zulu.2142.yourbackpage_last
Isithombe sokugcina engasithwebula...
Ngangiseholidini nomndeni wami eBrazil ngoDecember. Saya esiqhingini esihle sase-Angra Dos Reis. Ngiyaluthanda ulwandle. Yingakho ngithanda ukuhlala ePort Elizabeth.
Umdlalo weBafana wokugcina owangiphuthela...
Eyayiwudlala neChile ngoba ngangiye emhlanganweni weCAF owawuseNigeria.
Umuntu engigcine ukumqabula...
Ngunkosikazi wami ngivalelisa izolo kusihlwa. Ikhaya lami bengilishiyiswa nguRich Mkhondo oyinhloko ye-2010 yezokuxhumana ebesizohlangana naye!
Umculo engigcine ukuwulalela...
OwamaStylistics ebengiwulalele ngiya e-airport. Ngiyalithanda lelo qembu.
Ipheya lezicathulo lokugcina engilithengile...
Yileli engiligqokile. Ngilithenge eVienna e-Austria ngesikhathi ngiye kwi-Eurofinal. Ngalithenga ngiphoqelekile ngoba ngangidinga izicathulo ezintsha.
Isidlo sokugcina engisidlile...
YiNando's. Ngiyazifela ngayo noma iKFC ngoba ngizwana nenkukhu ezidlweni ezingama-takeaways.
Ukugcina kwami ukushaywa wuvalo...
Angisiboni isidingo sokushaywa wuvalo. Uma kukhona okungiqwashisa ebusuku, ngizama ukuthola ikhambi. Uhambo esikulona lumazombezombe, lusisusa la lusibeke la.
Ukugcina kwami ukukhahlela ibhola...
Ngigcine emasontweni amabili edlule. Ngangidlala nendodana yami eneminyaka engu-20 nabangani bayo.
Isexwayiso sokugcina engisikhiphile...
Ngihlale ngikhipha izexwayiso - azisali ohlelweni esiphezu kwalo. Esikwenzayo kufanele kuphele ngesikhathi - umdlalo esiyovula ngawo kumele uqale noma kanjani ngoJune 11, 2010. Akukho okunye!
Iphupho lami lokugcina nge-2010...
Ngaphupha ukuthi le midlalo ingasakha kanjani isizwe kwiSA entsha. Amazwe amaningi e-Africa ayesenengqalasizinda esezingeni eliphezulu ngesikhathi ekhululeka.
Sithi ingqalasizinda yaseSA kumele ibe ngcono emva kuka-2010 kunalokhu eyayikona ngaphambi kuka-1994 kanti kuno-R3 billion wokulungisa izikhumulo zezindiza, amahhotela, imigwaqo nezinye izakhiwo nezinkundla.
Kodwa ukwakha isizwe kubuye kuthinte nabantu baseSA. Ngesikhathi iNgilandi idlala neBafana, kwakuqala ukuthi abalandeli bangahhahhami uma bezwa iculo lesizwe lezimbangi zabo. Uma kukhala indweba yokuqeda umdlalo, abalandeli beNgilandi abasisweli isizathu sokususa uthuthuva. Kodwa babebambene ngezandla becula.
Impelasonto yokugcina ngiphumulile...
Angikaze ngiphumule.
Sihlanganiselwe nguPatricia McCracken
IKHASI LOKUGCINA
Sixoxisane noDanny Jordaan oyisikhulu se-2010 ngesikhathi ezohlola inkundla yaseThekwini yeWorld Cup
