emidala yoKholo efana nethi Mmele, Pelo Le Moya nethi Jeso Ke Mmoloki. Bekuzokuba ngcono ukumuzwa esishayela ezinye zezingoma zakhe zakudala zomculo woKholo. Masethembe mhlawumbe lokho kuzokwenzeka ngokuzayo.
Afterparty (Psyfo)
Sekuphele iminyaka emithathu kusukela akhipha i-albhamu yakhe yokuqala nayiqamba ngaye uPsyfo, kanti le
yesibili iqukethe izihlabani ze-hip hop ezifana no-HHP no-Amu engomeni yodumo ethi Double Cross. Le albhamu ibophele isigqi esinhlobonhlobo ngenxa yophrojusa abehlukene. Okufike kwagqama wukuthuthuka kwekhono lakhe ekubhaleni noku-rapper okuseqophelweni eliphezulu kusukela akhipha i-albhamu edlule.
SIBUKEZA AMA-DVD
KULE NYANGA: Ama-movie asuselwe ezigamekweni zoqobo.
The Pursuit of Happyness
Abadlala phambili: Will Smith, Thandie Newton, Jaden Smith
Ubude: 2 amahora
UWill Smith ukhombisa elikhulu ikhono ekudlaleni njengoba engu-salesman, uChris Gardner onamaphupho amakhulu ngempilo yakhe neyomndeni wakhe. Le ndaba eyiqiniso iqala kabuhlungu lapho uChris ezithola elahla imali yomndeni ngebhizinisi elingabanga yimpumelelo. Njengoba umkakhe esehambile, naye esengenayo indawo yokuhlala, uChris nendodana yakhe sebezithola sebehlala esitaladini. Nakuba bebhekene nempilo enzima kodwa kudingeka ukuba iqhubeke impilo.
Notorious
Abadlala phambili: Angela Basset, Derek Luke, Jamal Woolard
Ubude: 2 amahora
Isuselwe empilweni esheshayo nasekufeni komculi uNotorious B.I.G. Le filimu isikhombisa ithalente nokubekezela okwasiza uChristopher Wallace wakwazi ukuguqula impilo yakhe kusukela ekuzibandakanyeni nezidakamizwa kuya ekubeni ngomunye wabaculi be-rap abaphambili.
Cadillac Records
Abadlala phambili: Beyoncé, Cedric The Entertainer, Gabrielle Union
Ubude: 1 ihora 49 imizuzu
Impilo yesikhathi somculo we-rock & roll ngeminyaka yo-1950 yayigcwele ucansi, udlame nokucwasana ngokwebala. Abe-Cadillac Records basilandelela impilo yezinye zezihlabani zomculo waseMelika ngazo lezo zikhathi.[z]
FUNDA, UBUKE, UPHUMULE
Isonto lami
Ongumholi weqembu lomculo woKholo iNcandweni Christ Ambassadors uTimothy Myeni, usilandisa ngebandla lapho engumfundisi khona.
Isonto: Evangelical Church in Big Bend, Swaziland
Umfundisi: Timothy Myeni
Inkonzo yangeSonto: 10.30 ekuseni kuya ku-1 emini
Lona ngunyaka wami wesithathu. Nobaba wayengumfundisi khona lapha kanti mina selokhu ngazalwa ngiyilungu laleli bandla.
Ubani owakukhuthaza ekuhambeni isonto?
Ubaba wami: wayebathanda abantu nomculo kanti wasifundisa ukuba sihloniphe ibandla kube khona esikwenzela lona.
Yikuphi okukhumbulayo ngaleli bandla kudala?
Ngikhumbula ngisacula kuSonto-siKole ngishumayela.
Ngabe iSonto likuvuselele kanjani ngokomoya?
Indlela engcono engingaphendula lo mbuzo wukuba ngizibuze ukuthi: ukube kwakungenhloso kaNKULUNKULU, ngabe ngingumculi odumile, ilungu lephalamende noma umfundisi ebandleni? Cha ngabe akunjalo!
Ufuna sibatshele ngendawo yakho yokudla ephambili, yokucima ukoma, i-car wash noma iSonto? Sithumelele i-e-mail ku-bona@caxton.co.za. Sitshele kabanzi ngaleyo ndawo usifakele inombolo esingabathinta kuyo nezithombe ezimbalwa.
Nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
