zulu.2137.10b94-95z
Indoda yakwelaseBrazil
WAZALWA aziwa ngokuthi ngu-Adriano Leite Ribeiro kodwa abalandeli bebhola emhlabeni jikelele bamazi ngegama elilodwa elithi: Adriano. Izazi zebhola zimthatha njengomdlali ophambili wakwelaseBrazil selokhu kwavelela uRonaldo.
Uyisidlakela sensizwa ngenxa yamahora amade awachitha ejimini yeMilan kanti amagoli uwashaya ngisho ngabe ukuphi enkundleni.
Lowo ngu-Adriano owazakhela igama emqhudelwaneni we-Sudamericano ka-2004 wasiza iBrazil yehlula izimbangi zayo ezinkulu i-Argentina.
Kulo mqhudelwano nguye owayebhekiwe. Ekupheleni kwalo mqhudelwano waba ngumdlali ophambili washaya amagoli ayisikhombisa emidlalweni eyisithupha.
Lokhu kwamenza bametha izibongelo ezithi yi- “The Tank” – ngamandla akhe nokuyiwo amenza akwazi ukukhahlela izimbumbulu zamabhola.
Okugqamile ngempilo ka-Adriano wumzimba wakhe omkhulu oyisidlakela. Endaweni yaseVila Humeilde eRio de Janeiro ukuze ukwazi ukubhekana nempilo kufanele ube yisikhondla. Endaweni engasebhishi kule ndawo, kukhona ububha nobugebengu.
Kwabaningi ukuziphilisa ngezidakamizwa, ukuthengisa ngomzimba nokweba yizona zinto ezibusa elokishini laseBrazil nokuyizinto okungelula ukuzigwema.
Abazali baka-Adriano babengeke bakuvumele ukuba lokho kwenzeke endodaneni yabo. “Babeqotho,” kusho kukhumbula yena. “Babefuna ngihlale ngitadisha.”
Leyo kwakuyiyona ndlela ababemkhipha ngayo kuzo zonke lezi zinto ezazenzeka emgwaqweni. Kodwa yena u-Adriano wayenezinye izinhlelo. Ibhola wayelithanda njengoba kuyisifiso sanoma yimuphi umfana ukudlalela izwe lakhe - kodwa bangaki abenza lawo maphupho abe yimpumelelo?
U-ADRIANO wayezethembile. Wadlalela iqembu lasendaweni iFlamengo eyayiziqeqesha ebhishi eseduze. UZico naye wayefika ezobheka abadlali abanekhono.
Kungakapheli isikhathi esingakanani, u-Adriano wayeseqalile ukumangaza ngisho nabazali bakhe. Ngo-1999 waphakamisa iNdebe yoMhlaba ka-U-17 eNew Zealand nokwathi emva konyaka waqala wadlala eqenjini elikhulu leFlamengo.
Emdlalweni wakhe wokuqala ngqa washaya igoli ngesikhathi bewina ngo-5-2 behlula iSao Paulo.
Ngo-November 2000, umqeqeshi weqembu lesizwe u-Emerson Leao wanika u-Adriano ithuba lokuba adlale okokuqala ngqa ngokugcwele eqenjini lesizwe ngesikhathi bedlala neColombia. Kodwa wehliselwa eqenjini lesizwe elincane emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba ka-U-20 ngo-2001 e-Argentina.
Waqeda kulowo mqhudelwano engowesibili kwababephambili ekushayeni amagoli ngokushaya ayisithupha.
“Kwi-Inter ngifuna ukuba yilokhu iqhawe lami u-Zico ayeyikho kwi-Udinese,” kusho u-Adriano ngaleso sikhathi.
Emdlalweni wakhe wokuqala bedlala ne-Real Madrid, wacishe washaya igoli ngekhanda emizuzwini yokuqala yomdlalo. Ukugijimisana kwakhe nonozinti we-Madrid uFernando Hierro kwaphetha ngokuba uHierro athole ikhadi elibomvu, u-Adriano wathola ithuba walivalela phakathi.
Bonke abantu, abalandeli, abemithombo yezindaba noRonaldo - ngaleso sikhathi owayesekwi-Inter - bathatheka kakhulu, ngaphandle komqeqeshi u-Hector Cuper.
“Akasona isimanga esitheni. Mhlawumbe lokho kuyokwenzeka esikhathini esizayo,” kusho umqeqeshi.
Ukuze athole ithuba lokuzinza, lo mdlali oneminyaka engu-19, uCuper wamvumela ukudlala emidlalweni eyisishiyagalombili ngaphansi kweSerie A ngaphambi kokuba abolekiswe iFlorentina.
Lapho u-Adriano wakhombisa ukuthi ubaluleke kanjani ngokushaya amagoli ayisithupha. Isikhulu se-Inter uMassino Moratti samusa kwiParma nokuyilapho ashaya amagoli angu-15 kwiSerie A namahlanu kwi-UEFA Cup.
Kwakubukeka sengathi uzolithola ithuba kwi-Inter. Kodwa ngeshwa akubanga njalo nokuyinto eyamphatha kabi esethola ukuthi usazohlala isikhathi.
ABALANDELI be-Inter abazange bathokoze ngaleso sinqumo - ikakhulu ngesikhathi bethola ukuthi u-Adriano wayecabanga ukuyodlalela i-AC Milan.
Abemithombo yezindaba babhala bathi uma i-Inter ilahlekelwa yi “The Tank” kuyofana nokuthi yehlele kuSerie B.
Ekugcineni kwaba ngumqeqeshi uHector Cuper owahamba exoshwa yizikhulu ze-Inter nokuyinto abaningi abayibona njengeyayifanele yenzeke kudala. U-Adriano wasayina ikontileka eyoze iphele ngo-2008 kwi-Inter.
“Wemukelwa njengomuntu ozobatakula isizini isiphakathi kubonakala ukuthi leli qembu lisengozini yokulahlekelwa abadlali abasezingeni lomhlaba ngonyaka olandelayo,” kusho omunye wababhali bezebhola. “Kodwa lokho akuzange kumqede amandla ekilabhini yakhe entsha.”
Waba namagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-13 yokuqala wedlula uChristian Vieri no-Alvaro Recoba, leli qembu lagcina lilele isine nokuyindawo yokuhlungelwa iChampions League.
Ukufika kowayeyisikhulu sakhe uRoberto Mancini ephuma kwiFlorentina kwaba ngezinye zezindaba ezimnandi kulo mdlali waseBrazil njengoba umqeqeshi wakubeka kwacaca ukuthi ngeke akhethe phakathi kuka-Adriano no-Vieri, kodwa kunalokho wayezokwakhela iqembu lakhe phezu kwalaba badlali bobabili.
Ngeshwa uVieri akazange ahlale isikhathi eside ngoba wahamba waya kwi-AC Milan ekupheleni kwesizini.
Ukuqala kwesizini ka-July 2005, u-Adriano ubesekulungele ukudlala phezu kokuba engazange aphumule kade edlala eqenjini lakhe lesizwe emqhudelwaneni weConfederations Cup eGermany emasontweni ambalwa edlule.
Kodwa wayezimisele ngokudlala. “Ngiyajabula ukuba ngibuye kanti isifiso sami wukuba siwine ne-Inter,” kusho yena etshela izintatheli.
Ngokungabikho kukaVieri, le nsizwa abalandeli abayibiza nge “Emperor” ayikhathazekile.
“Ungumdlali obalulekile,” kusho u-Adriano ekhuluma ngoVieri. “Kubuhlungu njengoba esahamba, kodwa lapha kwi-Inter baningi abadlali abanekhono elimangalisayo, sizokwazi ukwenza izimanga ngaphandle kukaVieri.”[z]
U-Emperor we-Inter Milan
Nakuba eseneminyaka eko-20, kodwa lo mdlali usekukhombisile ukubaluleka kwakhe eqenjini nasezweni lakhe…
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
94 BONA ZULU – October 2005
I-Inter Milan
Ekuqaleni kwesikhathi se-20th Century, imidlalo yomkhaya eMilan yayingaziwa, ngaleso sikhathi, ikilabhu eyayikhona kuleli dolobha kwakuyi “Milan Cricket and Football Club,” manje osekuyi-AC Milan.
Kodwa ngomhlaka 9 March 1908, kukhona abasungula i“Football Club Internazionale Milano.”
The “Internazionale” (international) ingxenye yegama yasuselwa esifisweni sabasunguli bayo ukwamukela abadlali bakwamanye amazwe kanye nabangamaNtaliyane.
Empeleni ukapteni waleli qembu wayengowokudabuka eSwitzerland - uHernst Manktl.
Ngo-1989, i-Inter yayisiwine iScudetto (Serie A) okwesi-13.
Ngonyaka owalandela kwi-Italia ‘90, abadlali bayo abathathu baseJalimane uBrehme, Klinsmann noMatthaeus bawina iNdebe yoMhlaba.
Ngo-1998, uRonaldo waba ngumdlali wokuqala we-Inter ukuwina umklomelo weFIFA ngokuba yiWorld Player.
Ngesizini yakhe yokuqala ka-2004/5 uRoberto Mancini engumqeqeshi kwi-Inter kwabakhona olukhulu ushintsho njengoba leli qembu lawina indebe yalo yokuqala eminyakeni eyisikhombisa lehlula iRoma ngo-3-0 kumafayineli eCoppa Italia.
BONA ZULU – October 2005 95
KWESOBUNXELE: U-Adriano edlala kwi-Inter Milan. Le nsizwa abalandeli abayibiza nge“Emperor” yasayina kuleli qembu ikontileka eyoze iphele ngo-2008.
KUDE KWESOBUNXELE: Emuva kwelaseBrazil u-Adriano babembiza nge-“The Tank” ngenxa yamandla akhe. Njengamanje amahora awachitha ejimini ye-Inter amsizile wehla ngomzimba kancane.
t
NGENHLA: Ngaphandle kokungabaza - lo mdlali osemusha wakwelaseBrazil usesize i-Inter yabuyelwa wudumo lwayo.
Isifiso sami esikhulu wukuba siwine ne-Inter.
