zulu.2138.feedback
ABAFINYELELE KUMAFAYINELI KU-2008
1. UDaphne Leso waseNkokone Primary School eSandspruit ngowafinyelela kumafayineli wasePolokwane. Unguthishanhloko owasungula uhlelo lomsebenzi wokutshala okumanje uphakela izitolo ngama-vegetable edolobheni. Lokhu sekunike abaningi abazibandakanye nalolu hlelo ukuba bazakhele imali nokuba kuzuze umphakathi nesikole iNkokone Primary School imbala.
2. USamkelisiwe Mbambo wasoLundi eKZN nguye owawina. Ungumbhaki kanti wazisungulela ibhizinisi elincane elibizwa ngokuthi yiSomething Phenomenal ngo-2007. Inhloso yakhe wukuphakela amakhasimende akhe ngokunekhwalithi ngamanani ancike kwawasezimakethe.
USamkelisiwe ukuzinikela ebhizinisini nokucabanga ngokuphusile nokuzimisela ekufundeni mayelana nalo, yizinto ezikusimamisayo.
3. UBeauty Nokuzola Golozana waseSteytlerville eduze kwasePort Elizabeth wawina e-Eastern Cape. Waqala iSamkele Spaza Shop nokuyilapho edayisa imvunulo yesintu kanye nokudla ngo-2002. Inhloso yokusungula kwakhe leli bhizinisi kwabe kungukunika amakhasimende akhe okwekhwalithi okubiza kahle, nokuba umphakathi ungaze ugibele uye kwezinye izindawo.
4. UDaniel Mogale wase-Ivory Park eMidrand, nguye owafinyelela kumafayineli ePitoli kulo nyaka. UDaniel wasungula ijimu eyaziwa ngokuthi yiMmamakobe Fitness Centre ekhaya kubo ngo-2004. Waba nothando lwezobuciko bokuzivikela kusukela esemncane. UDaniel kwakuyiphupho lakhe empilweni ukuba nejimi.
Namuhla uDaniel unamalungu angaphezu kuka-100 abhalisiwe.
UGladys Bila wawina e-East Rand. Wasungula ibhizinisi lakhe lokuthengisa ama-bunny chow, ama-snack nama-fruit ethengisela izingane zesikole sendawo ngo-2007. Uphinde athengise iMageu Number 1 kanti unethemba lokuthuthukisa leli bhizinisi lakhe libe yisitolo se-fast-food.
ULahliwe Mabusela waseSoshanguve nguye owafinyelela kumafayineli eGauteng kulo nyaka. Wasungula i-nursery school yakhe ngo-1997 enakekela izingane ezingu-20.
Namuhla usenakekela izingane ezingu-45 endaweni eyisipesheli ayakhe endaweni esemijondolo eSoshanguve e-Ext 2148. Nsuku zonke ngosizo lwabesimame ababili, uLahliwe ulungiselela lezi zingane ibhulakifesi, ilantshi nama-snack antambama... neMageu Number 1 nayo ihlale ikhona.
Ngeminye imininingwane ngeBONA EMPOWERMENT CLUB, funda uBONA zinyanga zonke noma uvakashele iWebsite yethu ethi:
www.empowermentclub.co.za
122 BONA ZULU November 2008
AMAFAYINELI ABE-MAGEU NUMBER 1 BUSINESS START-UP AWARDS
I-MAGEU Number 1 ibilokhu nyanga zonke iklomelisa abafinyelele kumafayineli ngo-R2 000 kumaBUSINESS START-UP AWARDS ka-2008.
Oyobashaya emakhanda uyomenyezelwa ngoNovember 22, 2008 eThe Pyramid eGoli, kanti uyothola imali
engu-R15 000. Owesibili uyothola R7 000 kuthi owesithathu athole
R4 000.
Kulo nyaka ka-2008 sikhuthaza umoya wobuntu, Ngezindlela ezehlukene, bonke abafinyelela kumafayineli bamele ukunakekela nokuthuthukiswa komphakathi kanjalo nezamabhizinisi kulesi sikhathi sobunzima.
